Isikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu uDan Marokane senza umsebenzi omuhle kodwa kuseyisiqalo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphela konyaka ugesi ungacinywa kufakazela ukusebenza kwezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

SIHALALISELA i-Eskom ngokuthi sekuphele unyaka ugesi ungakaze ucinywe. Wushintsho olumangalisayo lolo kunaseminyakeni emithathu edlule lapho kwaba kwacinywa khona ugesi izinsuku ezingu-300, nokwadala umonakalo omkhulu emnothweni.

Yize kunezinto eziningi ezibenesandla kokuzuziwe, ngifisa ukuncoma kakhulu isikhulu esiphezulu uMnu uDan Marokane nethimba ahola nalo e-Eskom. Ngobuholi bakhe, le nkampani ilandele uhlelo lokuvuselela ukuphehla ugesi, okuphucule indlela esebenza ngayo. Wandile ugesi okhona kanti nokuvala iziteshi okungahleliwe ngoba zilungiswa kunciphile.

Siyayibona imiphumela yokuhlela kahle ukunakekela ingqalasizinda okwenzeke eminyakeni emithathu edlule. Kufanele futhi sincome nongqongqoshe womNyango wezamaNdla noGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, owenze ukuthi kubenemigomo okusebenzeka kahle ngayo.

Ukuvuseleleka kwe-Eskom kwenzeke ngesikhathi esisodwa nokuqala kwezinguquko ezibalulekile embonini kagesi iyonke, lapho sibheke embonini kagesi eshintshile. Yize zisekhona izinguquko ezinqala okusafanele zenzeke kodwa sibheke kuzo.

Ukuphela kokucinywa kukagesi kwenzeke nangenxa yokwanda kukagesi ophehlwa yimboni ezimele. I-National Energy Regulator of South Africa(iNersa) isibhalise izikhungo ezizimele ezingaphezu kweziwu-2 300, okuthi uma zihlanganisiwe, zingaphehla ugesi owu-18GW, okusho ukuthi sekutshalwe imali engaphezu kwangoR360 billion.

Nengqalasizinda kagesi ophehlwa ngelanga efakwa ophahleni lwendlu isiyandile kanti usilinganiselwa ku-10% ugesi ophehlwa ngayo.

Loko kutshala imali kuzoqhubeka kanjalo nokukhulisa ingqalasizinda kagesi. Kodwa izinguquko ezinqala zimqoka, okufaka nenkampani ezimele yokusabalalisa ugesi okufanele ibekhona ngokushesha. Bekubekwe u-Ephreli ukuthi izothulwa ngawo kodwa akwenzekanga lokho kanti namanje asikabibikho isikhathi esicacile.

Inkampani ezimele yokusabalalisa ugesi imqoka embonini kagesi ekwazi ukuncintisana. Le nkampani izokwenza wonke umuntu akwazi ukubamba iqhaza, kungabibikho ezomenzelela, nokuzoqikelela ukuthi abaphehli bakagesi abazimele bayakwazi ukuxhuma futhi bancintisane kahle.

Ngaphandle kwayo, i-Eskom ilawula kokubili ukuphehla nokusabalalisa – into ecishe ifane nokuthi uvumele inkampani eyodwa yamabhanoyi kubeyiyona elawula izikhumulo zezindiza.

Lezi zinguquko zibucayi kanti izingxoxo kade ziqhubeka namabhange mayelana nokuhlukanisa lezi zinkampani. Umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa wacacisa kahle izinto ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni ngoFebhuwari, lapho asho khona ukuthi ukuhlukanisa (i-Eskom) kuzoqhubeka nokuthi kunethimba elizosebenza ukuxazulula yonke imininingwane.

FUNDA NALAPHA: Elinye ithuba komasipala abebengakayisukumeli eyesikweletu sikagesi. USLINDILE KHANYILE uyabika 

Sidinga ukubona imiphumela yalowo msebenzi. Yiyona ndlela esizoshintsha indlela iMoody’s esibheka ngayo ukuze isikhuphule labo isiklelise khona. Inyanga nenyanga uma kuqhubeka ngaphandle kwenkampani yokusabalalisa kusho ukuqhubeka kwesikhathi indaba yokuncintisana iyisethembiso nje esingafezekile.

URamokgopa kufanele abeke isikhathi esicacile futhi aqinisekise ukuthi ayikho into ephazamisa lezi zinguquko ezimqoka. Asikwazi ukuthi izinto zingaloku zihlehlela emuva.

Ekugcineni, abantu baseNingizimu Afrika kufanele bakwazi ukukhetha kubantu abaningi abahlinzeka ngogesi kanti loko kuzokwehlisa namanani kagesi.

Ukuphucuka kwezinto e-Eskom kuzokwenza nesimo sawo sezimali sibengcono. Okokuqala nje, ukusebenza kahle kweziphehli kusho ukuthi wonge uR9bn ngokungasebenzisi udizili kuma-open gas cycle turbine. Nemali engenayo izonyuka ngoba i-Eskom izoba nogesi omningi engawudayisa.

Nokho inselelo eyodwa enkulu engaxazululekile yimali le nkampani eyikweletwa wuhulumeni. Umasipala waseGoli ubusematheni ngesonto elidlule emva kokuthi i-Eskom ithe izolivalela ugesi ngoba likweleta ngaphezu kukaR5,2bn.

Leli dolobha lingelinye babantu abangakhokhi kodwa isiyonke imali ekweletwa i-Eskom ingaphezu kukaR130bn. Lena yiyona ngozi enkulu yezimali ebhekene nale nkampani futhi yiyona nselelo enkulu ekuphucukeni kwesimo sayo sezimali.

Uma sengibuya ngigxila kumasipala waseGoli. Lesi sikweletu siwuphawu lwenkinga enkulu ebhekene naleli dolobha. Kodwa kudumazile ngesonto elidlule ukuzwa imeya uMnu uDada Morero ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe kwiZakhamuzi ethi izinto zishintshile.

Loku kutshengisa ukungaqondi izinto izakhamuzi ezibhekene nazo njengoba kufanele zibhekane nokuphazamiseka kwamanzi okuvamile, ugesi ongasebenzi, amarobhothi nogesi emgwaqweni okungasebenzi nenkinga yemali umNyango weziMali osuxwayise ngayo.

Ukungaphathwa ngendlela kwedolobha eliyinsika yomnotho waseNingizimu Afrika kuyingqinamba enkulu emnothweni nasezweni lonke. Kodwa imeya ayikwazanga nokuthi ikhulume iqiniso ngomnyombo walezi zinkinga. Amabhizinisi badinga idolobha elisebenzayo. Liyikomkhulu kwinqwaba yezinkampani ezinkulu futhi kufanele libe sezingeni lomhlaba leli elifisa ukuba kulona.

Akukwazi ukwenzeka loko uma kusadingeka amabhizinisi azifakele ugesi wokugada uma kwenzeka uphela okamasipala, abenezokuphepha ezizimele, osomabhizini bahambe emigwaqweni engasebenzi ngendlela efanele, okunyusa izindleko zokubanebhizinisi futhi kuphazamise ukuncintisana.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iseka izinguquko komasipala ezenziwa nge-Operation Vulindlela ukuqinisekisa ukuthi izinselelo ezibhekene nomasipala zilungiswa ngendlela efanele. Nokho ekugcineni, izinguquko edolobheni laseGoli zidinga ubuholi bepolitiki obuzokhuluma iqiniso ngokuthi kunenkinga futhi kuthathwe izinyathelo ezifanele. Ukuphika kwemeya ngeke kuyilungise ingqalasizinda engasebenzi nenkinga yezimali. Isizinda somnotho weNingizimu Afrika asikwazi ukungasebenzi.

Ngonyaka odlule iBLSA yethula iBLSA Reform Tracker, iziko lobuchwepheshe elibheka ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala ezithinta kakhulu indawo amabhizinisi asebenzela kuyona nokukhula komnotho.

Enye yezinhloso zaleli ziko wukuseka imizamo kahulumeni, ukubona lapho kunezingqinamba khona nokuthi yiziphi izinyathelo okufanele zithathwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page