Kukhona osomabhizinisi abahleka bodwa ngenxa yokucinywa kukagesi. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

KUYAQHUBEKA ukucinywa kagesi osekuthathe amasonto kwaze kwaba yinjwayelo. Umbuzo uthi ngabe amabhizinisi amancane azokwazi yini ukuba nezinye izindlela zokuthola ugesi?
Njengoba amabhizinisi amaningi asafufusa ethembele ku-Eskom, ukucinywa kukagesi kuhlomulisa izinkampani ezifaka ama-solar panel aphehla ugesi welanga.
UMnu u-Eddy Mokobodi ophethe iSakisa Energy & Technology Group, inkampani encane efaka i-solar, ungomunye walaba banikazi bamabhizinisi abasizakalayo ngokucinywa kukagesi.
Ukholwa wukuthi kuyaphoqa ukuthi amabhizinisi amancane abenendlela yokuphehla ugesi welanga uma engakwazi ukumelana nezindleko zokuwafaka. “Ngikholwa wukuthi ugesi ophehlwa ngelanga ungawasiza amabhizinisi asafufusa uma enawo amandla okuwukhokhela ngoba angakwazi ukulawula izidingo zawo zikagesi ngesikhathi sokusebenza nokunciphisa ubungozi obubakhona ngenxa yokucinywa kukagesi.
“Njengoba umnotho uqhubeka udonsa kanzima, amabhizinisi amancane kumele awabheke ama-solar,” kweluleka yena.
Ebuzwa ukuthi amabhizinisi amancane engakwazi yini ukuwufaka lo gesi, uMokobodi utshele iVutivi News ukuthi kuya ngobukhulu bebhizinisi.
“Akuwona wonke amabhizinisi amancane angaba nemali yokuthola into enkulu kodwa zingaba khona izisombululo ezingasiza amabhizinisi amancane. Kuya ngokuthi ibhizinisi lingaba nemali engakanani noma lingakwazi yini ukuthatha isikweletu ukuze lifake i-solar,” kusho yena.

UMokobodi uthe kunyukile ukuthengwa kwama-solar selokhu kuqale phansi ukucinywa kwagesi.
“Silindele ukuthi ama-oda anyuke unyaka wonke ngokwesibalo sabafuna ukufakelwa amasola kulo nyaka. Nakuba ukucinywa kukagesi kukuhle embonini yabafaka ama-solar, kumele sibuye sicabange ukuthi sidinga umnotho uqhubeke usimame, sibe nomnotho ophapheme ozoba namabhizinisi asebenza kahle (angakwazi ukukhokhela ugesi ophehlwa ngelanga).”
UMokobodi ukholwa wukuthi kufanele uhulumeni utshale imali kwezinye izindlela zokuphehla ugesi. Uthe uhulumeni unezakhiwo eziningi ezingasetshenziswa
Ngokusho kweSolar Advice, ewongoti ekufakeni ugesi ophehlwa ngelanga, amanani okufaka i-solar aphakathi kwaR2 500 noR12 000 kuye nohlobo nobukhulu bayo.
Nakuba kuwutiki lona emabhizinisi amakhulu kodwa yimali iningi lamabhizinisi amancane elingabi nayo.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Sakisa Energy&Technology Group
Facebook: Eddy Mokobodi

