Noma kungenzekani ngobuholi bepolitiki kodwa sidinga uhulumeni ozibophezele ukuletha izinguquko eziyisa iNingizimu Afrika phambili, kuloba uBusi Mavuso

IZINHLANGANO zamabhizinisi ahlelekile ziphokophele ukubona iNingizimu Afrika isebenza kahle. Uhulumeni uneqhaza elikhulu ekufezeni loko.

Sidinga imigomo eseka loku, izinhlaka ezisebenza kahle futhi ezithembekile. Ngaphezu kwaloku, sidinga uhulumeni okwazi ukwenza konke lokhu. 

Kukhona esikuzuzile ngokubambisana, noma kungasheshanga ngendlela engifisa ngayo, ukuletha izinguquko ezinqala ezizokhulisa umnotho, zidale imisebenzi futhi ziqiniseke ukuthi sinekusasa elihle.

Kepha leyo nqubekelaphambili ibukeka isengozini ngenxa yesiphithiphithi sepolitiki esisibone kulezi zinsuku ezidlule. Ukuwa kwerandi ngoLwesine oludlule kukhombisile ukuthi abatshalimali bakhathazeke kanjani. 

Loku kukhombisile ukuthi asikakafinyeleli lapho kufanele sifinyelele khona uma sikhuluma ngokuvuselela izinhlaka esizidingayo. Wonke umuntu kufanele agcine ekhululekile ukuthi izinhlaka zikahulumeni nezomphakathi zisebenza ngendlela efanele futhi ziyawazi umsebenzi wazo.

Kufanele sazi ukuthi kunomehluko phakathi kwenhlangano nohulumeni, kungabi wukuthi izinhlaka zikahulumeni sezisengozini ngenxa yokuthi wubani osuke ephethe. 

Uma kuba noshintsho kubaphathi bepolitiki, kufanele sikhululeke sazi ukuthi wushintsho oluzokwenzeka kahle. Wonke umuntu oyi-ANC kufanele asibuyisele ithemba sazi ukuthi umsebenzi wokuletha izinguquko ezinqala awukho engozini.

Noma ngabe wubani ophethe, ukuzibophezela ukuvuselela izinhlaka zokulwa nobugebengu akufanele kushintshe. Ngaphezu kwaloko, izinguquko ezidingekayo ukulungisa izinselelo ezibhekene nomnotho wethu okufaka ukushintsha imboni kagesi, eyokuthutha izimpahla, kufanele nako kugcizelelwe.

Uhlelo olubalulekile i-Operation Vulindlela ludinga ukwesekwa nokugqugquzelwa ngabazepolitiki. Akuyona into okufanele kuloku kuphikiswana ngayo, i-Operation Vulindlela inikwe umsebenzi wokubheka umgomo nokuxazulula ukubambezeleka kwezinto.

Asikwazi ukuphazamisa inqubekelaphambili futhi sandise ingozi yokuthi kuphinde kube nezinto ezibambezelekayo.

Kulezi zinsuku ezidlule kunomdonsiswano ofanele kwi-ANC njengoba kade icubungula umbiko weSection 89 Panel, ithimba elihlanganiswe yiPhalamende ukuphenya inkanakana yasePhala Phala. 

Akufanele kuphikiswane ngokuthi kubalulekile ukuqiniseka abantu ezweni ukuthi ukuphatha ngendlela ehlelekile akukho engozini. Ngeshwa, abaningi bethu basale nesithombe sokuthi bekucatshangelwa izwe ngesikhathi abamaqembu ahlukene begijime baya ezinkundleni zokuxhumana bephawula ngombiko nomphumela wawo.

Lo mbiko ubuyithuba lokuthi abaholi bethu bepolitiki bazibophezele kakhulu kunakuqala ezinhlakeni zezwe. Into obekufanele bayisho wukuthi kuzolandelwa imithetho ebekiwe ukuze izinhlaka ezinamandla okwenza loko zizocubungula ubufakazi bese zithatha izinyathelo ezifanele njengokusho komthetho. 

Ngaphezu kwaloko kufanele ngabe kugcizelelwe ukuthi umsebenzi wokuletha izinguquko ezinqala ngeke uphazamiseke nokuthi uma kushintsha abaholi, loko kuzokwenziwa ngendlela efanele ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi kahulumeni uyaqhubeka ngokufanele.

Umsebenzi onzima iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) nabanye esiwenzile wukuletha izinguquko isebenzisana nohulumeni ukuxazulula izinkinga ezikhona awukwazi ukuphazanyiswa yizinto zepolitiki eziqhamuka esithubeni.

Mkhulu umsebenzi owenziwe kule minyaka edlule ukuvuselela izinhlaka ezilwa nobugebengu, umsebenzi osekude ukuphela, futhi sidinga abepolitiki ukuthi bagcwalise ukuthi kubaluleke kanjani loku.

Sidinga uqhubeke umsebenzi wokuvuselela uhulumeni, izisebenzi zikahulumeni ezisebenza ngendlela ehlinzeka kahle abantu imisebenzi. 

Kufanele sikhumbule esikusebenzelayo, siphokophele ukukufeza. Kufanele siqhubeke nokusebenzela ukukhulisa nokuthuthukisa umnotho. Sidinga bonke abaholi bepolitiki bazibophezele kulowo msebenzi ukuze kungabi bikho ozophelelwa yithemba. 

Thina esiphethe amabhizinisi kufanele sithumele umyalezo ocacisayo ukuthi sidinga isiqiniseko sokuthi kuzolandelwa umthetho ngendlela efanele, indlela ezokwakha, hhayi ezobeka engcupheni izinhlaka zomthetho.

Ucwaningo olusha luveza ukuthi kudingeka imboni ezimele ibambe iqhaza elithe xaxa ekuvuseleleni izimboni zethu zikagesi nezokuthutha. Kepha nezindawo ezincane uhulumeni azama ukuzivula azamukelwa kahle njengoba kukhona ababona ukuthi izintambo sezidedelelwa imboni ezimele. 

Uhulumeni kufanele azibekele umgomo omusha othi awekho amabhizinisi kahulumeni azokwakhiwa kuze kube ulungisa lawo akhona. 

Ngesikhathi sikaMengameli uNelson Mandela isikweletu seNingizimu Afrika sancishiswa saze sasuka ezingeni elalixosha abatshalimali. Lokhu kwaqhubeka ngisho nangesikhathi kuphethe uMengameli uThabo Mbeki. Kwase kufika isikhathi sokuphatha kukaMengameli uJacob Zuma, iNingizimu Afrika yaphindela emuva ngo-2017 ngemva kokuxoshwa kowayewuNgqongqoshe weziMali uMnu uNhlanhla Nene. Selokhu sihlale lapho unomphelo kanti sithwale kanzima. 

Ukubuyela endaweni lapho sizoheha khona abatshalimali yinto okufanele wonke umuntu okuhulumeni ayisebenzele. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page