Nakuba kukuhle ukubona kugwetshwa uVincent Smith, owayeyilungu le-ANC ePhalamende, ngokugwamanda amandla ombuso kodwa akwenele loku, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukugwetshwa komuntu wokuqala ngokugwamanda amandla ombuso kubuyisa ithemba, kuloba uBusi Mavuso   

YIZE izinto zitotoba kodwa isiqala ukubonakala inqubekelaphambili ngokuthi abantu baphendule ngezinto abazenzile eNingizimu Afrika. Ukugwetshwa kowayeyilungu lePhalamende le-ANC uVincent Smith iminyaka eyisikhombisa kusho ukuboshwa komuntu wokuqala ngecala lokugwamanda amandla ombuso ngemva kweminyaka kulindwe ubulungisa.

U-Smith ugwetshelwe ukuthatha intshontsho eliwuR800 000 kowayephethe izakhiwo eBosasa ngesikhathi esewusihlalo weKomidi lePhalamende lezoBulungisa nokuHlumelelisa isiMilo.

I-Bosasa yathola inkontileka engaphezu kwaR1 billion emNyangweni woHlumelelisa isiMilo kanti uSmith washintsha ekubeni wumuntu ogxeka le nkampani waphenduka umlandeli wayo esebenzisa isikhundla sakhe ePhalamende. 

IKhomishini kaZondo yathi waphula isifungo sakhe sokubayilungu lePhalamende sokuhlonipha umThethosisekelo. U-Smith akawubikanga noR21 million owatholwa yinkampani yakhe iminyaka eyisishiyagalolunye kumqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars). 

Ukugwetshwa kukaSmith kusho into obalulekile, ukuthi kuyafinyeleleka nakosopolitiki abanamandla. Nokho manje umbuzo uthi wubani ozolandela? IKhomishini kaZondo yaveza inqwaba yabantu okufanele bashushiswe. 

Owayengumengameli wezwe uMnu uJacob Zuma wathinteka naye ekugwamandeni amandla ombuso. Owayengungqongqoshe womNyango wokuMbiwayo uMnu uMosebenzi Zwane watholakala ukuthi wasiza abakwaGupta bazitapele kuhulumeni. Kwatholakala ukuthi owayengusihlalo weSouth African Airways (umufi) uNks uDudu Myeni waphula imithetho elawula le nkampani yamabhanoyi. Owayengukhomishana weSARS uMnu uTom Moyane wahola umkhankaso wokukhinyabeza iSars ukuthi ikwazi ukuqoqa intela. 

Uphiko lokuShushisa eZweni kufanele lukhombise ukuthi ukugwetshwa kukaSmith yisiqalo sokuthi abantu baphendule ngezenzo zabo, hhayi ukuthi kuphunywa iqhubu naye. Abanye abantu okufanele baphendule baseminyangweni kahulumeni lapho inkohlakalo isaqhubeka khona ukuphazamisa ukuthenga izimpahla. 

Ngesonto elidlule kuboshwe umqondisi-jikelele emNyangweni wezeMpilo uDkt Sandile Buthelezi nezikhulu ezimbili ngezinsolo zenkohlakalo nokweba. Kufanele kulandele uphenyo nokushushisa. Umphakathi unalo lonke ilungelo lokulindela uhulumeni ukuthi usebenze ngokuthembeka nangendlela efanele. 

Imboni yezempilo ixakwe yinkohlakalo ethinta ukuthenga izimpahla. Cishe icala elaziwa kakhulu ngelasesibhedlela eTembisa, lapho le nkohlakalo kaR2 billion yaholela ekubulaweni kowaqhumbuza ithumbu uNks uBabita Deokaran ngo-2021. 

UNks uDeokaran wayehola uphiko olulwa nenkohlakalo emNyangweni wezeMpilo eGauteng kanti wadutshulwa emva kokuthi kukhona okushaya amanzi ngendlela izimpahla ezithengwa ngayo. 

Ukuboshwa kwabantu ngesonto elidlule kuyinkomba yezinkinga ezijulile ekuthengeni izimpahla, okulimaza izakhamuzi kodwa kuhlomulise abantu abaziwayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/15/ukuphucuka-kwesimo-sezimali-se-eskom-kuqinisa-isisekelo-somnotho-wezwe-kuloba-ubusi-mavuso/

UmNyango wezeMpilo kufanele ubeke eqhulwini ukulungisa izinto okubalwa nokugada ukuthi yikuphi lapho inkohlakalo idlange khona. Ukulungisa loku, ukuqoka abaphathi abawaziyo umsebenzi nokuvikela abantu ababika inkohlakalo kudinga ukusukunyelwa. Ezempilo ezisebenza kahle ngaphandle kwenkohlakalo kufanele zibekwe eqhulwini.  

Komasipala, inkinga yokuthi abantu baphendule ngabakwenzayo ihlukile kodwa nakhona inemiphumela emibi. Sekuphele iminyaka i-Eskom ihluleka ukuqoqa imali komasipala abawukweleta uR110bn, okuwuhhafu wenani lezimpahla zale nkampani ephehla ugesi. Omasipala abaningi basebenzisa imali abayiqoqela ugesi namanzi ukukhokhela ezinye izidingo, okwenza i-Eskom ingakhokhelwa futhi nengqalasizinda inganakekelwa. 

Uma ingalungiswa le nkinga, i-Eskom ithwele kanzima. Ayikwazi ukuboleka imali uma ikweletwa imali engaka. Njengoba ukuncintisana kunyelela embonini kagesi ngenxa yezinguquko ezithulwe wuhulumeni, kufanele isimo sezimali se-Eskom sihleleke. 

Nokho ukuvalela omasipala ugesi kungalimaza izinkulungwane zabantu abakhokha ngesikhathi, okungahlukumeza amalungelo abo okuthola izidingo. Abantu okufanele basolwe kakhulu ngaloku yizikhulu zomasipala ezihluleka ukuphatha imali ngendlela. 

Imizamo yokuxazulula loku ihlulekile. UmNyango weziMali wenza uhlelo lokulekelela omasipala ukuthi bakwazi ukuqeda izikweletu kodwa abaningi bahlulekile ukuyigcina imibandela yako. Ngesonto elidlule i-Eskom iqinise umkhankaso yaqala uhlelo ngaphansi kwe-Promotion of Administrative Justice Act olungaholela ekutheni omasipala bacinyelwe ugesi. Lolu hlelo luqinisekisa ukuthi amalungelo ayahlonishwa njengokusho komThethosisekelo kodwa futhi kuthathwe izinyathelo zomthetho. Ukwenza loku ngonyaka wokhetho kungenza imiphakathi icabangisise ngokuthi obani ebakhetha ukuthi baphathe. 

Abavoti kufanele bafune izimpendulo kubantu abakhethwayo. Kuzoqinisekiswa kanjani ukuthi i-Eskom nezinkampani zamanzi ziyakhokhelwa? Kuzovinjwa kanjani ukuthi imali okufanele isetshenziselwe ukunakekela ingqalasizinda ayigcini yenza ezinye izinto? Izolungiswa kanjani indaba yokungakhokhelwa kwabantu ngesikhathi? Uma imali ingaphathwa ngendlela, ngisho kungathiwa uhulumeni ezweni lonke uqhumisa isitshwebhu kangakanani noma uhlinzeka imali engakanani kwingqalasizinda, ngeke izidingo zifike emiphakathini. 

Kusukela ekushushiseni abathinteka ekugwamandeni amandla umbuso kuye ekubopheni abaphathi beminyango kahulumeni abathinteka ekukhwabaniseni kuye ekulweni nokungaphathi kahle imali, yiloku kanye okufanele kwenzeke ukuvuselela izinto. Kufanele ushintsho lwenzeke kuwo wonke amazinga kahulumeni kanyekanye. Loku kwenzeka uma wonke umuntu ezophendula ngabaholi eminyangweni nakomasipala. 

Inqubekelaphambili iyabonakala kodwa ayikapheleli. Ukugweba umuntu oyedwa ngokugwamanda amandla ombuso emva kweminyaka kuphenywa akwanele. Sidinga ukushushisa kuqhubeke. Ukubopha abantu embonini yezempilo kufanele kuholele ekutheni kuphucuke indlela okuthengwa izimpahla ngayo. Izikweletu zomasipala zidinga ukuthi abantu bathathelwe izinyathelo ngokungakhokhi nokuphucula indlela okuphathwa ngayo. 

Loku kuzokwenza ukuthi abantu baphinde bawuthembe uhulumeni futhi kuzophucula indlela okuhlinzekwa izidingo ngayo. Lelo themba liheha abatshalimali, okukhulisa umnotho futhi kwakhe amathuba emisebenzi. Nokho kudinga ingcindezi ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo, amabhizinisi nezakhamuzi ukuthi abantu abaphathiswe izinsizakusebenza babhekane nemiphumela yokungawenzi umsebenzi.  

I-Business Leadership South Africa izoqhubeka ukugada umsebenzi nokuseka izinguquko eziqinisa ukusebenza kukahulumeni. Usekude ukuphela umsebenzi wokuvuselela izinhlaka zombuso emva komonakalo owenziwe wukugwamanda amandla ombuso kodwa ngesonto elidlule kutshengisile ukuthi sesiyaqala ukwenza okufanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page