Maningi amathuba ebhizinisi alethwa yiNdebe yoMhlaba yebhola, kuloba uNtokozo Biyela

NGEMPELASONTO edlule kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola. Kimina kuvuke isasasa elalikhona ngenkathi lemidlalo izodlalelwa eNingizimu Afrika. Ngizibuze ukuthi ngabe mangaki amathuba ebhizinisi iQatar ewavulele osomabhizinisi bakhona, njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA ithe ilindele ukwenza inzuzo ewu-$3 billion emva kwale midlalo.
Yiningi kabi leyo mali uma ubheka inani lemidlalo nokuningi okuzobe kwenzeka eQatar. Ngizibuze ukuthi yini osomabhizinisi abancane balapha abayenzayo ukuthi nabo bazuze njengoba kunalo mqhudelwano. Uma ngibheka nje edolobheni laseThekwini angikaboni lutho olutheni, mhlawumbe kusafanele ngiliguduze lonke iTheku ukuze ngibone umnyakazo.
Yithuba eliyingqayizivele kosomabhizinisi abancane ngoba lona umncintiswano osezingeni eliphezulu emhlabeni jikelele. Wonke amehlo omhlaba nawabathandi bebhola athe njo kwithelevishini ukuze angaphuthelwa nowodwa umdlalo.
Nokho sonke siyazi ukuthi lapho kukhona abantu abaningi beze ebumnandini nemali isuke ikhona. Noma ingekho kodwa kudingeka osomabhizinisi abakwazi ukubona ithuba lokwenza imali ukuthi bahlale amagqozo.
Kazi bangaki abantu ezindaweni ezihlukene zaseNingizimu Afrika asebevule izindawo zokungcebeleka ukuze abantu bakwazi ukuzobuka ibhola ndawonye, ngoba phela ibhola limnandi uma nilibuka nibaningi?
Bangaki asebevule izindawo zokushisa inyama ukuze abantu bathi bebuka ibhola bebebedla inyama?
Bangaki abacabange ukwenza amathelevishini angomahambanendlwana ukuze bezosabalalisa amathelevishini lapho engekho khona bese bethola abaxhasi abazokhokhela zonke lezo zindleko bona bakhangise kulezo zindawo?
Bangaki abenze imifaniswano eyizikibha noma amajezi amaqembu adlalayo noma izinto nje abantu abangathanda ukuba nazo zibe yisikhumbuzo ukuthi kwake kwaba neNdebe yoMhlaba eQatar?
Ngizama ukuthini? Ngizama ukuthi uma kukhona imidlalo emikhulu njengalena yomhlaba wonke iveza amathuba amaningi kosomabhizinisi ukuthi bahlomule.
Into emnandi wukuthi sesiya nasesikhathini sokungcebeleka lapho abanye abantu bezoba nemali abayibhonasile. Abaningi bangathokoza ukuthola izindawo lapho bezokwazi ukungcebeleka ngemali yabo ngokukhululeka.
Uzoqaphela ukuthi amabhizinisi amaningi asebenzisa leli thuba leNdebe yoMhlaba ukukhangisa noma yini afuna ukuyikhangisa ngoba ayazi ukuthi abantu abaningi amehlo abo asemidlalweni.
Nawe uwusomabhizinisi waseNingizimu Afrika ungabe usasala usebenzise noma yiliphi ithuba eliqhamukayo ukuze uthole amakhasimende ngalesi sikhathi noma wenze imititilizo ehambisana neNdebe yoMhlaba. Usomabhizinisi ohlakaniphile wenza isiqiniseko sokuthi uhlale ebheke amathuba ngaso sonke isikhathi, ngakho-ke nawe ungasindwa yizinyawo.
Kuya nokuthi indawo yangakini idingani ukuze uqinisekise ukuthi uletha izidingo ezifanele emphakathini ukuze ukwazi ukubuka ibhola kamnandi.
Amaholidi kaDisemba aseseduze, ngakho kufanele ngabe usuyaqala uyabheka ukuthi yimaphi amathuba akhona okwenza imali.
Kwabanezingane eziya emaholidini ngalesi sikhathi futhi benamabhizinisi, abaqinisekise ukuthi bafundisa izingane zabo ngebhizinisi ngenkathi zisemaholidini. Yiyona ndlela lena elula esiza ukufundisa izingane ukuphatha ibhizinisi.
Nginifisela okuhle kodwa emizamweni yenu ngalesi sikhathi seNdebe yoMhlaba.
- UBiyela wumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
- Facebook: Ntokozo Mondli Biyela
