UNksz uNondumiso Mkhatshwa, umsunguli weNondi’s Creations yaseTshwane, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Uqale ukwenza imigexo yobuhlalu ukuqeda ukhwantalala kanti kuzozaleka ibhizinisi eselidobe namakhasimende angosaziwayo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

INJABULO ayithola eqala ukwenza ubuhlalu yamgculisa kangangokuthi wabona kuwumqondo omuhle ukuyeka nomsebenzi, agxile kukona ngokugcwele ngenxa yentokozo ayeyithola uma ebenza.

UNksz uNondumiso Mkhatshwa, ozinze eTshwane, eGauteng, wenza izinto zokuhloba ezihlukene njengamabhengela, amacici, imigexo nokunye ngobuhlalu enkampanini yakhe iNondi’s Creations.

Uthi uqale leli bhizinisi ngo-2017 ukuzama ukukhohlwa yizinkinga zasemsebenzini. Liye ngokukhula, njengoba kwathi enezinyanga eziyisithupha eqalile wayesedayisela isilomo somculi uLira amacici.

Ngaphambi kokuqala iNondi’s Creations, yena nomngani wakhe wasenyuvesi babevame ukuthunga izingubo ukuze babenemali kodwa yena wathatha enye indlela wagxila ekusebenzeni ngobuhlalu.

Amanye amacici eNondi’s Creations

“Ngaqala ngokuya esitolo sobuhlalu esiseduze, ngithenga izinhlobo zobuhlalu bese ngibukela endleleni obenziwe ngayo ukwenza obami. Ngathumela eminye yemisebenzi engangiyenzile kubangani bami nakubantu basekhaya, bayithanda kakhulu indlela engangiwenze ngayo, bangikhuthaza ukuthi ngiqale ibhizinisi  ngikhangise ngomsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana,” kulanda yena.

Uthi akafunanga ukulinda amathuba okukhulisa ibhizinisi eze kuye, kunaloko wabhalela uLira ku-Instagram ecela ukumenzela amacici ngobuhlalu. “Ngaqala ngokunaka izinto ayezibhala naye; wenza okufanayo kokwami, kwaba wukuqala kwengxoxo kanjalo phakathi kwethu. Waqala wangeseka ngokuthenga izinto zami zokuhloba, mina ngamenzela amacici akhe yedwa akhethekile ngenzela ukumbonga.”

Umgexo weNondi’s Creations

Ukuhloba kukaLira ngezinto zakhe nasemicimbini anandisa kuyona kwamvulela amathuba amaningi, kubalwa nezitolo ezimbili esiseSandton nesise-Illovo, eGauteng, ezike zawadayisa ngaphambi kokuthi zivalwe ngenxa yeCOVID-19.

“Ngivame nokusebenzisana nabasiki bengqephu, kubona engingabala uNksz uKwenzekile Nkomo we-Indoni Fashion House.

ENondi’s Creations kwenziwa nezikhwama

 “Ngeke ngiyeke ukwenza lo msebenzi ngingakadlulisi ulwazi lwami ezinganeni zaseMpumalanga ngivule namathuba omsebenzi kanti futhi ngifuna nokuthi igama lami laziwe e-Afrika nasemhlabeni wonke jikelele,” kusho uNksz uMkhatshwa.

Instagram: nondis_creations

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page