Kuningi esikuzuzile kulo nyaka kodwa usemkhulu umsebenzi osihlalele ngonyaka ozayo, kuloba uBusi Mavuso

YINI umsebenzi weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eNingizimu Afrika? 

Isu lethu ligxile ekukhuliseni umnotho osiza wonke umuntu. Sikholwa wukuthi loku kungenzeka ngokuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyindawo evuna osomabhizinisi ukuze kudobeke abatshalimali, kwakheke amathuba emisebenzi kukhule umnotho.

Engosini yami yokugcina ngo-2022, ngifisa ukubuyekeza esikwenzile kulo nyaka ukulekelela ukufeza loku. Imizamo yethu yengeza kweyabanye abaningi, okufaka ekahulumeni neyemiphakathi. Ingxenye yomsebenzi wethu wukuqinisekisa ukuthi sihlanganisa zonke izinhlaka zisebenze ngokuhlanganyela ekwakheni izwe esilifunayo. Imizamo yethu eminingi ngeyokusebenzisana.

Ziyisikhombisa izindawo ezibalulekile esizisebenzile kulo nyaka ukuze kube nomphumela omuhle. Okokuqala, sisebenze kanzima ukweseka ezobulungisa ukuze zibhekane nomphumela wokugwamanda amandla ombuso. Sisayine isivumelwano noPhiko lokuShushisa eZweni lonke (iNPA) ukuze silweseke ngamakhono oliwadingayo ukuqoqa ubufakazi lishushise. 

Lesi sivumelwano siyaqinisekisa ngokucacile ukuthi iNPA izosebenza ngokuzimela. Kuyangithokozisa ukuthi iBLSA namalungu ayo ikwazile ukuthola i-project manager, abacwaninga ubufakazi, abacwaningimabhuku nama-data analyst

Sisasebenza ukuze sithole abanye abantu abazokweseka iNPA. Loku kuyasiza ukunika iNPA amandla emsebenzini wayo obalulekile wokuqinisekisa ukuthi umthetho uyasebenza, okuyinto ebaluleke kakhulu ukuze amabhizinisi asebenze kahle.

Okwesibili, besilokhu sisebenza kanzima ekubhekaneni nenkinga kagesi. Sisebenzisane nabahlanganisa imigomo ukuze kushintshwe imithetho elawula abaphehli bakagesi abazimele. Indlela esheshayo yokuthi sibe nomthamo omusha kagesi ukuvumela izinkampani ziziphehlele zona ugesi. Loku kwehlisa ingcindezi kugesi okhona kuphinde kuqinisekise ukuthi izinkampani zisebenza ngaphandle kokuphazamiseka.

Kuyasithokozisa ukuthi uhulumeni uvumile futhi waqala wasusa umthetho wokuphehla ugesi ngaphandle kwemvume kwaya ku100MW okugcine nakho kususiwe. 

Okwesithathu, siseke uhulumeni ukuthi uphucule indlela izisebenzi zakhe ezenza umsebenzi ngayo. Omunye umphumela wokugwamanda amandla ombuso wukuthi kunenqwaba yezisebenzi zikahulumeni eziwaziyo umsebenzi ezishiyile. IHhovisi likaMengameli belisekhaleni lokuqinisekisa ukuthi iyalandelwa indlela entsha yokuqasha egxila ekhonweni lomuntu, hhayi kwipolitiki. Silekelelile ngocwaningo ukuze siseke umsebenzi wokuhlanganisa inqubo yaloku.

Okwesine, sibeneqhaza ekuvuseleleni amabhizinisi kahulumeni, siseka iPresidential State-Owned Enterprises Council (iPSEC) ngokubheka futhi siphakamise asebathatha umhlalaphansi abanamava ukuze beseke iPSEC. Kuningi esikwenzayo lapha. 

Okwesihlanu, siseka ithimba likamengameli eliqondene nokunciphisa imidanti ekusebenzeni. Ngicabanga ukuthi sizozuza okuningi lapha ngo-2023. Kuyabiza ukuba nebhizinisi eNingizimu Afrika ngenxa yemidanti engenasidingo, nokukhinyabeza umnotho.

Okwesithupha, siseka ohulumeni bezindawo ngokuhlinzeka omasipala ngamakhono abawadingayo njengonjiniyela namanye amakhono. Sikwenza loku ngokubambisana ngohlelo iTechnical Assistance Mentorship Development. 

Lolu hlelo lubheka futhi luphakamise asebathatha umhlalaphansi ukuze beseke omasipala ukuvuselela nokuthuthukisa ingqalasizinda yabo ukuze basize abantu ngendlela efanele. Okunye, lululeka luqeqeshe izisebenzi zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uqhubeke kahle isikhathi eside.

Okwesikhombisa, sisebenza ukweseka i-Operation Vulindlela eseHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ezweni lonke ukubhekana nezingqinamba ezivimba ukuthi kulandelwe imigomo okuvunyelwene ngayo. 

Lo msebenzi usizile ukuxazulula ukuvimbezeleka kwezinqubo ezithinta izimvume zezisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono, ukudayisa amanzi ezindaweni zasemakhaya nokusetshenzwa kwezicelo zokusebenzisa amanzi. Konke loku kuphucula indlela amabhizinisi asebenza ngayo. I-Operation Vulindlela  isizuze okuningi futhi iyisibonelo esihle sikahulumeni osebenza ngendlela efanele. 

Ngaphandle kwalezi zinhlelo eziyisikhombisa, siyingxenye yokuningi okuthinta ukuhlanganisa imigomo, ukuseka ukuziphatha ngendlela efanele ebhizinisini nakuhulumeni siphinde silekelele uma kuvela izinkinga. Okuningi kwaloku sikwenza ngokubambisana nezinye izinhlangano zamabhizinisi, uhulumeni nomphakathi. 

Ngifuna ukubonga bonke abasebenzisane nathi kulo nyaka ngegalelo labo. Sekuyisikhathi sokuphumula, umsebenzi wethu usekude kakhulu ukuphela. 

Njengoba sibheke ku-2023, ziningi izinkinga okumele sibhekane nazo. Ngiyokhuluma ngezinhlelo zethu engosini yami yokuqala ngonyaka ozayo.

Ngithemba nizophumula kahle ngalo Khisimuzi futhi nibe nonyaka omusha omuhle. Ngikubheke ngabomvu ukusebenza nani ngomuso ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika isezingeni okumele ibekulona.

Yincane inqubekelaphambili yenqubomgomo yomnotho eNingizimu Afrika kusuka ngo-1994 nakuba i-ANC kusaloku kuyiyona ephethe. 

Ngeshwa ukuklwebhana kwe-ANC sekuphendule izinto ezibalulekile njengokuba nogesi nokusebenza kahle kwezokuthutha ibhola lomnqakiswano wepolitiki. 

Umsebenzi owenziwe yikomiti iSection 89 Independent Panel eliqokelwe ukuphenya ukuziphatha kukaMengameli uCyril Ramaphosa luyinkomba yokusebenza kahle kukahulumeni wentando yabantu nezinhlaka zawo. 

Uhulumeni kufanele uqinisekise ukuthi izwe alibekwa engcupheni ngenxa yemibango yepolitiki. Abatshalimali bakwamanye amazwe nosomabhizinisi babheke ukubona ukuthi umsebenzi osuwenziwe kule minyaka edlule wokuvuselela izinto awuphazanyiswa. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page