Ibhodi ememezele inzuzo yase-Eskom ifike umsebenzi omningi usuwenziwe, kuloba uZakhele Madela
INKAMPANI kahlumeni i-Eskom yenze kahle ngonyaka wezimali u-2024/25. Loku kuvele ngesonto elidlule ngesikhathi imemezela ukuthi yenze inzuzo ewuR15 billion.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/04/ibhodi-entsha-ye-eskom-izoqhubeka-nomsebenzi-wokuphipha-omuhle/
Loku kujabulise abantu abaningi yize kubekhona idlanzana elisembonini yokukhiqiza nokuhlinzeka ngogesi ezweni ezame ukufaka unyawo lwedada lathi ukukhiqiza ugesi welanga yikona okwenze ukuthi i-Eskom ingabisenkingeni. Loku kungamampunge wodwa ngoba izibalo zikhomba ukuthi i-Eskom isikhiqiza ugesi omningi ngeziphehlimandla zamalahle ezilungisiwe.
Kule ngosi ngibheka ukuthi yini eyenze i-Eskom yenze inzuzo futhi inqobe izinselelo zokucima ugesi.
Yini ebiyenza i-Eskom ingasebenzi ngendlela ngo-2018 kuze kubewu-Ephreli wonyaka odlule?
Ngo-2016 nango-2017 kwakunempikiswano phakathi kwabaphethe i-Eskom ngaphansi koMnu uBrian Molefe noMatshela Koko nohulumeni. Abaphathi be-Eskom babengafuni ukusayina noma ukubophezela i-Eskom kugesi okhiqizwa yizinkampani ezizimele, phecelezi ama-independent power producer (ama-IPP), okuyizimbangi ze-Eskom ezenza ugesi ngelanga nangomoya.
Loku kwadala ukuthi uKoko afakwe ingcindezi yokuthi akazishiyele esikhundleni sokuphatha i-Eskom noma axoshwe. Wazishiyela ngoJanuwari wango-2018.
Kwathi kushaya u-Ephreli wango-2018 ababenikwe amandla okuphatha i-Eskom base besayine izivumelwano zama-IPP awu-27 uMolefe noKoko ababenqabe ukuzisayina.
Ngawo kanye u-Ephreli wango-2018 kwasayinwa izivumelwano zokuthi izinkampani ezizimele zizokhiqhiza ugesi, kwabekuqala ukucima kukagesi, phecelezi i-load shedding.
Yasibulala i-load shedding kwaze kwafika uMnu uDan Marokane ezophatha i-Eskom, owabeka iziphehlimandla zamalahle eqhulwini.
Ukusayinwa kwezivumelwano eziwu-27 zama-IPP kwakuncike ekutheni i-Eskom ingazihluphi ukuhlelela imali yokuxazulula izinkinga ezinkulu ezifuna imali eningi ukuthi iziphehlimandla zayo zamalahle ziqhubeke.
Abangena ngoFebhuwari wango-2018 bathi indaba yokulungisa iziphehlimandla zamalahle ayinasidingo. Akhona ama-IPP akhiqiza ugesi ngomoya nangelanga azolekelela i-Eskom ukukhiqiza ugesi owanele.
Kusukela ngo-Ephreli wango-2018 kuze kubengoMashi wango-2024 iNingizimu Afrika ibibulawa yinkinga yokucima kukagesi, izikweletu nokungenzi inzuzo futhi nokulahleka kwemali eningi.
Sashintsha kanjani isimo ngo-Ephreli wango-2024? Ukufika kwesikhulu esiphezulu esisha e-Eskom uMnu uDan Marokane kwenza umehluko omkhulu ukuthi ugesi ungacishwa futhi i-Eskom yenze inzuzo.
Yini le eyenziwa wuMarokane nebhodi yakhe? UMarokane uwunjiniyela futhi unamava omsebenzi awenzayo. Wathatha isikhundla sokuphatha i-Eskom azi kahle ukuthi kufunekani ukuze kushintshe isimo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuqala bonke ababephethe i-Eskom bebengesibona onjiniyela. UMarokane uthe efika wabuza abaphathi beziteshi eziphehla ugesi ngamalahle ukuthi badinga malini ukulungisa iziphehli ukuze zingacimi?
Bamtshela imali eyayidingeka nezinsizakusebenza, ahamba wayokufuna loku kokubili. Yaphela kanjalo inkinga yokucima kukagesi.
Kwenzekani manje? Ukuma kokucima kukagesi kusho ukuthi i-Eskom isidayisa ugesi omningi futhi ayisasebenzisi udizili omningi obizayo ukuphehla ugesi. Yiloku kanye okwenze i-Eskom igcine isiyenza inzuzo kulo nyaka njengoba yayigcine ukuyenza ngesikhathi sikaMolefe noKoko.
Ukulungisa iziphehli zamalahle e-Eskom yikona okuqede ukunqamuka kukagesi kwayisiza ukwenza inzuzo. Kubikwa ukuthi i-Eskom ezinyangeni nje eziyisithupha zalo nyaka ikwazile ukwenza inzuzo.
Akusilo iqiniso ukuthi ugesi womoya nowelanga uzosebenza wodwa. Wukudukisa izwe loku.
Kuvela ukuthi amazwe asentshonalanga athi adidekile ukuthi iNingizimu Afrika ikuthatha kuphi ukuthi ugesi wezwe lawo omningi uzokwenziwa ngomoya nangelanga.
Njengoba iNingizimu Afrika ibiwusihlalo weG20 kuvela ukuthi amazwe aneminotho emikhulu ayayihleka ukuthi ivumelani ukudukiswa yiGermany ukuthi igxile ekukhiqizeni ugesi womoya nowelanga.
Amazwe amaningi asentshonalang yeYurophu naseMelika asenxuse uhulumeni waseNingizimu Afrika nabase-Afrika yonke ukuthi bangalaleli abantu abathi abangazivuseleli iziphehlimandla zamalahle.
Labo ababhedla le nkulumo yokululeka iNingizimu Afrika ukuthi ingawayeki amalahle yilowo owayewundunankulu wase-United Kingdom uMnu uTony Blair nabanye abaholi baseMelika, abathi amalahle kufanele asebenze no-woyela negesi. Kepha konke loku kuwela ezindlebeni ezingezwa futhi sekuze kwenza leli zwe libukeke sengathi alinamgogodla.
Amabhange aseNingizimu Afrika awanalo iqiniso. Okunye okuvelayo wukuthi nakuba zikhona izinkampani zakwamanye amazwe noma ezinkulu ezifuna ukusebenzisana neNingizimu Afrika kodwa amabhange aseNingizimu Afrika ashaya phansi ngonyawo athi ngeke avume ukuthi izimali zokwenza ugesi ngamalahle zingene emabhange azo.
Loku kubanga inkinga enkulu ngoba kusho ukuthi noma leli zwe liboniswa ukuthi lingayeki ukukhiqiza ugesi ngamalahle kodwa ngeke kwenzeke ngoba amabhange asezweni athi ngeke zidlule lezi zimali emabhange azo.
Kufuneka ukuthi amabhange aseNingizimu Afrika ake abuzwe imibuzo enzima ukuthi akuthatha kuphi ukunqaba ukukhipha imali yokusiza izinkampani zamalahle ezintsha kodwa ekubeni amabhange aseMelika nawaseGermany ekuxhasa ukuvuselela nokwakha iziphehlimandla zamalahle.
Izinhlangano ezisiza umphakathi ezingayenzi inzuzo eNingingizimu Afrika azinalo iqiniso. Zinqabela i-Eskom ukuthi isayine izivumelwano zokukhiqiza ugesi ngamalahle nangegesi, phecelezi i-natural gas. Azikhulumi lutho ngokwenzeka eMelika naseGermany ukuthi khona kutshalwa imali yezimboni ezintsha zamalahle zika-woyela nezegesi.
Impela lolu daba lwezinhlangano ezingayenzi inzuzo kufanele lufakelwe izibuko noma zike zibizwe ezinkantolo.
Kunokumqoka okwenziwe yi-Eskom ukuthi igcine inqobe impi yokunqamuka kukagesi futhi yenze inzuzo.
Okokuqala wukuthi isikhulu esiphezulu sitholele abaphathi beziteshi eziphehla ugesi imali futhi sabeseka ukungisa iziphehli.
Okwesibili wukuthi amalungu amaningi ebhodi ye-Eskom awonjiniyela nososayensi.
Okwesithathu wukuthi uMarokane uyazikhulumela ngqo nongqongqoshe womNyango kaGesi nabanye abaphethe kuhulumeni.
Okwesine wukuthi uMarokane ugxila kokufanele kwenziwe ukuze kulunge iziphehlimandla zamalahle futhi zisebenze.
Okwesihlanu wukuthi izisebenzi ze-Eskom zinomdlandla wokuya emsebenzi, ziyazimisela emsebenzini ngoba akekho umuntu ophethe ozitshela ukuthi iziphehlimandla zamalahle zizovala.
Okwesithupha nokokugcina wukuthi bonke abaphethe e-Eskom kusukela kungqongqoshe kagesi bajabulile futhi bayakuthakasela ukuya emsebenzini.


