UMnu uThulani Sicongwana, umsungulii weThulz Premium Barbershop, yaseVosloorus, eGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Uphokophele ukuletha izinga lezindawo zokugunda zomntakabani elokishini. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

Iphupho likaThulani Sicongwana wukusungula izindawo zokugunda ezisesitayeleni kuwo wonke amalokishi kanti uzoqala ngezimbili Ekurhuleni. 

Ekhuluma neVutivi News uSicongwana uthe indawo yakhe yokugunda iThulz Premium Barber Shop ikwenza uzizwe sengathi usendaweni yokugunda esedolobheni kodwa ube uselokishini. Indawo yakhe yokuqala iseVosloorus, lapho akhulela khona, kanti maduze uzovula enye eKatlehong.

Ibhizinisi likaSicongwana laqala emva kokuphela ngokuzuma komsebenzi wakhe wokusabalalisa umculo. Nakuba ayeseliqalile ibhizinisi lakhe ngo-2020, uqale ukugxila ngokugcwele kulona emva kokubhuntsha komcimbi womculo ayezama ukuwuhlela.

“Ngaqala ibhizinisi ngoba ngibona ithuba lokuba nendawo yokugunda esezingeni futhi engabizi kakhulu elokishini,” kusho yena.

“Nakuba singeke siphike ukuthi izindawo zokugunda ziningi elokishini, eyethu ihlukile ngokuthi inamanani angabizi inesitayela kakhulu kunezinye.

Uthi waxhaswa wuyise ongasekho ukuze aqale ibhizinisi lakhe. “Ubaba wabona ithuba lokutshala imali ebhizinisini lami, wathatha uR50 000 wakhe wokugcina wathi uyakholelwa ephushweni lami,” kukhumbula yena.

“Ngaliqala ibhizinisi kanti laseliphithizela ngesonto lokuqala livuliwe. Loku kungenxa yendlela esiphatha ngayo amakhasimende nempatho esinayo.” 

Ezinye zezitayela ezigundwa eThulz Premium Barbershop

Uqashe abantu abahlanu kanti kuyagundwa, kufakwe udayi, kuyashefwa kuncwelwe intshebe nokunye ukucwala abantu besilisa.

USicongwana uthi waziqeqesha izisebenzi zakhe ukugunda. “Enye yezinselelo kube wukuqeqesha izisebenzi zami, iningi lazo elaqala lingenasipiliyoni sokugunda izinwele,” kusho yena.

“Ngenxa yokubaqeqesha kwami, abanye abakebangisebenzela sebevule izindawo zokugunda zabo, loku kungenye yezinto engizithakaselayo ngomsebenzi wami.”

IThulz Premium Barbershop ishaya nange-menu ikhasimende elikhetha kuyona ukuthi lifunani

USicongwana useqokelwe ukuba wusihlalo weVosloorus Boulevard, isikhungo sezitolo lapho kukhona ibhizinisi lakhe khona. Uthakasile ngaloku. “Ngenkathi ngikhethwa, kwangicacela ukuthi ngikwazi ukuba wumholi, kungenxa yokuthi abalingani bami babona kimina umuntu onombono wokusimamisa amabhizinisi nelokishi labo.”

Uhlela ukuvula indawo yokugunda yesibili ngo-Agasti lapho ezokwengeza ukucwala izinzipho zezandla, ezezinyawo nama-facial abantu besilisa.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page