Amathuba emisebenzi angavela ngokuqhamuka nezisombululo zezinkinga emiphakathini yethu, kuloba uNtokozo Biyela

NGESONTO elidlule ngikhulume ngendaba yokwenza isiqiniseko sokuthi sibandakanya intsha kuyo yonke into esiyenzayo. Kuleli sonto ngithanda sibheke izindlela eziningi zokwakha amathuba emisebenzi ezindaweni zakithi singabantu abamnyama. 

Ngithanda sibheke izindlela ezingcono ezingavulela abantu bakithi amathuba emisebenzi.

Ziningi izinkinga esinazo singabantu abamnyama ezidinga kube yithina esiqhamuka nezisombululo zazo. Uma uthatha ubheka lapho uhlala khona awucabange nje ukuthi yiziphi izinkinga umphakathi wangakini obhekene nazo. Yini eyenza lezo zinkinga zingapheli?

Isikhathi esiningi uthola ukuthi okufanele ngabe babayisisombululo salezo zinkinga, abanawo amacebo okuxazulula izinkinga zomphakathi. Loku kusho ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi imiphakathi izibambele yona mathupha. 

Inkinga enkulu yokuqala wudoti ogcwele amadolobheni ethu, emalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Lo doti udalele thina bantu inkinga empilweni yethu.

Noma bekhona omasipala okuwumsebenzi wabo ukuthutha udoti, ngicabanga ukuthi kungaba yicebo elihle uma kungathiwa akube yimiphakathi eyenza isiqiniseko sokuthi izindawo ehlala kuzona zihlanzekile. Yinye vo into umasipala okumele ayenze; wukuthi ahlinzeke lezi zindawo ngomuntu ozoshayela iloli likadoti elizohamba ngezinsuku ezithile kodwa kube abantu bendawo abavuka ekuseni baqoqe udoti baphinde bawufake elolini.

Bonke abantu abazoqashwa kufanele babhalise kwi-business forum yendawo ezobanika imali yesonto ukuze baxoshe ikati eziko. 

Okunye futhi wukuthi emiphakathini yethu sinezinkinga eziningi zamapayipi amanzi avuzayo. Loku kwenza ukuthi kube khona amanzi amaningi amosheka engakafiki lapho kufanele afike khona noma engasetshenziswanga ngoba akekho ozihlupha ngokulungisa amapayipi avuzayo. 

Leli yithuba elihle lokuthi kuqeqeshwe intsha kuzo zonke izindawo ezihlala abantu kube yiyo ebheke ukulungisa onke amapayipi avuzayo, ngaloko ithole itoho.

Sinenkinga enkulu ngemigwaqo yethu ezindaweni esihlala kuzona. Nalapha kungaba kuhle ukuthi kuqeqeshwe intsha kuzo zonke izindawo ukuthi ingavalwa kanjani yonke imigodi le egcwele izindawo esihlala kuzona. Loku kunganika abantu abangasebenzi noma intsha amakhono amasha, kusize ukwehlisa izinga labantu abangasebenzi.

Uzoqaphela ukuthi sekunabantu abamnyama abasuka esilungwini asebebuyela ezabelweni beyokwakha izindlu zikanokusho. Uma ubheka uzobona ukuthi iningi lomakhi elakhela laba bantu ngabantu bokufika abanekhono lokwakha. 

Umbuzo omkhulu uthi yini ndaba thina singakwazi ukuqeqesha intsha noma abantu bakithi abangasebenzi ukuthola amakhono okwakha izindlu? Lapha ngibala ukubeka isitini, ukuxova udaka, ukuplastela, ukufaka ugesi, ukufaka ama-tiles asendlini nawangaphandle, ukufaka amakhabethe nokunye okuningi. Uma singaqinisa lapho, maningi amathuba omsebenzi angavuleka. 

Okunye njengoba sonke sisebenzisa amaselula, ayafa. Kusho ukuthi adinga ukukhandwa. Elinye lamathuba okufanele ngabe siyalisebenzisa wukuqeqesha abantu ukuthi bakwazi ukukhanda noma ngabe yiluphi uhlobo lweselula ngoba kuyacaca sikhulu isidingo sokuwalungisa. 

Inkinga engizogcina ngayo wubugebengu ezindaweni esihlala kuzona. Lena-ke idinga kuqeqeshwe intsha ngokundizisa ama-drone. Loku kungenza kube lula ukulwa nobugebengu noma ukusiza imiphakathi yethu uma kuthungathwa izinto ezizodinga izindizamshini njengoba sibonile nje ngezikhukhula KwaZulu-Natali kufuneka abamuke nezikhukhula.

Lezi yizinhlelo uhulumeni angafaka imali kuzona ukuqeqesha abantu noma ukubaholela ukuze babeyingxenye yesisombululo sezinkinga eziningi esibhekene nazo. 

Izinkinga esinazo zibheke thina futhi ziyosonjululwa yithina kodwa sidinga ukubambisana nohulumeni nosomabhizinisi ukuzwe sizinqobe lezi zinkinga.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page