Uyadlondlobala ebhizinisini ocoshe ikhono lokubaza ngokuvakashela endaweni eyakha amabhokisi omngcwabo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGESIKHATHI ezichithela isizungu nekhehla lasendaweni elalinebhizinisi lokungcwaba wayenganakile ukuthi kuzomholela ebhizinisini. Leli bhizinisi lakhe lokubaza selizale elinye njengoba esengene shi nakwezolimo kanti nakhona izinto zihamba kahle kangangokuthi ubona sizofezeka isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi lapho eqashwe khona ngokugcwele engakabi neminyaka ewu-50.
UMnu uThapelo Morebudi uwumsunguli weThapelo Woodworks ayiqale ngokusemthethweni ngo-2016. Kuleli bhizinisi lokubaza ukhiqiza ifenisha yasendlini neyasehhovisi, ama-frame ezithombe, ama-kist nokunye.
UMorebudi uqale ukubona umsebenzi wokubaza kumkhulu wakhe ongasekho kodwa umuntu owamfundisa lobuciko nguMnu uJeremiah Mabena owayenamakhaza, nayekhonze ukuhlala naye.
“Umama wayethi uma engibheka emini angithole ngizihlalele nalelo khehla. Wayakha amabhokisi okungcwaba. Kwathi ngelinye ilanga wathi kimina ‘kade ungibukela, yenza nawe manje lo msebenzi.’ Ngaqala kanjalo-ke futhi wabona ukuthi nginethalente ngoba ngangidweba into eyayivele iliphaphamise ukhuni. Wabe eseyangikhuthaza kangangokuthi njalo uma kuvalwe izikole ngangiya khona ngiyosebenza.

“Ngo-2002/03 senza enye inhlobo ye-casket saligcwalisa lonke igumbi esasigcina kulona amabhokisi. I-casket akukho okutheni ongakwenza ngayo, yisivalo sayo kuphela okwazi ukusibaza ngoba ingezansi laso kunemithetho ebekiwe okufanele ilandelwe uma enziwa njengokuthi kufanele ikwazi ukuthwala isidumbu esiwu-200kg nokunye. Sawuthatha lo msebenzi sawudayisela abakwa-casket. Wayethi kimina (uMabena) ‘ukhuni lufana nonkosikazi, uma ulinakekela, nawe lizokunakekela. Ungaxhamazeli, kala kabili ukuze uzosika kanye.’”
UMorebudi uneminyaka ewu-38 kanti udabuka eLetlhakaneng, eNorth West. Uthi uMabena wamvala ukuthi azosebenza ngesikhathi esefunda uMatikuletsheni wathi akagxile emsebenzini wesikole abuye uma eseqedile.

Kuthe uma eqeda isikole kwasho ukuthi kukhona nelinye ikhono elichumile kuye njengoba wayeqale ukuba wumthwebuli wezithombe eneminyaka eyisishiyagalolunye efunda u-Grade 3. Yilowo umsebenzi awenza ngokugcwele njengoba eseke wasebenzela uphiko lwezokuxhumana lukahulumeni iGCIS nephephandaba eselavalwa i-New Age. Njengamanje usebenzela i-Sunday Times.
Uphindele ekunakeni leli khono lokubaza ngesikhathi isizovalwa i-New Age njengoba waqala wathenga umshini esahlala eGauteng ngaphambi kokubuyela ekhaya.
Ukuba sembonini yezindaba kuyamsiza athole amakhasimende, okukhona kuwona nabantu abangosaziwayo. Kepha uthi into ekhulise iThapelo Woodworks ngamakhasimende akhe axoxela amanye ngomsebenzi wakhe. “Ngenzela umuntu into yakhe yedwa futhi angiyiphindi into engiyenzile. Abanye abantu baye baxakeke bathi bacela ukubona noma iphepha engikhangisa ngalo kodwa angiyena umuntu omandla nasekukhangiseni kakhulu. Ungayibona into engiyenzele omunye umuntu uyithande kodwa ngeke uma sengiyenza ifane ncamashi ngoba enye into ukhuni alubazeki ngendlela efanayo.”

Okunye okwenza angakhangisi wukuthi umsebenzi omningi uwenza yedwa ngoba kunzima ukufundisa abantu. Uyabaqasha abantu abayitoho uma umsebenzi umningi. “Kumele uwuthande lo msebenzi. Ngingalivukuza ithalente kuwena kodwa angikwazi ukukugada, wubuciko lobu kufanele ubuzwe ngaphakathi. Ngiyasazi isikhathi abantu abathenga ngaso kakhulu, yiphakathi kukaMeyi noNovemba. Ngalesi sikhathi bengathengi, ngigxila ekuphuculeni ikhono lami, ngiphumule. Ngisuke futhi nginake nomsebenzi wemfuyo ngoba ngifuye izimbuzi nezinkomo. Asikho isikhathi engisuke ngingenzi lutho ngaso kodwa angifuni ukuthatha imali yabantu bese ngiyehluleka ukwenza umsebenzi,” kusho yena.
Ukufuya ukuqale ngo-2015 kodwa wabuye wangakunaka ngenkathi ephazamisekile emoyeni ngoba eshonelwe wumkakhe. UMorebudi unabantwana abane. Ubuyele ekufuyeni ngo-2019 kanti manje usenezinkomo ezingaphezu kuka-20 kanti unohlelo analo lokuthi lesi sibalo sibe sesiphindaphindekile ngo-2025.
“Ngisebenzela ukuthi ngingathi uma sengithathe umhlalaphansi ngehle ngenyuka nje endaweni ngingazi ukuthi ngenzani. Ngizothi ngikhulisa izingane ngibe ngifuyile. Ebuntathelini kufanele ngithathe umhlalaphansi uma sengineminyaka ewu-45. Uma kungenzeki, ngeke kodwa ngiqhubeke uma sengineminyaka ewu-50.
“Ngikholwa wukuthi kufanele sisebenzele ukushiya ezinkampanini ngaphezu kokuhlala kuzona, kudedelwe intsha. Mhlawumbe abantu ubacathulise iminyaka emibili bese uyaqhela ngoba iqiniso wukuthi nakuba unesipiliyoni kodwa umdlandla usuke ungasenawo. Kungcono lowo mdlandla osele nawo unakekele ngawo umndeni wakho.”
Facebook: @thapelowoodworks; @thapelomorebudi


