Vikela imali yakho, uqaphele amaqola ezinkundleni zobuchwepheshe, kuloba uNokwazi Chonco

NJENGOBA umhlaba wonke ugubha i-International Fraud Awareness Week, eqale mhla ka-13 kuya mhla ka-19 Novemba, kuhle ukukhumbula ukuthi amaqola angakuthola noma nini noma kuphi. Yazi okufanele ukuqaphele uma usebenzisa ubuchwepheshe.

Izigebengu ezidobana nge-internet zihlale zifuna izindlela zokukukhohlisa ukuze zikuqole. Zijwayeze ukuthi awuniki noma wubani imininingwane yakho yasebhange. 

Uma uthenga nge-internet, qiniseka ukuthi uyalibhekisisa ikheli le-website othenga kuyona.

Izinhlobo zokukhwabanisa nge-internet: 

Ama-key logger 

Yonke into oyicindezelayo kwikhompyutha yakho iyaqopheka. 

Qinisekisa ukuthi uhlale une-software yokuzivikela efanele ukuze kungabi lula ukuthi amaqola athole imininingwane yakho eyimfihlo nongena ngayo uma wenza izinto online

I-phishing

Amaqola akuthumelela i-email ebukeka sengathi iphuma ebhange lakho okusuke kufanele uyiphendule. Lena yindlela akudoba ngayo ukuthi ugcine ungene ebhange ukuze ezokuqola. 

Khumbula ukuthi ibhange lakho alisoze lakuthumelela i-email ene-attachment.

I-SMShing 

Lena yindlela amaqola asebenzisa ama-SMS ngayo ukukuqola. Uthola umlayezo ocingweni ongathi uvela ebhange lakho othi ikhadi lakho lintshontshiwe noma kukhishwe imali enkulu kwi-akhawunti yakho. Umyalezo uba nendawo ongafaka kuyo imininingwane yakho yasebhange nenombolo eyimfihlo oyisebenzisa uma ukhipha imali.

Ungalinge ufake imininingwane yakho yasebhange nenombolo eyimfihlo lapho kuthiwa yifake khona.

I-vishing 

Lapha abakhwabanisi baxhumana nawe ngocingo bezenza abantu wasebhange. Benza sengathi bakushayela ucingo ukuqinisekisa imininingwane yakho yasebhange noma bakwazisa ukuthi kukhona okungalungile nge-akhawunti yakho yasebhange. 

Ungalokothi unike umuntu imininingwane yakho yasebhange. Amabhange awasoze akucela leyo mininingwane ocingweni.

I-deposit refund scam

Uma kukhona okuthinta ngocingo akutshele ukuthi yena ukhokhe imali ngephutha kwi-akhawunti yakho yasebhange, kufanele uqaphele ngoba amaqhinga okukuqola lawo. 

Iqola likunika ubufakazi obungamanga benkokhelo bese likucela ukuthi ulibuyisele leyo mali. 

Uyayikhokha le mali ngoba ukholwa wukuthi imali ingenile ngempela kwi-akhawunti yakho, ubone kamuva ukuthi uqoliwe. 

Qinisekisa ebhange lakho kuqala ngaphambi kokukhokha. 

Ama-social media scam 

Qaphela uma kukhona okuthinta ezinkundleni zokuxhumana akucele usizo noma imali. Uzama wonke amaqhinga okukukhohlisa ukuze umnike imininingwane yakho azoyisebenzisela ukukuqola. 

Qaphela ukuthi awuvezi imininingwane eminingi ngawe ezinkundleni zokuxhumana 

  • UNkk uChonco uwungoti wezimali nomsunguli we-Ibanokwazi, inkampani efundisa ngokuphatha imali

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page