Ucwaningo lweBhange lomHlaba luthi ukufuduka kwabantu kufanele lubukwe njengenselelo yentuthuko yamazwe. Isithombe: Sithunyelwe

Indaba ingamazinga entuthuko ngokusabalala kwabokufika, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUFUDUKA kwabantu besuka emazweni abazalelwa khona beya kwamanye amazwe lusematheni emhlabeni jikelele.

Ngokwemininingwane ekhishwe yiBhange lomHlaba, bawu-184 million – u-2.3% wabantu – abantu abafudukayo emhlabeni jikelele.

Wudaba oselususe umsindo omkhulu kwipolitiki njengoba lusetshenziswa ngamaqembu epolitiki angontamolukhuni, phecelezi ama-conservative, ukuzama ukuthola amavoti.

Lolu daba lubuye lubhekwe ngeso lezomnotho futhi, okuyiso elivame ukungavumelani nelozepolitiki ngoba lliveza ukuthi uhlobo oluthile lwabantu abafudukayo lufukula umnotho wezwe lapho bengena khona.

Loku okwenzeka eNingizimu Afrika, lapho kunomkhankaso wokuthi abantu bokofika kufanele babuyele emazweni abo, akuhlukile kangako kokwenzeka kwamanye amazwe. 

Nokho le ngosi ayisho ukuthi umkhankaso wakuleli zwe kufanele umukelwe. Inhloso wukuchaza ubucayi balolu daba, nokuthi kufanele lubhekwe ngeso elamukelayo ukuthi udaba olusematheni emhlabeni jikelele, olungasisa uthuthuva lwezepolitiki uma lungaphathwa ngesinono.

Ukufuduka kwabantu akuyona into ezophela kalula nje, ikakhulu ngenxa yokuhluka kwamazinga entuthuko namathuba ezomnotho.

Okunye, izinguquko ngesimo sezulu – ukwanda kwezikhukhula nezomiso – kulindekele ukuthi kuphoqe abantu ukuthi bashiye amazwe abo baye kwabawathatha ngokuthi bangakwazi ukumelana kangcono nalezi zimo.

Ubucayi balolu daba busukela ekutheni lunezimpande ezimbili. Eyokuqala, eyezinkinga nezikhalo izakhamuzi ezinazo ngesimo sempilo yazo.

Lezi zikhalo zingabayisimo samathuba emisebenzi, ukungatholakali kwezinsiza zikahulumeni ezanele noma ezisezingeni elifanele.

Eyesibili, amaqembu ontamolukhuni noma abantu abanezinye izinhloso zepolitiki. Phakathi kwalezi zinhloso singabala ukugudluza iqembu eliphethe. Niengoba kwenza u-Adolf Hitler neqembu lama-Nazi eGermany ngama-1930s, la maqembu abumba izinkulumo ezithi umsuka wezinkinga ezikhungethe izakhamuzi ezweni ngabantu abathile – njengabokufika noma abehlukile ngempilo nezinkolelo kwiningi lezakhamuzi.

Lezi zinkulumo zithengiselwa izakhamuzi, njengoba sekwenzekile nakuleli zwe.

Nalapha asisho ukuthi bonke abantu bokufika bangena kuleli zwe ngezinhloso ezinhle. Kodwa akubona bonke futhi abangena ngenhloso yobugebengu.

Ngamanye amazwi ucwaningo ngomkhankaso wokulwa nabantu bokufika kufanele uhlukanise izikhalo zezakhamuzi noma umsusa wazo kwizinhloso zamaqembu epolitiki noma abantu abayimpande yalo mkhankaso.

Ukusola izakhamuzi njengabantu ababandlulula abantu bokofika ngeke kusize ngoba kuzwakala njengomkhankaso ophikayo ukuthi zinezikhalo eziyiqiniso.

FUNDA NALAPHA: Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa

Elinye iphuzu elibalulekile ukuthi kunomehluko phakathi kwesimo samazwe asethuthukile namazwe asathuthukayo, njengeNingizimu Afrika.

Amazwe asethuthukile adinga abantu abafudukayo ngenxa yokwehla kwezinga lokuzala kula mazwe, osekuyisimo seminyaka. Ukwehla kwezinga lokuzala kwenze la mazwe asala engenazisebenzi ezanele izidingo zomnotho nezinye.

Emazweni asethuthukile isidingo sabantu bakwamanye amazwe singahlukaniswa kabili. Okokuqala, owabantu abangenamakhono atheni, njengezisebenzi zasemapulazini noma abashayeli bamaloli.

Owesibili, owabantu abaqeqeshiwe, kusuka kwizisebenzi zezempilo kuya kwizifundiswa noma abanamakhono angandile.

INingizimu Afrika inaso isidingo somkhakha wesibili, ikakhulu abantu abanamakhono angandile. Nokho ayinaso kangako isidingo sabantu abakulo mkhakha wokuqala.

Nokho inkinga idalwa ngabaqashi abaqasha abantu bokufika abangenamakhono futhi abanye babo abangenamvume yokubasezweni.

Isizathu esikhulu sokuqasha laba bantu wukugwema imithetho yezwe, ikakhulu enquma amazinga emiholo okungafanele ukuthi imiholo yezisebenzi ingabingaphansi kwawo. Loku kujwayelekile ezimbonini zokwakha nasemapulazini.

Kuze kubemanje bebephumelela abaqashi kuloku ngenxa yezizathu ezimbili. Esokuqala bekuwukuhluleka kukahulumeni ukuqapha imingcele yezwe nokwanda kwenkohlakalo eminyangweni kahulumeni, ikakhulu emNyangweni wezaseKhaya.

Esesibili, siphathelene nokuhluleka komNyango weziSebenzi ukuya ezindaweni zabaqashi ukuyophenya ukuthi abaqashi balandela imithetho nemigomo yezwe ngokuqasha izisebenzi nesimo ezisebenza ngaphansi kwaso.

Lesi simo sesibuye sasizwa wukwehla kwamandla ezinyunyana. Kuqala, ikakhulu ngesikhathi sobandlululo, zazivamile ukubhikisha ngezimo ezinjena.

Yilesi simo esisetshenziswa osopolitiki noma abantu abafuna ukufeza ezinye izinhloso zabo.

Kwamanye amazwe udaba lwabantu bokufika lusetshenziswa yizinhlangano ezikhala ngokuthi ukwanda kwabokufika kuxhoza ulwimi namasiko endabuko.

Ngempelasonto edlule izakhamuzi zaseSwitzerland bezivota ngesiphakamiso selinye lamaqembu epolitiki ebelihlongoza ukuthi leliya zwe libeke umthetho othi isibalo sezakhamuzi zezwe singadluli ku-10 million.

Lesi siphakamiso seSwiss People’s Party, esichithiwe ngabavoti, besiqondene nokinciphisa ukwanda kwabantu bokufika.

Sekuneminyaka eminingi umnotho waseSwitzerland usebenza ngokungena kwezisebenzi ezivela kwamanye amazwe, okuyikho osekwenyuse isibalo sezakhamuzi, hhayi ukuzala kwezakhamuzi.

Okuhlukile ngeSwitzerland kwamanye amazwe athuthukile wukuthi abantu bokufika abaningi ngabantu abaphuma emazweni angomakhelwane. Ngamanye amazwi abelungu kakhulu, hhayi ezinye izinhlanga. Phezu kwaloku ezinye izakhamuzi zikhononda ngokuthi uhlobo lwesiJalimane esikhulunywa ngabaphuma eGermany (umakhelwane) luhlukile kwiSijalimane sabo.

Lokhu kungafaniswa nesimo lapho abakhuluma isiTswana eNingizimu Afrika bengakhononda ngokuthi abaphuma eBotswana abangavunyelwa ukuzohlala kuleli njengoba kunomehluko phakathi kwesiTswana esikhulunywa eBotswana nesikhulunywa eNingizimu Afrika.

Umlayezo weBhange lomHlaba ngodaba lokufuduka kwabantu ubaluleke kakhulu. Leli bhange ligcizelela ukuthi udaba lokufuduka kufanele luthathwe njengenselelo yentuthuko yamazwe.

Ludinga amazwe afana naleli zwe namazwe okufudukelwa kuwona abambisana namazwe lapho abafudukayo besuka khona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page