Maningi amathuba amasha ngalo nyaka omusha kodwa adinga ukuthi uvule amehlo somabhizinisi, kuloba uNtokozo Biyela

NGIYANIBINGELELA nonke bafundi bale ngosi onyakeni omusha u-2023. Kuyintokozo enkulu ukuthi nakulo nyaka sizoqhubeka nokucobelelana ngolwazi lapho sigcine khona ngonyaka odlule ngamabhizinisi.

Ekuqaleni konyaka abantu basuke benamaphupho amakhulu futhi amaningi mayelana nokuthi bafuna ukwenzanjani emabhizinisini abo. Abanye basuke befuna ukungena ebhizinisini ukuze bezozama inhlanhla.

Impela siyabadinga osomabhizinisi abaningi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi osomabhizinisi babantu abamnyama. Bayadinga ukungena kuzo zonke izimboni bakhe owabo umnotho ozokwazi ukusimamisa indlu emnyama.

Uma ubheka sibaningi ezweni singabantu abamnyama uma kubhekwa isibalo sabathengi kodwa inkinga enkulu wukuthi asihlomuli ngalobu buningi bethu, kuhlomula labo abalawula umnotho.

Njengoba iminyaka ihamba, kuyaphoqa ukuthi kancane kancane siqale singabantu abamnyama sizisungulele izimboni namabhizinisi amakhulu akhiqizayo kwethu.

Sesihambe kakhulu isikhathi singokhangezile. Okubuhlungu kakhulu wukuthi ngisho nokudla kwethu noma izimpahla zethu sodwa njengemvunulo nobuhlalu bethu akudayiswa yithina banikazi bako.

Zonke lezi zinto zenziwa yithina kodwa uma sekufanele sihlomule kuzona akwenzeki nhlobo. Kufana nezinto ezimbiwa phansi, yithina esizimbayo futhi yizwe lethu eligcwele yonke inhlobo yezokumbiwa phansi kodwa zonke lezi zinto zithuthwa ziyiswe phesheya bese zikhiqizwa khona ukuthi zibe wumkhiqizo obuya usuzodayiselwa thina.

Loku akukuhle neze ngoba kudla amandla ethu singabantu abamnyama.

Okubalulekile kulo nyaka nengithanda ukukuqhakambisa wukuthi kufanele iningi lamabhizinisi asungulwayo kube ngamabhizinisi asungulelwa ukuletha izisombululo ezinkingeni ezikhona zomphakathi esibhekene nazo.

Uma ubuka imiphakathi yethu eminingi eNingizimu Afrika ibhekene nengwadla yobubha, ukucekeleka phansi kwempahla, ukungaphephi, ukungcola ezindaweni esihlala kuzo, ukufa kwengqalasizinda yezemfundo, amanzi angahlanzekile, indle echithekela emigwaqweni esihlala kuyona nokunye okuningi.

Zonke lezi zinkinga sibhekene nazo imihla ngemihla. Yingakho ngithi kungcono uma amabhizinisi asungulwayo engabhekana nokusombulula zonke lezi zinkinga esibhekene nazo emphakathini.

Ngiye ngigcizelele uma ngisiza abantu abafuna ukungena ebhizinisini ukuthi uma uqala ibhizinisi kufanele wenze isiqiniseko sokuthi lelo bhizinisi olisungulayo liba yisisombululo sento ethile noma liletha umehluko empilweni yalabo osuke uliqondise kubona.

Loko kuyosho ukuthi ibhizinisi lakho liyolokhu liqhubekela phambili ngoba kusho ukuthi uyoba namakhasimende njalo. Yingakho inqwaba yamabhizinisi okudla ingeke yashabalala ngoba abantu bayohlale bedinga ukudla. Ukudla kuyisidingongqangi empilweni yethu, yingakho  ngaso sonke isikhathi ukudla kuyohlale kuthengwa. Ngakho kubalulekile ukuthi wenze ucwaningo oluphelele ngemboni ongena kuyona.

Okunye engiye ngikugcizelele wukuthi kubalulekile ukushintsha umqondo uma usebhizinisini ukuze ukwazi ukuthi njalo ngonyaka ubone amathuba amasha angakusiza ukhule ungusomabhizinisi futhi asize ekutheni ibhizinisi lakho ukuthi lisimame unyaka nonyaka.

Lo nyaka ubukeka uzoba namathuba amaningi emabhizinisi kodwa azobonwa yilabo abavule amehlo kuphela. Uma kuwukuthi usazokwenza izinto ngendlela obukade ujwayele ukuzenza ngayo, angikholwa wukuthi lukhona ushintsho olukhulu ozolubona ebhizinisini lakho.

Nginifisela konke okuhle empilweni nakukho konke nina enizifisela kona njengoba niqala unyaka u-2023.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page