Izitimela zingehlisa umthwalo emahlombe abathengi, kuloba uSandile Gumede
KULOKU kudunguzela komnotho emhlabeni nokubhebhethekiswa yimpi yeMelika ne-Israyeli behlanganyela i-Iran kuzosishiya simathanjana.
Le mpi idale ukunyuka kwentengo ka-woyela ongahluziwe, nokuholele ekunyukeni kukaphethroli nodizili.
Noma kungekho okutheni okungeziwa yiNingizimu Afrika kule mpi esikhahlameze umhlaba wonke, yanyusa intengo yokudla nezimpahla kufanele uhulumeni uzinuke amakhwapha ngokungavikeli ingqalasizinda kaloliwe. Nokho akukabi kubi kakhulu ukuthi ngeke sihlengeke isimo.
Njengomuntu owake wagibela isitimela ngiyakwazi ukubaluleka kokuba khona kwaso, nokuyinto engabamba iqhaza elikhulu ekunciphiseni ijoka lokukhokha ngokweqile elidalwa ukunyuka kwentengo yezimpahla noma ukwehla kwamandla emali ngamawala, phecelezi i-inflation and hyperinflation.
Isikhulu seBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago sisanda kunyusa imalimboleko yawu-7%, okuzodala ukuthi thina esishaya inja ngekhanda sicwile kakhulu ezikweletini njengoba sivele siphefumula ngenxeba.
Umnyombo walo mbhalo wukuthi uhulumeni nePassenger Rail Agency of South Africa (iPrasa), okuyibona abalawula izitimela ezweni, kufanele batshale imali ekutakuleni le mboni ukunciphisa ijoka kubantu abadla imbuya ngothi.
FUNDA NALAPHA: Zithela izithelo izinguquko kwezokuthutha kodwa kufanele sibambe umgqigqo, kuloba uBusi Mavuso
Uma kuhlengwa le mboni futhi ithuthukiswe njengoba kwenzeka emazweni afana no-China noGermany, lapho ngisho izikhulu zikahulumeni zihamba ngesitimela, loku kunganciphisa umthwalo omkhulu emahlombe wabantu abagcina besebenzela imali yokugibela.

UGumede uthi kusezandleni zikahulumeni ukusiza abantu abantulayo ngezindleko zokuthutha
Intengo kaphethroli iphezulu, yingakho nentengo yokugibela amabhasi namatekisi inyuka ngesivinini. Okudabukisayo wukuthi uPrasa nohulumeni babukela kucekelwa phansi ingqalasizinda kaloliwe ngesikhathi sikahulumeni. Loku kwadalwa wukuhoxisa isivumelwano senkampani yonogada nokuthiwa yathola lo msebenzi ngendlela engekho emthethweni.
Nakuba kunjalo, loku kwakungasho ukuthi izakhiwo ezibalulekile ezinjengeziteshi zezitimela nojantshi kuyekwe kungagadwa kube kwaMachanca.
Kuthe noma sezibuyiswa izitimela isibalo sazo sancipha kakhulu, nokwenza abantu bathembele emabhasini, ematekisini nasezimotweni ezincane. Loku kubenomphumela omubi njengoba kwandisa umthamo wezimoto emgwaqweni, nokwandisa izingozi njengoba kubuye kubenenkinga yamarobhothi angasebenzi.
Njengoba uloliwe udonsa kanzima kudala ukuthi izimpahla eziningi zigcina sezithuthwa ngamaloli.
Uma uqaphela umthamo wamaloli ahambisa amalahle echwebeni i-Richards Bay, uzobona ukuthi imigwaqo igcina ingakwazi ukumelana nesisindo nomthamo wawo.
Ngakolunye uhlangothi loku kuvula amathuba amabhizinisi abakulo mkhakha wokuthutha, nokubenza babeyizingqungumatshe zezigwili futhi kudale amathuba omsebenzi kubashayeli.
Kodwa kolunye uhlangothi, loku kucindezela kakhulu abantu abahlwempu. Ukuthutha izimpahla ngamaloli kuyabiza, njengoba esebenzisa udizili onyuka ngesivinini njengoba ibambene eMiddle East, nokudala kungadluleki nemithwalo eStrait of Hormuz.
Ukubiza kokuthutha izimpahla kugcina kuthela abathengi ngamachaphazelo njengoba impahla igcina ibiza ngokweqile ngenxa yokuthi ukuyithutha kuyabiza.
Uma kungaphuculwa ingqalasizinda kaloliwe, loko kungaphungulwa umthwalo. Ezinye izimpahla zingathuthwa ngezitimela, nokungenza ukuthi uma ifika ezitolo ingambi eqolo.
Kepha konke loku kulele ekutheni kulungiswe izitimela nojantshi ukuze izinto zihambe kahle.
Lokhu futhi kuzonciphisa izingozi emgwaqweni ezidalwa yisiminyaminya, nokudla uhulumeni izigidi zamarandi ngesikhwama sezinxephezelo iRoad Accident Fund.
Uhulumeni nePrasa abangabukeleli abantu abahlwempu bedonsa kanzima ekubeni isixazululo silele kubona.
- UGumede ufundisa izifundo zobuntatheli eWalter Sisulu University. Lona wumbono wakhe, hhayi wenyuvesi

