UMnu uMfanafuthi Mkhwanazi, umnikazi weMakgoeng Eatery, ayisungule nesithandwa sakhe uNksz uShabela Makhaphela, yaseTembisa, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ukuphelelwa wumsebenzi ngemva kokudilizwa nokungawutholi omunye kumphoqe ukufeza iphupho elidala lokuzisebenza ngomuso. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Kube njalo nasensizweni yaseTembisa, eGauteng, okuthe ngokudilizwa emsebenzini ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kwavuleka ithuba lokuzisebenza ukuxosha ikati eziko. Idilizwe nje, ibisineminyaka emine isebenza kule nkampani.

Umashayandawonye wokuhlala ekhaya nokubhuntsha kwemizamo yokuhlwaya umsebenzi kugcine kumenza ukuthi achithe isizungu ngokupheka. Nasebhodweni ubengebukhali kanti ubecijwa wunina wengane yakhe, onamava ekuphekeni njengoba eqeqeshwe futhi esebenza kwelinye lamahhotela avelele.

Ukunconywa wu“mqeqeshi” wakhe kwenze wagcina esefisa ukuthi isandla sakhe sizwiwe ngabanye abantu. Izaleke kanjalo iMakgoeng Eatery kaMnu uMfanafuthi Mkhwanazi, ayisungule noNksz uShabela Maphakela, unina wendodakazi yakhe.

UNksz uMaphakela esekhishini eliwumahambanendlwana leMakgoeng Eatery

Kakade ukusunguleka kweMakgoeng kube wukugcwaliseka kwesifiso esidala sikaMkhwanazi noNksz uShabela sokuthi eminyakeni ezayo bavule indawo yokudla.

Nokho akubanga lula ngemva kuqhamuka nomqondo webhizinisi. “Sibe nenkinga sifuna imali yokuthenga i-trailer esizophekela kuyona ebibiza uR100 000. Saze sasizwa wubaba kaShabela esixhasa ngemali yokuyithenga, yaqala kanjalo-ke iMakgoeng Eatery, ngayo esihlose ukushiyela indodakazi yethu eneminyaka emihlanu ifa laphakade,” kusho yena.

IMakgoeng Eatery ewumahambanendlwana

“Bese kuphele unyaka nezinyanga eziyisithupha ngifuna umsebenzi ngemva kokudilizwa emsebenzini ngo-2020.

“Ngenxa yokuthi sinoShabela (uNksz uMaphakela) besivele sihlela ukuqala indawo yokudla eminyakeni ezayo, sibone kuwumqondo omuhle ukuqala manje ngenkampani yokupheka (ngethemba) lokukhula ngendlela,” kulanda yena.

UMkhwanazi uthi akaboni bezosokolela amakhasimende ngoba ngaphambi kokuqala iMakgoeng bese bevele beqale ngokuphekela imicimbi ehlukene eTembisa namaphethelo.

Bakwazi ukupheka lonke uhlobo lokudla. Babiza kusuka kuR10 kuya phezulu. “Sigabe ngokuthi ekudleni esikuphekayo sengeza ngama-sauce esizenzela wona, kanti namava kamama wendodakazi yami kwenza sehluke kakhulu ezimbangini.”

Olunye unqambothi lokudla kweMakgoeng Eatery

Uthi abafuni ukuphelela ekuphekeni ekhishini eliwumahambanendlwana kodwa bafuna ukugcina bevule indawo enkulu.

“Sifuna ukuqhubeka siphekele abantu kulo lonke leli (zwe) bese sivula namathuba omsebenzi, ikakhulukazi entsheni engasebenzi elokishini,” kuphetha uMkhwanazi.

Facebook: makgoengeatery

Instagram: makgoeng_eatery

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page