Uyadlondlobala ekubazeni ifenisha ongene kulo mkhakha ngoba ethi ubamba itoho. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUMA noma sekunzima nokungavumeli izinkinga abhekane nazo ebhizinisini eminyakeni edlule zimphazamise kumqinise ukhakhayi, kwenza wafana nenqama ebuya namandla ukukhulisa ibhizinisi lakhe lefenisha.
UMnu uMduduzi Bhila, waseNelspruit, eMpumalanga, wumsunguli we-Essential Holdings and Interior, inkampani eyenza lonke uhlobo lwefenisha ayisungule ngo-2012. Uneziqu i-Mechanical Engineering zase-University of Johannesburg (i-UJ).
Ngemva kokuphothula izifundo zakhe e-UJ, kube nzima engawutholi umsebenzi awufundele, nokugcine ngokuthi aqashwe wumzala wakhe onesitolo sefenisha enzela ukuziphilisa kanti akazi ukuthi uzogcina esenothando lwayo.
Uthi wayengacabangi ukuthi angaqala ibhizinisi, yize ayesewuthanda ngokweqile umsebenzi abewenza esitolo kodwa ngenxa yezinxushunxushu zomndeni ugcine ebona kufanele azimele, yaqala kanjalo-ke i-Essential Holdings and Interior.
“Ngiqale ibhizinisi ngingenalutho. Ngikhumbula nje ukuthi ikhasimende lami lokuqala kwakuwusomabhizinisi wase-Italy owabona umsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana, wangicela ukuthi ngimenzele ifenisha yakwakhe yonke, ngaliqala kanjalo-ke ibhizinisi,” kulanda yena.

UBhila, osebenzisana nezisebenzi eziwu-10 nosesebenze nezinkampani ezihlukene ezweni lonke nosomabhizinisi abancane, naye uke wathwala kanzima ebhizinisini, ikakhulukazi ngenkathi kusabhoke i-lockdown.
“Ngalahlekelwa yinqwaba yamakhasimende ngenxa yokuthi amabhizinisi amaningi ayevala nabantu abaningi bephelwa yimisebenzi. Bekunzima kakhulu emalini saze sasizwa wukudayisa ifenisha yethu kuleyo ngcosana yabantu ebikwazi ukuyithenga.
“Kodwa-ke konke loko kungifundise lukhulu nobunzima engibhekane nabo bungifundise ukugwema ukukhononda, kwenza ngafunda ukuqhamuka nezixazululo uma kufika izinkinga, ngafunda nasemaphutheni engiwenzile ngaqina ukhakhayi ebhizinisini,” kusho uBhila.
Uthi manje uhlela ukungena kweminye imikhakha yebhizinisi. “Ngihlela ukuqala ibhizinisi lokudayisa izimoto kulo nyaka khona lapha eMpumalanga ngenxa yokuthi ngibona sanda isibalo sabantu abadinga izimoto, okufakazelwa wukwenyuka kwesibalo sabazithengayo. Ngizoqala ngokudayisa izimoto ezingamasekeni bese ngiyakhula kancane, kancane.”

Uthi ukuba wusomabhizinisi kumfundise ukubaluleka kokuba nezindlela eziningi zokungenisa imali. “Yingakho nje ngikhuthaza abantu abasebenzayo ukuthi babe namabhizinisi abawenza eceleni, benganciki emiholweni yalapho abaqashwe khona kuphela.”
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Mdu Bhila
Instagram: mdu_bhila