UNksz u-Anele Shezi, umnikazi we-Anele The House Madam yaseDundee, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Uphokophele ukufinyelela esicongweni abazali bakhe abangafinyelelanga kusona onebhizinisi lokuhlaza izindlu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA abazali bakhe bezama kaningi ukuqala amabhizinisi ehlukene kodwa angasimami kwenza afise ukuqhubeka nokusebenza kanzima ukuze aqede lolo khondolo lwakubo ngebhizinisi lakhe lokuhlanza izindlu.

UNksz u-Anele Shezi, oneminyaka ewu-27, waseDundee, enyakatho yeKwaZulu-Natali, wumsunguli we-Anele The House Madam, ibhizinisi lokuhlanza ingaphakathi lezindlu nefenisha emizini yabantu.

“Ngikhula umama nobaba bazama kaningi ukuqala amabhizinisi ehlukene kodwa ngezizathu engingazazi wonke awangachuma. Loko kungenye yezinto ezingikhuthaze ukuthi ngiqale ibhizinisi engizoqeda ngalo lolu khondolo lwasekhaya.

“Nangaphandle kwaloko, ngikhule nginesifiso sokuba nebhizinisi ukuze ngigweme ukulindela imali endaweni eyodwa, ikakhulukazi esikhathini samanje lapho kubhoke khona indlala yamathuba emisebenzi,” kusho yena.

Ithimba le-Anele The House Madam

Okunye okuphinde kwenza wafisa ukuqala ibhizinisi wukuthwala kanzima esephothule izifundo ze-Public Management eDurban University of Technology ngo-2017. Wahlala iminyaka emibili yonke engawutholi umsebenzi. “Bekunzima ngifuna umsebenzi kwaze kwaba wu-2020 sengithola isikhala sokuba yithwasa emNyangweni weMfundo esiFundeni saseDundee, nokuyilapho engisabambe khona namanje.

“I-Anele The House Madam ngize ngayiqala ngo-Okthoba ngonyaka odlule ngisebenzisa imali engiyithola emsebenzini neyesibonelelo sikahulumeni engiyithola ngengane yami. Ngisizwe nayiNYDA (iNational Youth Development Agency) engicije ngokuqala nokuphatha ibhizinisi, loko kwenza ezinye izinto zaba lula sengiqala,” kulanda uNksz uShezi.

Uthi yize bengekho ancintisana nabo ngakubo ngaleli bhizinisi kodwa usakuthola kunzima ukuthola amakhasimende ngenxa yokuthi abantu abaningi abasebenzi, ngakho abanye abamqashi ngisho befisa.

“Enye into eyinkinga wukuthi ngiqashe abantu abadala kunami (izisebenzi zakhe eziyisithupha), kwesinye isikhathi angihlonipheki ngendlela efanele, kanti nokungabi khona ebhizinisini ngokugcwele kwenza ezinye izinto zingahambi ngendlela engifisa ngayo,” kusho yena.

Uthi ukwenza umsebenzi bawuqede kubathatha usuku kuya kwezimbili.

Indlu isala ishaya umoya kanje ngemva kokuhlanzwa yi-Anele The House Madam

Ecebisa abathanda ukuqala ibhizinisi, uthi abangene sebazi ukuthi lidinga ukuthi uzimisele, usebenze kanzima ukuze kungabi lula ukuphosa ithawula ezimweni ezinzima.

Mayelana nezinhlelo ngekusasa, uNksz Shezi unezinhlelo ezinkulu zokusimamisa ibhizinisi lakhe. “Kuningi engifisa ukukufeza nge-Anele The House Madam, okungakho ngifuna enye indlela yokwenza imali ukuze ngilifukule,” kuphetha uNksz uShezi.

Facebook: Anele Shezi/Anele The House Madam

Instagram: aneleshezi

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page