INingizimu Afrika kufanele iqinise kumathuba akhona kwezolimo ezweni naphesheya, kuloba uJabulani Sikhakhane
ININGIZIMU Afrika isebenze kahle kwezolimo, yaqhubeka nokwandisa umkhiqizo wayo ewudayisela amanye amazwe. Uhwebo namanye amazwe ngomkhiqizo wezolimo lunyuke ngo-10% ngo-2025 lwafinyelela ku$15.1 billion (R245bn).
Ezolimo zibenegalelo elikhulu ekukhuleni komnotho wezwe ngo-2025, ngokwemininingwane ekhishwe yiStatistics South Africa kuleli sonto. Isikali somkhiqizo wezolimo, amahlathi nokudoba sinyuke ngo-17.4% ngo-2025, kuhamba phambili izitshalo zasemasimini nohlobo lwezitshalo ezinjengezithelo, amaveji, izinhlamvu, amakhambi, okusishulwayo, amakhowa nezimbali. Phakathi kwezasemasimini kukhona umbila (omhlophe nophuzi), i-soybean, ujikanelanga namabele.
Ukunyuka kokuhwebelana namanye amazwe kwenzeke phezu kwezingqinamba abezolimo ababhekene nazo. Phakathi kwazo kungabalwa ukunyuka kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedola, izinkinga ngemigwaqo engekho esimweni esihle ezindaweni ezinabalimi nokusebenza okungekho esimweni esifanele emachwebeni, ikakhulu elaseKapa, lapho umkhiqizo omkhulu wezolimo (izithelo) uthathwa yimikhumbi iwuyise kwamanye amazwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/04/ezolimo-zitakule-umnotho-ngekota-yokuqala/
Phezu kwalezi zinkinga zezwe, iNingizimu Afrika ibhekane nenkinga yaseMelika ngenkathi uhulumeni kaMnu uDonald Trump uphezu komkhankaso wokunyusa intela ekhokhwa ezimpahleni ezingena eMelika ziphuma kwamanye amazwe. INingizimu Afrika ibenyamanambama kuTrump othi iqotha abalimi abangamaBhunu.
Ongoti bomnotho wezolimo bathi ukunyuka komkhiqizo wezolimo wezwe odayiswa kwamanye amazwe yinkomba yomsebenzi omuhle wale mboni. Bathi ukunyuka kwalolu hwebo phezu kokuthi irandi linyuke amandla uma liqhathaniswa nedola, kuyinkomba yokuthi unyukile umthamo wezolimo othengiswe kwamanye amazwe ngo-2025.
Intengo yezimpahla eziningi zezolimo ibalwa ngamadola. Kusho ukuthi odayisa umkhiqizo wakhe kwamanye amazwe uthola amadola, okufanele awashintshe awenze amarandi. Uma kunyuka amandla erandi uma liqhathaniswa
nedola kusho ukuthi umdayisi uthola imali ngamarandi encane.
Isibonelo, ezinyangeni ezintathu (ngo-Okthoba kuya ngoDisemba) zango-2025 idola lalibiza amarandi awuR17.12, lisuka kuR18.47 ezinyangeni ezifanayo ngo-2024. Uma kunjalo kuthiwa anyukile amandla erandi ngoba umuntu udinga amarandi ehlile ukuthenga idola.
Kubahwebi abahwebelana namanye amazwe ukunyuka kwamandla erandi kusho ukwehla kwemali abayitholayo ngomkhiqizo wabo. Odayisa umkhiqizo ka$100 uthola uR1 847 uma intengo yedola elilodwa iwuR18.47 kodwa uma iwuR17.12 uthola uR1 712.
Ungoti wezolimo uMnu uWandile Sihlobo uthi zimbili izizathu zokunyuka kohwebelwano namanye amazwe. Uthi ukunyuka komthamo womkhiqizo odayiselwa amanye amazwe, nokunyuka kwenani lentengo (ngamadola) yalo mkhiqizo.
Ingxenye enkulu (ewu-53%) yomkhiqizo ohanjiswa kwamanye amazwe ezinyangeni ezintathu zokugcina (u-Okthoba kuya ngoDisemba) ngo-2025 ithunyelwe kwamanye amazwe ase-Afrika. La mazwe athenga umbila, impuphu yombila, ama-aphula, namapheya, ushukela, iwayini nejusi.
Kulandela amazwe ase-Asia naseMiddle East (awu-17%), phakathi kwawo okukhona neChina. Wona athenge kakhulu uvolo, izithelo (ama-orintshi nezihlobo zawo), ama-berry nezinye izithelo. Amazwe abumbe i-European Union wona athenge ingxenye ewu-16%, ikakhulu amagrebhisi, iwayini, ijusi, i-apricot, amapentshisi namaplamu.
Izwekazi laseMelika lithenge u-4%. Ingxenye ethengwe yiMelika yehlile ngo-11% ezinyangeni ezintathu zokugcina ngo-2025. Uma kuthathwa unyaka wonke wango-2025, umkhiqizo wezolimo othengiswe eMelika wehle ngo-3% wafinyelela ku$504 million uma uqhathaniswa nowango-2024.
Umbiko obuyekeza ingqubekelaphambili kwezolimo eNingizimu Afrika eminyakeni ewu-30 kusuka ngo-1993 kuya ngo-2023, owakhishwa ngoFebhuwari wango-2025, wakhomba ukuthi umkhiqizo wezolimo wakhula kabili eminyakeni ewu-30. Nokho wancipha njengengxenye yomkhiqizo womnotho wonkana wezwe eminyakeni yokuqala yama-2000s. Isizathu saloku kwabayisivinini okwakhula ngaso ezinye izingxenye zomnotho wezwe, ngokwesikali somkhiqizo wezwe.
Lo mbiko wakhishwa yiBureau for Food and Agricultural Policy neBureau for Economic Research, uphiko locwaningo lomontho lwaseNyuvesi yaseStellenbosch
Kwezinye izizathu zokukhula komkhiqizo wezolimo kubalwa ukunyuka komkhiqizo wezithelo, ikakhulu ukwanda kwengxenye yathengiswa kwamanye amazwe.
Ezolimo zonkana zakhombisa ukuzimisela ukusebenzisa izindlela ezintsha zokulima. Zakulungela futhi nokusebenzisa amathuba adalwa yizinguquko ezimakethe zezwe nezakwamanye amazwe. Le mboni yakwazi ukwenza izinguquko masinyane, yabangabadayisi abakhulu benyama yenkomo kwamanye amazwe, kwathi kwi-soybean, leli zwe lathenga umkhiqizo wakwamanye amazwe.
USihlobo uthi abalimi kufanele basebenzisane nohulumeni ukunyusa izinga lokusebenza kukaloliwe, amachweba futhi kuthuthukiswe nemigwaqo lapho kunabalimi abaningi khona. INingizimu Afrika kufanele isebenzele ukugcina izimakethe edayisa kuzona njengamanje futhi ithole ezinye ezintsha.

