Zibambe ziqine somabhizinisi ngoba kusazoba nzima, kuloba uNtokozo Biyela

ENGOSINI edlule ngihlabe ikhwelo lokuthi sonke siwosomabhizinisi kufanele sivulele uhulumeni nenkampani ephehla ugesi u-Eskom icala ngokusibulalela amabhizinisi, okuqeda imisebenzi ezweni lethu.

Ngingakaligwinyi nje uhulumeni usugcizelele ukuthi izinkinga ezibhekene ne-Eskom zokucisha ugesi aziyi ndawo, yisimo lesi abathi kusazomele sehlise umoya sizilungisele ukuthi sizophila naso iminyaka emibili nangaphezulu. Loku kusho ukuthi ukuhlupheka sisazokuthwala ngeqoma.

Ngithe uma ngibona le ndaba ngavele ngaphelelwa ngamandla. Kusho ukuthini loku kosomabhizinisi baseNingizimu Afrika? Kusho ukuthi maningi amabhizinisi asazowa ngenxa yale ngcindezi kanti futhi yizigidi zabantu ezisazolahlekelwa yimisebenzi njengoba izigidi sezihleli emakhaya nje. Kusazoba nzima kakhulu ezweni.

Ngiyazi abaningi bathi indlela yokuqeda konke loku wukuthi izinkampani zivele zizithengele izinjini zikagesi ukuze ziphume kulolu taku. Injini kagesi kufanele ibe yisisombululo sesikhashana, hhayi isikhathi eside.

Ngikusho ngani na loku? Kwakona ukuphehla ugesi usebenzisa injini kagesi kudinga udizili, kwawona omba eqolo. Noma ngingakaze ngizishaye izibalo ukuthi kudingeka udizili ongakanani ukuthi ukhiqize i-kilowatt likagesi kodwa into engihlale ngiyizwa ngabantu abasebenzisa izinjini eziphehla ugesi wukuthi bayafa amanani kadizili.

Nabasebenzisa ama-solar panel baphoqeka ukuthi bakhiphe imali eshisiwe ukuze bezokwazi ukuphehla ugesi welanga ohambisana nogesi odingeka enkampani nenkampani.

Ziningi izinto ezonakalayo engazibalula ngokuhamba kukagesi  emabhizinisini. Okokuqala nje kuba yinkinga yokuxhumana. Ukuxhumana yiyona nsika emisa izimboni eziningi, manje uma kungaxhumaneki ngendlela efanele loko kusho ukuthi ziningi izinto ezimayo zingabe zisasebenza ngendlela, loko kusho ukulimala kwebhizinisi.

Kubathengi okufanele bakhiphe imali bezoyisebenzisa ekuthengeni imikhiqizo eyenziwa yizimboni bazithola besenkingeni ngoba uma ugesi ungekho kusho ukuthi nama-ATM awasebenzi ngoba ugesi awukho.

Abasebenzisa amaselula ukukhokha abakwazi ukwenza njalo ngoba kwawona asuke engakwazi ukucosha ukuxhumana okucacile ngoba imibhoshongo isuke ingasebenzi ngendlela.

Sibona nezimboni ezikhiqiza impahla ebandayo edinga ukuhlala kwiziqandisi zikhala ngokonakala kokudla okuhlala kwiziqandisi uma ugesi uloku uhamba. Sisanda kubona ezindabeni ukuthi kukhona usomabhizinisi okhulisa izinkukhu ophoqeke ukuthi alahle izinkukhu eziwu-50 000 ngenxa yokuthi zonke zivele zafa zibulawa wukushisa.

Imboni epakisha amaqanda nayo iphoqeke ukuthi ilahle amaqanda awu-40 000.

Akuzona zodwa lezi zimboni. Ziningi ezinye ezilahlekelwa mihla namalanga. Kusho ukuthini na loku? Kusho ukuthi maningi amabhizinisi okungasebenzeki kahle kuwo.

Ngikhuluma nje kunohide lwamabhizinisi asevele avala iminyango ngoba ngeke akwazi ukumelana nale nto. Ngaphezu kokuvala kwamabhizinisi ngiyasola ukuthi baningi osomabhizinisi abasazoba nokhwantalala ngenxa yesimo abangasakwazi ukusimela.

Kunzima ukuzama ukubamba ibhizinisi ngamazinyo noma usubona ukuthi akusavumi, ngoba isikhathi esiningi usuke usuthwele abaningi. Ngisho nabangcwabi bayakhala ngendlela izinto esezenzeka ngayo manje ngoba sekonakala ngisho izidumbu. Konke loku kuphazamisa imingcwabo, kwenze ngisho imindeni yabafi igcine isinokhwantalala.

Siphila esikhathini esinzima futhi izinto zisazobheda kakhulu kunakuqala kithina sonke osomabhizinisi baseNingizimu Afrika.

Yingako-ke nje ngithi asizibambe ziqine ngoba kusazoba neziwombe ezinzima futhi ezizosithwalisa kanzima.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page