Abantu bokufika bazosizwa wukuthuthukiswa kweminotho yamazwe abo ukunciphasa ukuthutheleka kwabo eNingizimu Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Inkinga yokufuduka kwabantu emazweni abo idinga abaholi base-Afrika, kuloba uSandile Gumede

UDABA lokugoduka kwabantu bangaphandle, noseluphenduke insakavukela umchilo wesidwaba, ludinga isinono sekati ngoba wudaba olubukhali nhlangothi zonke njengenkemba.

Lolu daba seluhlukanise imibono yabantu abaningi, ngisho abawumsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.

Osekushubise lolu daba wumnqamlajuqu obekwe yizishoshovu ezilwa nokungena eNingizimu Afrika ngaphandle kwemvume, umhlaka-30 wangoJuni.

Ukudodobala komnotho wezwe nokushoda kwamathuba omsebenzi ngenye yezinto eziseqhulwini ezidala  kubenokubhekana ngeziqu zamehlo. Lolu daba alulula njengoba abanye becabanga.

Njengoba sekukhona amazwe anjengeMalawi, iZimbabwe neNigeria asenze imizamo yokugodukisa abantu babo ukuze bangathelwa amachaphazelo uma sekufika umnqamlajuqu. Loku kungadala ukufadabala komnotho futhi kuqede amaxhama ezokuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika namanye amazwe asezwekazini i-Afrika.

Njengoba bebuyela emazweni abo, kuvela ukuthi kunenqwaba ebihleli kuleli zwe ngokucathama, nokufakazela yimizwa yo-Operation Dudula noMarch and March, izinhlangano ezikhankasela ukugoduka kwabantu bokufika abangenazimvume ezifanele.

Kusho ukuthi baningi asebephendule izwe kwaMachanca. Loku kwenza kubenzima ukuthola ukuthi bangaki abantu ezweni, nokwenza kubelula uma uhulumeni uzohlinzeka ngezidingo kubantu futhi kubenzima ukuthola izinswelaboya ezizele ukuzoganga ezweni.  

Kucace bha ukuthi uhulumeni nezinhlaka zawo bayahluleka ukwenza umsebenzi wabo, okuyikona okuqhatha ama-Afrika, ekubeni beyimihlathi eyazanayo.

FUNDA NALAPHA: Abantu baseNingizimu Afrika ababazondi abokufika – ingqapheli

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi amazwe amaningi ezwekazini abamba iqhaza elikhulu ekukhoseliseni izishoshovu zaseNingizimu Afrika ezazilwa nohulumeni wobandlululo.

Nokho loku akusho ukuthi kufanele kube kwazenzele kuleli zwe. Imithetho kufanele ilandelwe. Okunye okuhlalukayo wukuthi loku sekuphenduke ibhola losopolitiki. Abanye bavuna abantu bokufika ngisho bengenazo izimvume bese uzibuza ukuthi imithetho kanti kufanele igcinwe ngabanjani?

Ngokwemithetho kahulumeni miningi engalandelwa yilaba abakhipha izimvume zokuhweba. Eminye yale migomo ikubeka kucace ukuthi abokufika abazimisele ngokubawosomabhizinisi kufanele izitolo zabo zitshale imali engekho ngaphansi kukaR5 million.

Lokhu kushiya imibuzo ngezitolo ezingoqhibukhowe ezigcwele wonke amalokishi nezindawo ezisemakhaya.

Wubani lo owakhipha lezi zimvume? Elandela muphi umthetho? Ngibona kuyiloku okuhlukanisa abantu bakithi njengoba indlala ibhokile nje.

Nasekuqasheni, imithetho ikubeka ngokusobala ukuthi abantu bokufika kufanele baqashwe emikhakheni lapho kushoda khona amakhono njengakwisayensi nobuchwepheshwe.

Lezi ngezinye zezinto ezithukuthelisa abantu baseNingizimu Afrika abazibona bencishwa amathuba ngisho benamakhono.

Okunye wukuthi ukududulana kwenzeka kubantu abancinda zembe linye. Abantu bokufika abadla izambane likapondo nabahlala ezindaweni eziphezulu bayasinda kulolu laka.

Abathi abantu bakithi kungani bephuma iqhubu nabokufika esikhundleni sabelungu babukeka befiphazekile ekubukeni iqiniso. Isiminya sithi laba abansundu babangisana ngocezu oluncane ezindaweni abakuzona. Baya emitholampilo ndawonye, okunenga izakhamuzi uma zijikiswa zingatholi usizo uma kusasizwa abantu bokufika. OMnu uThabo Mbeki noMnu uJulius Malema bahlala nomntakabani, baye ezizimele.

Ukushoda kwezinsiza yiko okudala lolu dungunyane. Abantu baseNingizimu Afrika kade bahlala nabantu bokufika kodwa kubanzima uma enethunga isisengela phansi.

Lokhu akusiyo into eqala ngeNingizimu Afrika njengoba sika sabona nasemazweni aneminotho engcono njengeBrithani neMelika.

Nalapha e-Afrika ngo-1983 kwasuka izibhelu phakathi kwabantu baseGhana nabaseNigeria. Inqwaba yabantu baseGhana yase igcwele eNigeria ngenxa yokufadabala komnotho wabo ngemva kokuthola inkululeko ngo-1957.

Amathuba omsebenzi ayeseyindlala nokwathukuthelisa izakhamuzi. Uhulumeni wabanqumela ugwayi katiki ukuthi bephume bephele eNigeria engakapheli amahora awu-24.

Loku akusho ukuthi imisebenzi eminingi yase ithathwe ngabantu baseGhana kodwa ukwanda kwabaseNigeria kwabayimbangela.

Manje babalelwa ku-200m, nokudala amathuba omnotho abeyindlala bese besabalala umhlaba wonke.

Kanjalo nakuleli. Noma umnotho udonsa kanzima kodwa nokwanda kwabantu kuyimbangela njengoba izibalo ziveza ukuthi sebephindeke kabili abantu uma uqhathanisa nango 1994, lapho babengaphezudlwana kwango-35m.

Okungaba yisisombululo sale nkinga wukuthi kubenokusebenzisana kwabaholi bamazwe ase-Afrika ukusimamisa umnotho wezwekazi, bayeke ukubawogombela kwesabo.

Kudingeka kutshalwe izimali kwingqalasizinda, ikakhulu ehlanganisa amazwe, kuliwe nobugebengu ukuze nabatshalimali babanethemba ngokusebenzisana ne-Afrika.

Ngeke kusize ukuthi kukhonjwe abantu baseNingizimu Afrika ngenjumbana kuthiwe bazonda abantu bokufika uma bekwazi ukukhulisa umnotho emazweni abo ukwehlisa izinga lokufuduka.

Uhulumeni kufanele uqinisekise ukuthi umnotho uyakhula ukuze izakhamuzi zingagcini zifudukela kwamanye amazwe ngenxa yendlala, njengoba sibona abantu beyofundisa koChina, koVietnam noSouth Korea.

Abantu baseNingizimu Afrika noma bediniwe ngenxa yokungalandelwa kwemigomo kodwa akufanele baphule imithetho begcina bebulala noma betapa ezitolo zabantu bokufika.

Uhulumeni awuvuke emaqandeni ubophe izephulamthetho, ngisho neziqashwe yiwona imbala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page