UNks uLouise Dlungwana, umsunguli we-Obendalo Organics, ekhiqiza izimonyo yasePort Shepstone, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Owakhula ebona uninakhulu oyisikhwishikhwishi esikholelwa kumakhambi emvelo uhamba ezinyathelweni zakhe ngendlela yesimanje. Uxoxe noLANGA KHANYILE

INTOMBAZANE yasemajukujukwini aseXobho, eningizimu yeKwaZulu-Natali, ikhula ayikhumbuli ibona kudliwa amaphilisi futhi kuphuzwa imithi kubo. Empeleni uninakhulu wale ntombazane namuhla esiyintokazi wayeyihebeza indaba yemithi yesilungu.

Intombi endala eyakhulisa uNks uLouise Dlungwana, oganele kwaMdluli kodwa osebenzisa isibongo sakubo ngezizathu zebhizinisi, yayingagcini nje ngokushaya amakhala ngemithi yodokotela kodwa futhi yayithaka amakhambi emvelo bese idayisela abanye abantu.

UNks uDlungwana, umsunguli we-Obendalo Organics, yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yaseKZN, uthi ngenxa yezimfundiso zikaninakhulu ngisho nanamuhla unina oneminyaka ewu-75 akanazo izifo ezingamahlalakhona.

“Ugogo wayewuzulaziyithole. Ugogo wayedayisa empeshenini. Wayebilisa insangu ayifake kuma-container bese eyidayisa njengesiphuzo. Sikhule (ekhaya) bethi imithi yesilungu ayilungile. Uma unenkinga yesikhumba ‘uthatha ibovu, ugcobe ibovu, uma (uqothukelwa) yizinwele, thatha la mafutha ugcobe’. Ngikhule ngibona ukuthi ugog’ wami kuyamsebenzela. Ekhaya akekho umuntu onenkinga yempilo, siphila impilo enhle nje,” kulanda le ntokazi eke ikhulume kuKhozi FM.

Akusona isiphekepheke esiwuninakhulu kuphela esimkhuthaze ukuthi asungule ibhizinisi. “Sikhule vele ekhaya kudayiswa. Sikholelwa ekudayiseni. Ngicabanga ukuthi u-95% (ekhaya) uyazisebenza. Asibona abantu abakholelwa ekutheni kufanele uwufune (umsebenzi). Ngavele ngabona ukuthi ake ngithathe into engisebenzelayo ngisebenze ngayo.”

UNks uDlungwana uqale wenza i-Diploma in Marketing e-ICESA ngaphambi kokusungula iBendalo Organics ngo-2020. Yenza imikhiqizo yesikhumba neyezinwele. Amanani ayo aqala kuR70 kuya kuR350.

Iyakhanga indlela abapakisha ngayo imikhiqizo yesikhumba neyezinwele e-Obendalo Organics

UNks uDlungwana uthi akulungile ukuthi amantombazane athombayo asebenzise imithi ecindezela ukukhiqizeka kwama-hormone enza kuqhumisa izinduna ebusweni. Uthi kukhona nezinduna ezibangwa yixhala. Uthi abantu besilisa banenhlanhla ngoba abakaze bangene shi ogibeni lokusebenzisa imithi yesikhumba yesilungu.

Banekhambi labantu besilisa abajulukayo; bakhiqiza insipho ethakwe ngelahle. “Senza namafutha ezinwele. Uma izinwele zakho zoma, uma izinwele zingakhuli, sinawo amafutha emveljo. Sisebenzisa i-avocado oil, i-castor oil, i-tea tree oil; i-tea tree oil ilapha isikhumba esomile. I-avocado oil eyokuqinisa izinwele.

Umndeni nabangani abamsekanga ngomlomo kodwa ngephakethe ngenkathi esungula ibhizinisi. “Bengenzela abangani nabantu basekhaya. Bathi loku kungisilze, senginamahloni ukuthi (sengikuthatha) mahhala. Ngathi awuthi ngikupakishe kahle, ngikushaye indali,” kukhumbula yena.

UNks uDlungwana uthi isinengiso iCOVID-19 sibe yisibusiso kuyena. Yenza kwashintsha indlela abantu abamnyama abaningi ababuka imikhiqizo yamakhambi ngayo. “Kwafika iCOVID-19. Abantu baqala ukukholelelwa kwimIhlonyane… ukuzilapha. Ngabona ithuba lokuthi isiphumile le nto yokuthi abantu bathenge into esitolo ukuze babone kuthi ingcono. Yilapho ibhizinisi lami likhule khona, ngathatha ulwazi ekade nginalo ngalenza isimanje, ngafaka amalebula, ngaqala ngethula ibhizinisi lami, laqala (lenza) kahle.

“Nasesikoleni ngifundele i-marketing. Ngivele ngasebenza into yami, ngasebenza yona,” kusho yena ephubuka ehleka. Le nto ihambisana nothando. Ngeke uyenze ungenalo uthando. Ngabona kuthi kungani ngingenzi into yami. Ngenza i-short course ye-organic beauty. Ngenza loku engikwaziyo; engazi ukuthi kuyangisebenzela,” kukhumbula lo somabhizinisi oseke waqokwa kumaRay Nkonyeni Munipicality Business Awards no-Umlando Creatives.

Ngokwezinhlelo zangomuso uthi: “Sifisa ukwenza ama-toner. Kade ngenza ucwaningo nge-hemp oil yexhala, yokhwantalala. Uma ngenza ucwaningo, ngathola ukuthi iyasiza.”

Ufisa ukutholakala ezitolo namakhemisi amakhulu. Okukhulu ufisa ukwenza i-network marketing yemikhiqizo ye-Obendalo Organics “ukuze wonke umuntu enze imali”.

Nokho kukhona igedegede eliwuNks uDlungwana okulihluphayo. “Abantu abafuna ukuba mhlophe isikhumba… nabantu bafuna izinto ezisheshayo.”

Uneseluleko kwabanye osamabhizinisi. “Akukho lula, uma into uyicabanga uma into ikwenza ungalali, yenze, ubekezele, unamathele. Imfihlo ilele ekubezeleni, uzoyibona imiphumela,” kuphetha uNks uDlungwana engasahleki.

Facebook: Obendalo Organics

Instagram: organics_ubuhle

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page