UNkk uSindisiwe Hlongwane, umnikazi weCindy’s Hot Chillie Sauce, yakwaNdengezi, eThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Obesebenzela isikhondlakhondla sehhotela usenebhizinisi lesinongo senyama esinomkhuba phakathi elithi yena. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE ethanda ukupheka, nokwenze wafisa ukugcina esenenkampani eyenza okufaka ukudla. Nebala kugcine kuya njengokufisa kwakhe ngenkathi ezithola esungula ibhizinisi le-sauce kapelepelele.

UNkk uSindisiwe Hlongwane, waKwaSanti kodwa osehlala KwaNdengezi, eThekwini, KwaZulu-Natali, lapho eganele khona, uwumsunguli weCindy’s Hot Chillie Sauce.  Leli yibhizinisi le-sauce kapelepele athi bese kuyisikhathi eside efuna ukuyiqala kodwa enqindwa wukungabi nemali eyanele. Indlela ethandwa ngayo i-sauce yakhe yenza akhathazeke ngokuthi uzofinyelela kanjani kuwo wonke amakhasimende akhe.

“Ngikhule ngiwumuntu okhonze ukupheka nokuthe sengiphothule umatikuletsheni ngenza izifundo zeFood and Beverage Management e-ICESA, ngenzela ukuthola ulwazi oluthe thuthu ngokupheka nokunye okuhambisana nako,” kulanda yena.

Eseqede e-ICESA ngo-2005, usebenze ewumpheki oyithwasa esibhedlela i-Addington, wasebenza njengompheki nakwezinye izinkampani, ilapho efunde khona okuningi ngebhizinisi lokupheka.

“Ngisebenze naseHilton Hotel ngo-2014, ngashiya ngo-2016 sengithole umsebenzi wokuba wumpheki kwenye yezinkampani zaseCanada. Kuyona ngisebenze unyaka, ngase ngibuyela ekhaya.

“Sengibuyile isimo sibe (nzima) ekhaya, ngizabalaza nomyeni wami obebuye angawutholi umsebenzi embonini yezokwakha agxile kuyona. Loko okuphoqe ukuthi ngicabange into engizoyenza ukuze ngimlekelele,” kusho uNkk uHlongwane.

Yilapho-ke afikelwa khona wumqondo weCindy’s Hot Chillie Sauce, ayiqale ngo-2018, wayibhalisa ngo-2019. I-sauce ibiza uR30 ibhodlela eliwu-300ml.

“Ngasebenzisa uR1 200 ukuthenga izithako ezinjengo-garlic, uviniga nezinye eziyimfihlo yami ezenza wehluke kwabanye opelepele. Ngiqala bengidayisela omakhelwane uma benza imicimbi ngagcina sengithola amakhasimende nakwezinye izindawo,” kusho yena.

I-sauce yeCindy’s Hot Chille Sauce nezinye zezithako zayo

Uthi ukungabi nendawo eqondile yokudayisa i-sauce nokwanda kwesibalo samakhasimende ezindaweni ezihlukene ngezinye zezinselelo anazo.

“Okwamanje (i-sauce) ngiyenzela ekhaya (bese ngiyidayisela) eDurban Station lapho ethandwa kakhulu khona wosomatekisi, kanti ukungabi nemali eyanele kwenza kube nzima ukukhulisa ibhizinisi ngendlela engifuna ngayo.

“Kumanje kunamakhasimende angithintayo ezindaweni ezikude neTheku nakwezinye izifundazwe engingazi ukuthi ngizofinyelela kanjani kuwona ngoba ngibuye ngiswele imali kaphethroli wokuhambisela amakhasimende angaphandle kweTheku,” kuzikhalela yena.

Yize kunjalo kodwa uthi kuyamjabulisa ukubona nokuzwa abantu bekhombisa ukuyithanda i-sauce yakhe, nokuthi ngakutholayo uyakwazi ukulekelela umnyeni wakhe baziphilise nendodana yabo.

 “Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze iCindy’s Hot Chillie Sauce igcine isiyaziwa umhlaba wonke, ngikwazi nokuvula amathuba emisebenzi entsheni enothando lokupheka.

Ukhuthaza abanothando lokupheka ukuthi baqale manje basebenzise ikhono labo ukuziphilisa. “Uyabona nje nami ngibuye ngizisole ngokuhlala isikhathi eside ngingaliqali ibhizinisi, ngakho (ngiyabayala) ukuthi uma benesiqiniseko ngento abafuna ukuyenza, abaqale kusemanje bangenzi iphutha elenziwa yimi,” kuphetha uNkk uHlongwane.

Facebook: Cindy’s Hot Chillie Sauce

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page