Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa Akucacise ukuthi umi kuphi ngokufanele kwenzeke nge-Eskom njengoba izikhulu zayo sezishaya ungqimphothwe ngokufanele kwenzeke, kusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuhlehlela emuva kwezinguquko zikagesi kungase kuxoshe abatshalimali, kuloba uBusi Mavuso  

UMBIKO weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) obuyekeza ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala oshicilelwe ngesonto elidlule utshengise ukuthi ikhona inqubekelaphambili yonke indawo ngaphandle kwasembonini kagesi. 

I-BLSA Reform Quarterly Review Wumbiko othulwe ngesonto elidlule. Yize sikubonga ukuthi sekudlulile ukuhamba kukagesi kodwa akusho ukuthi sekufanele sidembesele. Iqhinga okwavunyelwana ngalo lokwethula izinguquko ezinqala embonini kagesi zithinta kakhulu indlela ugesi ophehlwa futhi usatshalaliswe ngayo ezweni, hhayi nje ukuqinisekisa ukuthi kunogesi owAnele kodwa nokwethula ezokuncintisana ezifanele, ezizoqala zehlise amanani kagesi.

Kufanele ngabe sandisa indlela yokuphehla ugesi ukuseka ukukhula komnotho ngenkathi sitshala kwi-grid ukuqinisekisa ukuthi sikwazi ukusabalalisa ugesi kusukela lapho uphehlwa khona uze ufinyelele lapho udingeka khona. 

Lolu daba lunakeke kakhulu emva kokuthi ngesonto elidlule izikhulu ze-Eskom zibikele iKomiti lezamaNdla noGesi ePhalamende ukuthi indlela ezibona kufanele kuhlukaniswe ngayo i-Eskom ihlukile kweyomgomo ikhona. 

Ngiyajabula ukuthi nekomiti likhathazekile njengoba lithe kuzofanele i-Eskom iphinde ibuye izochaza. 

Emva kokuthula iziko elibheka ukuthi izinto zihamba kanjani nokushiwo ePhalamende, sinesikhulu esiphezulu seBusiness Unity South Africa sibhalele umengameli uMnu uCyril Ramaphosa simcela acacise ukuthi umiphi ngezinguquko embonini kagesi.

Thina sazi ukuthi kuneqhinga elicacile elahlangamiswa emva kokubonisana kwabo bonke abathintekayo okubalwa neKomiti eZweni loNke elengamele iNkinga kaGesi, i-Operation Vulindlela kahulumeni, umNyango weziMali neNational Economic and Labour Council.

Yize kunjalo, ngoDisemba, umNyango kaGesi namaNdla uphasise icebo lokuhlukanisa i-Eskom elibuyekeziwe elingahambisani nomgomo ophasisiwe futhi elibeka engcupheni imali engase itshalwe kwi-grid.

Umgomo okhona uthi ingqalasizinda ye-Eskom yokusabalalisa ugesi kufanele ihlukaniswe yenziwe inkampani ezimele ezokwazi ukuboleka imali engayitshala kwingqalasizinda, i-transmission systems operator (i-TSO).

Nokho leli cebo eliphasiswe ngoDisemba liyakushintsha kakhulu loku njengoba lengqalasizinda isazoqhubeka ibengeye-Eskom. Lokhu kusho ukuthi i-TSO ngeke ibenezimpahla zayo, okuzokwenza kubenzima ukuheha abatshalimali. 

Loku kwenza izinto zingacaci kahle ngekusasa lezinguquko embonini kagesi. Ukutshala imali kwi-grid kumqoka futhi kufanele kusheshe njengokusho komqulu wokuthuthukisa ukusabalalisa ugesi i-Transmission Development Plan. Leli qhinga lithi kudingeka olayini abasha abawu-14 000km abazodla cishe uR440 billion. 

Okwamanje i-grid ayihleliwe ukuthi kukwazi ukuxhunywa izindlela ezintsha zokuphehla ugesi, ikakhulu ezindaweni lapho kungcono khona ukusebenzisa ugesi ovuselelwayo njengowelanga eNyakatho eKapa nophehlwa ngomoya eMpumalanga Kapa, lapho usetshenziswa khona. 

Lokhu kuzobamqoka kakhulu njengoba umnotho ukhula futhi sikhula isidingo sikagesi. Ukusimama kukagesi kulezi zinyanga eziwu-18 ezidlule kuzocikizela futhi okungase kwenzeke wukuthi kungenzeka ugesi ucinywe kakhulu kunasekuqaleni noma kunqinde ukukhula komnotho ngokuxosha abatshalimali noma kwenzeke kokubili. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/08/kuyaphucuka-ukusebenza-kwetransnet-ne-eskom/ 

Enendaba nakho iBLSA wukuqinisekisa ukuthi indawo amabhizinisi asebenzela kuyo iyakweseka ukukhula komnotho nokwakha imisebenzi. Umgomo okuvunyelwene ngayo uyalinyusa ithemba labamabhizinisi. I-BLSA Reform Tracker ibifaka nocwaningo olwenziwe namalungu eBLSA oluveze ukuthi amaningi kuwona anethemba ngomphumela wezinguquko kulezi zinyanga ezingu-12 ezizayo. 

Ngabaqashi nabatshalimali abakhulu laba emnothweni futhi lelo themba lizoholela entsisekelweni yokukhula. Abaningi futhi bashilo ukuthi indlela okusebenzeka ngayo iphucukile ngenxa yezinguquko zikagesi. Esizama ukukwenza ngokuheha abatshalimali ukuze umnotho ukhule ngeke kwenzeke uma uhulumeni uzoshaya ungqimphothwe ngomgomo osekuvunyelwene ngawo. 

Yingakho nje iBLSA isungule i-Reform Tracker ukuqinisekisa ukugada izinguquko okuvunyelwene ngazo. Ikhona inqubekelaphambili efaka nokuphucuka kwezokuthutha, indlela okuphasiswa ngayo ama-visa, imithetho yezisebenzi, imizi ebiza kahle nendlela okuvotwa ngayo, ukubala nje okumbalwa.

Ukuhlehlela emuva embonini kagesi yikona nje okugqamayo. Ngokubona kwethu, isiGaba 34A sokuChitshibiyela umThetho kaGesi sicacile ekutheni i-TSO kufanele kube yiyona egunyazwayo ukusabalalisa ugesi futhi kufanele kubeyiyona ehlelayo, ilawule futhi inakekele lo msebenzi. 

Loko kusho ukuthi kufanele bakwazi ukulawula lo msebenzi ngokuphelele. Umthetho ucacisa ukuthi i-TSO kufanele igunyazwe wumlawuli kagesi iNational Energy Regulator of South Africa (iNersa) ukuze ikwazi ukwenza le misebenzi, okusho ukuthi kufanele ilawule i-grid. Ayikho enye indlela yokuyibuka le nto ngaphandle kokuthi lokhu kusho ukuthi kufanele ilawule ingqalasizinda. 

Uma i-Eskom iqhubeka nokubawumnikazi wengqalasizinda, kucacile ukuthi kukhona lapho izinto zizoshayisana khona njengoba izoba wumphehli nomsabalalisi kagesi Loku kungase kubandlulule abanye abaphehli futhi kuzobayingozi kubatshalimali okufanele bafake izigidi zemali yabo kule ngqalasizinda. 

I-Eskom ithi kufanele iqhubeke ibengabanikazi bale ngqalasizinda ngenxa yabantu eboleke imali kubo ngohlelo lwama-bond. Nokho akulona iqiniso loko. Abantu ababolekisa imali ngama-bond bakujwayele ukuthi izinto ziyashintshwa emhlabeni wonke ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi kahulumeni ayahambisana nezidingo zzimakethe. Ziningi izindlela zokuthola imiphumela efanele ngaphandle kokucwasa abantu ababolekisa ngemali besebenzisa ama-bond

Njengoba sishilo nasencwadini esiyibhalele uRamaphosa, kumqoka ukuthi umengameli acacise ukuthi umi kuphi kulo mgomo. Izigidi ezizoqhamuka kubatshalimali, ukukhula komnotho nokudala imisebenzi kuncike lapho. 

Kusasa sizozwa iNkulumo eBhekiswe esiZweni, umyalezo kamengameli emabhizinisini ngabangakulindela kulo nyaka oqalayo. Ngiyathemba izocacisa futhi yenze liqhubeke ithemba futhi kuheheke abatshalimali esibadingayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page