Kuyavala ukwamukela amagama abazongenela ukhetho lomasipala

KUYAVALA ngoLwesihlanu ukuqoka abazongenela ukhetho lomasipala olungoNovemba. Ikhomishini yokhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) ithi amaqembu epolitiki nabantu abazongenela ngokuzimela, i-IEC ithe kufanele bathumele amagama abo ngezindlela ezaziwayo okuyi-online candidate nomination system (i-OCNS) noma bahambise imininingwane efanele emahhovisi ayo komasipala abazongenela ukhetho kubona.

Usuku lokuvota luzokwaziwa maduze – ungqongqoshe

NJENGOBA sekusele izinyanga ezimbalwa ukuthi iNingizimu Afrika iye okhethweni lokuhulumeni basekhaya, ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosi Hlabisa uthi uzolumemeza ngoLwesihlanu usuku lokuvota.

Ukhetho lomasipala lusho ukuthi sesifikile isikhathi sokukhuculula komasipala, kuloba uBusi Mavuso

SESIFIKE qathatha ekuweni komasipala. Isinqumo somNyango weziMali sokugodla isibonelelo somasipala abawu-69 silandela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi uveza ukuthi ukungasetshenziswa kwemali ngendlela (okuyiyonankomba enkulu yenkohlakalo) kunyukile unyaka nonyaka, kungenazinyathelo ezithathwayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page