Sibheke lukhulu engqungqutheleni iCOP27, kuloba uBusi Mavuso

INGQUNGQUTHELA iCOP27 eqale kuleli sonto eSharm el-Sheikh, eGhibhithe, ibalulekile kwiNingizimu Afrika.
Ithimba laseNingizimu Afrika lizokwethula uhlaka oluchaza ukuthi uzotshalwa kanjani u$8.5 billion ovela emazweni athuthukile wokuxhasa uhlelo lokunciphisa izindlela zokukhiqiza ugesi ezicekela phansi imvelo, iJust Energy Transition Partnership (iJETP) emnothweni.
Inhloso kufanele kube wukuqhamuka nento ebambekayo ehambisana nesibopho esenziwa wosopolitiki kwiCOP26 ngonyaka odlule.
Osmabhizinisi kufanele baluqaphe ngeso lokhozi lolu hlelo. Uma leli thimba liphumelela, lukhulu luyeza oluhambisana noshintsho.
Lolu shintsho alusho nje kuphela ukucima iziteshi zikagesi ezisebenza ngamalahle nokushintshela ezimotweni zikagesi, kufanele luvuselele yonke into ehambisana nokuphehla ugesi.
Kutshalwe izindodla zemali ukuthuthukisa ingqalasizinda ukwandisa indlela okukhiqizwa ugesi ngayo,nokuzovula amathuba amaningi ebhizinisi.
Izindaba ezinhle wukuthi izibalo ziyavuma. Ugesi ovuselelwayo awuzweli ephaketheni. Lolu shintsho luhle nakosomabhizinisi, hhayi nje ngenxa yokuvikela imvelo kuphela. Iziteshi zethu eziningi zikagesi wamalahle sezizophelelwa yisikhathi; eziyisithupha kwezika-Eskom zizoyeka ukusebenza eminyakeni eyisihlanu ezayo.
Sikhuluma nje usuwehle kakhulu ugesi ongatholakala eziteshini ezineminyaka engaphezu kwewu-50 zakhiwa.
Imali okufanele itshalwe izodinga abemboni ezimele bafake igxalaba elikhulu futhi kuzodingeka kuqale ukwakhiwa. Into enkulu edingwa wosomabhizinisi ukuthi kube nogesi othembekile.
Nakuba kuzophazamiseka indlela yokwenza izinto ejwayelekile okwesikhashana kodwa mkhulu umvuzo ngokuqhubeka kwesikhathi. Ushintsho ngeke luvele lwenzeke kodwa luzothatha isikhathi, kwazise luzobe luhambisana nokucima iziteshi eziphehla ngamalahle ezisebenzayo manje. Ngisho nezimayini zamalahle ezihlinzeka i-Eskom ngeke izinto zishintshe kalula kanjalo nje.
Izimayini ezisetshenziselwa ngezinye izimboni nokudayisela amanye amazwe ngeke zithinteke. Yize iqhaza legesi kulolu shintsho lingakacaci kodwa ngilindele ukuthi libe likhulu futhi kuvuleke amathuba amasha embonini.
Lolu hlaka lokutshala ithimba laseNingizimu Afrika elizolethula eGibhithe lizokwaziwa wumphakathi ngoLwesihlanu. Luneziphakamiso nombono ngokuphehla ugesi ovuselelwayo, ukushintshela ezimotweni zikagesi nemboni entsha ye-hydrogen. Konke loku kudinga kutshalwe uR1.5 trillion kuze kushaye u-2027.
Ngithemba ukuthi luzokweseka ngesasasa kwiCOP27 futhi leli thimba lizobuya nento ephathekayo ebantwini abazoxhasa ngemali. Nokho lolu hla lusadinga ukuthi kuboniswane nomphakathi ngalo. Ezinye izinto zidinga ukucatshangisiswa, ikakhulu iqhaza okufanele libanjwe yimboni ezimele ekutshaleni imali nasekwakheni futhi nasekuphatheni le ndlela entsha yokwenza izinto.
Osomabhizinisi bayalweseka lolu shintsho. Ngalapho siyahambisana nohulumeni kokuningi. Nokho kuyaxaka uma osopolitiki abadumile bebonakala bephuma eceleni njengojosaka. Ingimangazile inkulumo kaNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesonto elidlule ngenkathi ethi i-Eskom izophoqeka ukuqhubeka itshale imali emalahleni nakwinuzi ngoba wumbandela ohambisana nokubuyekeza isikweletu sayo.
Nokho lithe liphela isonto umnyango wakhe ubusukhiphe isitatimende “esicacisayo” sigcizelela ukuthi ungqongqoshe “uyalweseka ngokuphelele” uguquko lweJETP, kuphela abekusho wukuthi imiphakathi ethintekayo izovikelwa.
Ukuvikela imiphakathi kubalulekile futhi kuseqhulwini loshintsho. Yingakho kungijabulisile ukuzwa isimemezelo ngoLwesihlanu esithi isivumelwano sikaR9bn seBhange loMhlaba ozosetshenziselwa ukuguqula iKomati sesisayiniwe.
Njengoba ngishilo nangesonto elidlule, lena yindlela enhle ekhombisa ukuthi uguquko olunobulungisa lungenziwa kanjani.
Ngifisela ithimba laseNingizimu Afrika okuhle kodwa futhi sengilangazelela ukubona imizamo yalo ithela izithelo. Sithemba ukuthi iCOP27 izoba yingqophamlando ngokuthi umhlaba uzibophezele ukweseka ushintsho lwethu. Abezinhlangano zosomabhizinisi bakulungele ukusebenza nohulumeni ukuletha lolu shintsho. Luzowusiza umnotho.
Uhlelo olwenziwe ukushintsha iKomati ukuze ikhiqize ugesi owu-370MW wogesi ophehlwayo ngaphandle kokuthi kulahleke imisebenzi uwuhlaka oluhle olungalandelwa nangezinye iziteshi zikagesi esezizophelelwa yisikhathi.
Nokho i-Eskom inenselelo ngokuphehla ugesi owanele, hhayi nje ukubhekana nongasaphehleki kodwa ukuqinisekisa ukuthi kunogesi owanele ukuze kuphele ukucima ugesi.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) inxusa umNyango wokuMbiwa Phansi namaNdla ukuthi uphuthume ukulungisa le nselelo ukunqanda ukucima ugesi ukuthi kungaqhubeki kuze kudlule u-2024.
Baningi abantu okufanele ukuthi bahlalele ovalweni emva kokuboshwa kukaMnu uMatshela Koko osolwa ngenkohlakalo yezinkontileka ngenkathi kwakhiwa iKusile.
Abantu baseNingizimu Afrika badinga ubulingisa, ukuboshwa kwezigebengu kungakhuthaza abantu abaningi abakhathele yinkohlakalo edlangile ezweni.
I-BLSA yinhlangano yosomabhizinisi ekholelwayo kwikusasa leNingizimu Afrika nezimiso zomthethosisekelo. Ngo-2017 iBLSA yazibophezela ukuthi izobamba iqhaza emizamweni yokuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika abe nekusasa eliqhakazile ngokusebenzisa kahle izinsiza ezikhona nangokubambisana phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi nezinhlangano zomphakathi ukuze umnotho ukhule futhi wonke umuntu abe yingxenye yawo.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA
