Ukuxhaphaka kwagwayi womkokotelo kuholele ekuvaleni ifemu kagwayi osemthethweni eHeidelberg, eGauteng, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuvala kwenkampani kagwayi wumphumela wokungayisukumeli indaba yokulwa nezimpahla zomgunyathi, kuloba uBusi Mavuso

IZIMPAHLA eziwumbombayi ziqeda imisebenzi. Isimemezelo esenziwe yiBritish American Tobacco (iBAT) sokuthi izovala ifemu yayo okuwukuphela kwayo eNingizimu Afrika kulo nyaka kutshengisa ukuthi uma imigomo ixega nokugcina imithetho, ezokukhiqiza ezisemthethweni zicekeleka phansi.

Le femu ibisisebenza ngabantu abawu-35% kanti ayisakwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Iwu-230 imisebenzi ezophela kwethinteka ngqo kodwa cishe umphumela uzothinta imisebenzi ewu-35 000 uma kubhekwa bonke abantu abathintekayo kusukela kubalimi bagwayi abawu-100 eLimpopo, eNorth West naseMpumalanga abakhiqize ama-kilogram angaphezu kwango-7 million ngonyaka odlule kuye kwabawusabalalisayo nezitolo. 

Sifike kanjani lapha? Ngo-2019, ugwayi owumbombayi ubuwu-1/3 wemboni. Namhlanje, iBAT ilinganisa ukuthi lesi sibalo sesiphindaphindiwe safinyelela ku-75%. Loku kusheshiswe wukuphambuka komgomo ngesikhathi kuhlasele i-Covid-19 ngesikhathi kuvalwe ukudayisa ugwayi notshwala okusemthethweni (okwathi ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi kuphambene nomThethosisekelo) esikhathini lapho nabaqondene nokuhlonipha umthetho babegxile kokunye, okwenza abadayisa ugwayi ngokungemthetho basabalalise umsebenzi wabo, izindawo ezisasebenza namanje. 

Okulandele loko yintela ephezulu kakhulu ekhokhiswa imikhiqizo esemthethweni okudale ukuthi kubenegebe elikhulu emananini, kwavuna abakhiqiza ugwayi owumbombayi. Iphakethe lalo gwayi manje libiza ngaphansi kwaR26.22 wentela nangaphezu kwentela oyikhokha uma uthenga izimpahla i-value added tax, okufanele ngabe ibanjwa kuwona, ingasaphathwa eyokungayigqizi qakala eyezexwayiso ezithinta ubongozi bukagwayi nokuthi kufanele udayiselwe abantu abaneminyaka emingaki, ekubeni uhulumeni ulahlekelwa cishe wuR30 billion wentela ongabe uyayingenisa ngonyaka. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/06/izimpahla-zomkokotelo-zizowisa-umnotho-idurban-chamber/

Asikhulumi nje ngogwayi lapha. Inkinga efanayo iyona nakwezinye izimboni. Ukudayisa utshwala obungekho emthethweni kunyuke ngo-55% kusukela ngo-2017 njengoba iDrinks Federation of South Africa ithi isiphuzo esisodwa kwezinhlanu siqhamuka kubantu abadayisa ngokungekho emthethweni. 

Izimpahla eziwumgunyathi kwezokulapha, ezokugqoka, ezisebenza ngogesi, izinto zokugcoba ngisho nokudla zithe chithi saka. I-Consumer Goods Council of South Africa ilinganisa ukuthi izimpahla ezingekho emthethweni sezilinganiselwa ku-10% womthamo womnotho, isibalo esikhulu kangangokuthi kunzima ukusikala kahle kodwa kuyatshengisa kancane ukuthi inkinga ingakanani.

Lezi zenzo ezingekho emthethweni zinesandla ebugebengwini obuhleliwe ezithinta izimayini ezingekho emthethweni, amaqembu emidlwembe aphazamisa embonini yezokwakha nobunye ubugebengu. Inzuzo eqhamuka lapho yiyona ekhokhela yonke into kusukela ekubanjweni kwezimoto zemali kuye kwezinye izindlela zobugebengu ezinobuchule. 

Ngale nje kokuphunyuka kwentela nokucekela phansi imisebenzi, imboni yezimpahla eziwumgunyathi iphazamisa ukusebenza komthetho futhi yenza umphakathi ungazithembi izinhlaka zikahulumeni uma izigebengu zizicanasela. 

Zikhona izixazululo ezenziwe yimboni. Uma kunganqunywa ukuthi kufanele okungenani izimpahla ezidayisayo zingabingaphansi kwenani elithile, kungabanzima kubantu abadayisa ugwayi ngamanani angaphansi kwabanjelwa intela.

Izindlela zokumaka imikhiqizo esemthethweni zingenza kubelula ukubona imikhiqizo ewumbombayi, okungasiza nabomthetho ukuhlukanisa imikhiqizo eqhamuka kwamanye amazwe engekho emthethweni nekhiqizwa ezweni. 

Bukhona ubuchwepheshe obungasiza amakhasimende akwazi ukuqinisekisa izimpahla obusebenzisa ama-app nokwenza ucwaningo kubantu kusetshenziswa ubuchwepheshe. Kodwa lezi ziphakamiso sekuyiminyaka ziduve eminyangweni kahulumeni zingalandelwa. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) isiyingxenye yethimba elilwa nemboni yezimpahla eziwumgunyathi, i-Illicit Economy Task Force elisungulwe yiConsumer Goods Council ukulwa nalesi sihlava ngokubambisana. 

Leli thimba lizohlanganisa iziphakamiso ezizosetshenziswa ukuqinisekisa izimpahla ezimbonini ezihlukene, kubenemikhankaso yokufundisa umphakathi ngobungozi bokusebenzisa le mikhiqizo empilweni nasemnothweni futhi kuzosetshenzwa nophiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars), amaphoyisa noPhiko lokuShushisa eZweni loNke ukubheka ukuthi izinto zibhajwe kuphi nokuphakamisa izisombululo.

Sizohlanganisa izimboni ezithintekayo kusukela kwekagwayi, eyotshwala kuye kwedayisa imithi nezimpahla zokugqoka ukuze kucotshelelwane ngolwazi nezenzo zamaqembu ezigelekeqe. Loku kubambisana kuzokwenza ukuthi sikwazi ukuza kuhulumeni neziphakamiso ezithinta izimboni kunokuthi inkampani ngayodwa ifake isikhalo. 

Kodwa amabhizinisi ngeke ayixazulule ewodwa le nkinga. Uhulumeni kufanele uphuthume ngezindlela ezihlukene. I-Sars idinga izinsizakusebenza zethimba elilwa nezimpahla zomgunyathi ezifaka abaphenyi abayisipesheli nobuchwepheshe bokugada konke okwenzekayo uma kukhiqizwa izimpahla. Amaphoyisa adinga ochwepheshe abakwazi ukuhlanganisa icala lokushushisa izigebengu ezinobuchule, hhayi nje lezi ezenza ubugebengu obungatheni. 

UPhiko lokuShushisa eZweni kufanele libeke eqhulwini ukushushisa lezi zinhlangano zobugebengu. Akufanele nje loku kuphelele ekushaqeni izimpahla ezingena ezweni. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele uqinise izinto yonke indawo lapho kungena izimpahla, imithetho evikela ubunikazi bezimpahla futhi usebenze nezimboni ukuqhamuka nezindlela izimpahla ezikhiqizwe ngayo. 

Ikhona ingqalasizinda yokwenza lo msebenzi, iSars isinesibalo esanele kanti ukuqinisa uPhiko lokuShushisa eZweni kuyaqhubeka bese kuthi iKhomishini kaMadlanga iphenya ukusebenza kwamaphoyisa. Osekudingeka manje wukuthi osopolitiki bazimisele ukuyibeka eqhulwini le ndaba nokusebenzisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. Ukuvala kweBAT kufanele kugqugquzele ushintsho, kungabi wukuthi yiyona ndlela izinto esekuzokwenzeka ngayo. 

Ingozi kwezokukhiqiza ayibangwa yizimpahla eziwumgunyathi kuphela. Imboni yezimoto eNingizimu Afrika, okungashiwo ukuthi ingenye yezivelele futhi eqashe izinkulungwane zabantu futhi ethinta inqwaba yezinye izimboni ibhekene nengozi yokuthi ingase ishabalale ngenxa yokungenisa kwezimoto ezishibhile eziqhamuka eChina. 

Loku kuzoxazululwa wumgomo ohlukile, mhlawumbe okufanele ufake ukubuyekeza intela, ukuqinisekisa ukuthi kunezingxenye okufanele zenziwe lapha ezweni noma kubuyekezwe izivumelwano zokuhweba, yize naloku kufakazela umnyombo wenkinga, owokuthi uhulumeni uthathe ngonyawo lonwabu ukusukumela izinto eziyingozi kwezokukhiqiza. 

Amabhizinisi asezame kaningi ukuthi kuxoxiswane ngalolu daba kodwa kuze kubemanje asiboni lusukunyelwa. Ukuvikela ezokukhiqiza ezweni yinto okufanele ibeseqhulwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page