Izinto zisengabuyela esimweni esifanele eGoli, eGauteng, njengakudala iGoli liseyiGoli, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukubheda kwezinto eGoli kudlisela umnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA kuzoqala iNdebe yoMhlaba eNorth America kuleli sonto ngikhumbula ngesikhathi lo mqhudelwano useNingizimu Afrika ngo-2010. Umdlalo wokuqala uzophinde ubephakathi kweNingizimu Afrika neMexico, umdlalo wokuqala okwavulwa ngawo le midlalo ngesikhathi ilapha.

INdebe yoMhlaba ngo-2010 yaveza iNingizimu Afrika esezingeni eliphezulu. Kodwa ukuhluka kwezinto ngaleso sikhathi namanje kutshengisa ukuthi idolobha laseGoli seliwe kangakanani.

Lowo mdlalo wawusenkundleni iFNB Stadium okwakufinyeleleka kalula kuyona ngestimela esisuka ePark Station. Amarobhothi ayesebenza, imigwaqo yayisesimweni esihle kanti nemigwaqo ewuthelawayeka yayisanda kulungiswa.

IRea Vaya yayisanda kuqala ukusebenza futhi kusanda kuthulwa iGautrain. Isifiso sokuthi iGoli libeyidolobha lase-Afrika elisezingeni lomhlaba kwakubonakala kuyinto ezofezeka kalula.

Umkhandlu wawusihlela kahle isabelomali. Imeya yangaleso sikhathi uMnu u-Amos Masondo yamemezela isabelomali esibhekelele zonke izidingo nombiko wezimali omuhle. Idolobha lalikleliswe kahle yizinkampani ezibuyekeza indlela umnotho ophathwa ngayo futhi lakwazi ukuboleka imali lisebenzisa ama-bond. Lasebenzisa u-16% wesabelomali ezinhlelweni zokuphucula idolobha.

Izinto sezihluke kakhulu kunangaleso sikhathi. Ngisho sekuwukuthi sithatha ngokuthi amanani ezimpahla anyukile, isabelomali saleli dolobha esethulwe emasontweni amabili edlule singaphezulu ngo-60% kunesango-2010 kodwa amanani ezakhiwo ehle ngo-21%. Indlela okuhlinzekwa ngayo izidingo yehle kakhulu njengako ukuphathwa kwezimali.

Ngonyaka odlule lathola umbiko omubi kumcwaningimabhuku-jikelele. Imali ezosetshenziswa ukuphucula izinto iwu-6% wesabelomali ekubeni ukuphucula nokunakekela ingqalasizinda kuloku kumile.

Ngesonto elidule umcwaningimabhuku-jikelele uthe kuno-R2 billion ongasetshenziswanga kahle ngoba kunezinto ezenziwe ebezingabalwanga kwisabelomali – leli dolobha aliyingenisanga imali ebelicabanga ukuthi lizoyithola nebelithembele ukuthi lizokhokhela lezo zinhlelo ngayo.

FUNDA NALAPHA: UMasipala waseGoli uzolungisa izikhalo zomGcinimafa

Kulo nyaka, leli dolobha lithembele ekutheni imali elizoyingenisa izonyuka ngo-6,5% ukukhokhela izindleko ezizonyuka ngo-8,1%. Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana usevele wangenelela odabeni lwesivumelwano semiholo yezisebenzi zaleli dolobha esizoba wuR10,3bn asichaze ngokuthi “sisayinwe ngokungemthetho”, wathi lo masipala awunamali.

Usesabise ngokuthi uzogodla isibonelelo esiwuR8bn okwabelwe omasipala kubona. Abahlinzeka leli dolobha ngemisebenzi abakhokhelwe, bakweletwa imali engaphezu kwalena leli dolobha elinayo. Abanye sebeyiyekile imisebenzi ngenxa yokungakhokhelwa.

Ukungasebenzi kahle kweGoli kuyingozi emnothweni wezwe wonke. Umnotho walo uwu-16% womthamo womnotho wezwe lonke futhi lihlinzeka ngezidingo ezimqoka emnothweni wonke. Ukuqhubeka nokungakwazi ukuhlinzeka izidingo ezifana namanzi, ugesi nokunakekela imigwaqo yizingozi ezingamukelekile kumabhizinisi.

Yingakho nje iBusiness Leadership South Africa, iBusiness Unity South Africa neBusiness for South Africa beshicilele istatimende ngokuhlanganyela ngesonto elidlule behlaba ikhwelo lokuthi kuphuculwe izimali zedolobha nokuthi uhulumeni usebenzise amandla onawo wonke ngokuthi kuzokwenziwani ukulungisa le nkinga ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya.

Amabhizinisi azibophezele ukuseka le mizamo. Kuvele kukhona imali esiyifakile ukuseka izinguquko komasipala nokulungisa ingqalasizinda njengokubhodloka kwemigwaqo namarobhothi angasebenzi. Kodwa sifuna ukukwenza ngendlela ehlelekile loku futhi kunabele nakwezinye izindawo.

Amabhizinisi nohulumeni bangazuza lukhulu uma besebenza ngokubambisana njengoba kubonakele ngenkinga endleleni esilungise ngayo inkinga kagesi neyezokuthutha. Uma izinto zihlelwe kahle, amabhizinisi angangenisa imali namakhono ukuseka ukuhlinzeka izidingo. Kodwa kumqoka ukuthi sisebenzisane nabantu esingabathemba.

Uma sekwenzekile loko, sizosebenzisana nedolobha nohulumeni ngezinhlelo ezingenziwa ngokushesha futhi kubekhona ozophendula ngezinqumo. Impumelelo idinga umuntu okungabanjiswana naye ukuqikelela ukuthi izinto zenziwa ngendlela efanele.

Kunesizathu esenza ukuthi iG20 neB20 kubeseGoli ngonyaka odlule futhi kuyilona lomkhulu lezinkampani eziningi ezinkulu. Yilona dolobha elikhulu kunawo wonke ezweni futhi liyikhaya lezikhungo eziningi ezimqoka emnothweni wethu. Kubalulekile ezweni ukuthi izinto zilunge kuleli dolobha. Siyakwazi okungenzeka ngoba sesike sakwenza kudala.

Njengoba iqembu lesizwe lizoqala ukudlala kuleli sonto, lithwele amathemba esizwe. Seloku kwathi nhlo, into enhle nenkulu ngeNingizimu Afrika wukukwazi ukubumbana uma kunenkinga nokulungisa izinto. Idolobha laseGoli lidinga lokho manje, okungamabhizinisi, uhulumeni nezakhamizi ukubasebenzisane. Sekuyisikhathi sokulungisa idolobha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page