Amabhizinisi abantu abamnyama awakhuli ngoba isitha somuntu omnyama ngumuntu omnyama uqobo, kuloba uNtokozo Biyela

SESIYA emaphethelweni onyaka. Impela u-2022 awubanga muhle neze emabhizinisini amaningi abantu abamnyama. Ziningi izinto ezingahambanga kahle.
Sesizowusonga unyaka ngithanda sibheke ukuthi yiziphi ezinye izizathu ezenza amabhizinisi ethu thina bantu abamnyama angaphumeleli ezindaweni esihlala kuzona. Ngaphandle nje kokuthi iningi lamabhizinisi alinazo izinhlaka ezifanele zokusimamisa amabhizinisi ethu emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, sinenkinga yobugebengu.
Ubugebengu budlange kakhulu emalokishini futhi sebubhebhetheke nasezindaweni zasemakhaya. Kuyingozi enkulu ukuba nebhizinisi ezindaweni zabantu abamnyama ngoba uhlale uqaphe eqolo njengonwabu ngaso sonke isikhathi. Cha awuqaphi eqolo njengonwabu ngenxa yokuthi mhlawumbe kukhona abanye abantu bohlanga oluthile okuyibona abayinkinga noma abayingozi ebhizinisini lakho, lutho, inkinga ikhona khona la kubantu bakithi esihlala nabo ababona kufanele bazithathela ngendluzula okwakho.
Uthi usalwa nezinswelaboya ngapha, nasi nesimo somnotho naso asizibekile phansi kukhuphuka uphethroli, kukhuphuka yonke into. Loku kusho ukuthi sekubiza kakhulu ukuba nebhizinisi ngoba iningi labantu basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya kufanele bagibele baye edolobheni ukuze bathenge izinto abazidingayo. Njengoba nophethroli usubiza kangaka, loku kusho ukuthi yincane nenzuzo abantu abathenga badayise ngayo.
Ngamabhizinisi asemalokishini nawasezindaweni zasemakhaya kujabulisile ukubona abantu bakithi abamnyama beba yimbumba benza ama-business forum ukuze bakhulume ngazwi linye uma bebeka udaba lwabo kuhulumeni nasezimbonini ezizimele becela usizo nemisebenzi. Kepha-ke ngenxa yendlala sibe sesibona ukuthi amanye alawo ma-business forum awasakhelwa ukufeza izinhloso zokusimamisa umuntu omnyama noma abantu abamnyama abasafufufusa ebhizinisini.
Sekuvele kwabhebhetheka ama-business forum abuye abizwe ngokuthi yi-construction mafia othola ukuthi isakhiwo sawo akusesona esokusiza osomabhizinisi abathile kule mboni kodwa inhloso yawo wukuthatha ngodli umsebenzi otholwa ngamabhizinisi abantu abamnyama.
Kuqala wawuthola ukuthi uma kukhona umsebenzi ozokwenziwa elokishini noma endaweni yasemakhaya kuzoba khona iqeqebana labantu abangeneme ngokuthi alitholanga imisebenzi noma amathuba, ngakho-ke bayobe sebephazamisa inkampani esuke inikwe umsebenzi, ingakwazi ukusebenza kahle kufanele igwaze kube njeya, abathi yi-protection fee.
Umbuzo engihlale nginawo owokuthi imali yokuvikelwa kobani lena sibe sihlala sonke elokishini elilodwa sizizamela sonke? Angikaze ngiyithole impendulo. Kuyacaca ukuthi lena yimali nje okufanele umuntu othola umsebenzi ezindaweni zabantu abamnyama ayikhokhe ukuze avikeleke ekuphazamiseni umsebenzi ngoba uma kungenjalo lowo msebenzi awusoze waya ndawo. Loku kusho ukuthi ngisho nomphakathi ngeke ukwazi ukuthola intuthuko oyidingayo ngoba kukhona abantu abamelene nayo ngezizathu zabo.
Lolu hlobo lwempilo emiphakathini yabantu abamnyama lusidonsela emuva. Ngiye ngithi sonke siphuma ebumnyameni bokucindezelwa wubandlululo lapho abelungu nazo zonke izinhlaka babengavumi ukunika umuntu omnyama ithuba lokuhweba.
Nanamhlanje uma ubheka akukho okutheni okushintshile umuntu omnyama usacindezelwa kodwa manje ucindezelwa ngabantu bakubo abamnyama ngezindlela eziningi. Kulukhuni ukuba wumuntu omnyama ozama impilo. Ucindezelwa ngapha nangapha. Kanti usomabhizinisi omnyama yikuphi lapho eyophephela khona uma kuwukuthi yonke indawo uyacindezelwa?
Ezinye izizwe ziyasekana, ziyandlondlobala ziya phambili kodwa thina sithokoza ngokucekelana phansi. Okubuhlungu wukuthi sekuhamba nemiphefumulo engenacala ngenxa yokuthi ayihambisani nendlela okwenziwa ngayo ibhizinisi emalokishini.
Kahleni bantu bakithi, asiyekeni ukumonelana. Asiyekeni ukuqhwagana ngoba sonke sizama impilo, sizama ukuthuthukisa impilo yomuntu omnyama. Uma sesibulalana sodwa ngenxa yemali, wubani ozosala abuse leli zwe?
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
