UNksz u-Andiswa Mchunu, umsunguli weMaua Mazuri Luxury Flowers yaseSikhawini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ukushaya indiva abebemngabaza eqala ukudayisa izimbali elokishini kuthela izithelo kosedlondlobala kuleli bhizinisi. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ABANINGI bamhleka usulu eqala ibhizinisi lokudayisa izimbali elokishini ngoba kuyibhizinisini okukhonya ezinye izinhlanga kulona. Abanye babeya ubusha bakhe, bebodwa ababemngabaza ngoba enza into angayifundele.

Ukukholelwa kuyena uqobo nokuzihlupha ngezindlela angazisebenzisa ukuqala nokudlondlobalisa ibhizinisi, kwenze wama ngisho sekunzima, ikakhulukazi njengoba engene kwezamabhizinisi esikhathini ebesinzima ezweni; isikhathi sokubheduka kobhubhane nokuvalwa kwezwe.

UNksz u-Andiswa Mchunu, oneminyaka ewu-23, waseSikhawini, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, uwumsunguli weMaua Mazuri Luxury Flowers, inkampani edayisa izimbali ezihlukene. Isisimeme kangangokuthi isinegatsha lesibili esanda kulivula eThekwini.

UNksz uMchunu, one-BCom Accounting yaseRegent Business School, ayiphothule ngo-2019, uthi isinqumo sokuqala ibhizinisi usithathe ngo-2020 ngemva kokuthweswa iziqu zakhe enzela ukungahlali engenzi lutho esahlwaya umsebenzi awufundele. Ukuthi Maua Mazuri yisiSwahili, okusho “izimbali ezinhle” ngesiZulu.

Izimbali ezinhle neziyoliyoli zezipho ezitholakala eMaua Mazuri

“Nangaphandle kwalokho, ngikhule ngizithanda kakhulu izimbali, nokuthe sengithweswe iziqu ngabona kuwumqondo omuhle ukuqala iMaua Mazuri Luxury Flowers ukuziphilisa, ikakhulukazi ngoba izwe belibhekene nobunzima beCOVID-19, kungelula ukuthola umsebenzi.

“Ngase ngibonile ukuthi abantu abaningi baselokishini bayazithanda izimbali kodwa abazi ukuthi bangazithola kuphi, kanjani, ngaliqala kanjalo-ke ibhizinisi ukuze ngibe wusizo kwabathanda izimbali njengami,” kulanda yena.

Uthi esaqala ubezithenga ezinkampanini ezizidayisayo bese ezihambisela amakhasimende akhe emakhaya mathupha, nokuthe ngokwanda kwesibalo sabazifunayo, wagcina eseqasha izisebenzi ezizomlekelela. Izimbali zakhe ziqala kuR550 kuya kuR1 000.

“Manje nginezisebenzi eziyisithupha ezingisiza ukuqhuba umsebenzi kanti ngisanda kuvula igatsha lethu lesibili eThekwini ngenxa yokwanda kwesibalo samakhasimende ethu,” kusho uNksz uMchunu.

Yize umsebenzi uhamba kahle okwamanje kodwa njengawo wonke usomabhizinisi, naye zikhona izinselelo abhekane nazo ngeMaua Mazuri.

“Ukukholelwa kimina uqobo, ukuhlale ngizikhuthaza zikhathi zonke nokuba sezingiseni eliphezulu kwezimbali zethu, okwenze ngangawasokolela amakhasimende. Manje abantu sebehlale bejahe ukubona ukuthi hlobo luni lwezimbali esiza nazo ukuze bazithenge,” kusho yena.

UNksz uMchunu uthando lwezimbali uluzwa ngaphakathi

Uthi konke loku akuzi kalula kodwa kudinga ukuthi ahlale esebenza kanzima njalo ukuze amakhasimende akhe ahlale egculisekile. “Leli wuhlobo lwebhizinisi elidinga uhlale ukhona njalo bese uba nezindlela ezintsha ozodoba ngazo amakhasimende.

“Enye into esizayo futhi wukuzethemba nokukholelwa entweni oyenzayo, ungathathi ibhizinisi njengento yokudlala kodwa uzimisele ngaso sonke isikhathi, bese uphatha amakhasinmende akho ngokulinganayo ukuze zonke izinto zizohlale zihamba kahle,” kuphetha uNksz uMchunu.

Facebook: Maua Mazuri Luxury Flowers

Instagram: mauamazuriluxuryflowers

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page