Usekhulumile umengameli, manje akusukunyelwe indaba yokukhiqiza, kuloba uBusi Mavuso
NJENGOBA isidlulile iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe ngoLwesine oludlule, osekufuneka manje wukuphuthumisa ukwenza izinto umengameli uCyril Ramaphosa azimemezelile nokubhekana nangazishongo.
Kuningi esikujabulele siyiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) njengoba sishilo esitatimendeni esisikhiphile emva kwale nkulumo. Ikakhulu loku akucacisile ngekusasa lokusabalalisa ugesi.
Inkampani ezimele ezosabalalisa ugesi i-transmission system operator izophatha futhi ibenengqalasizinda ezosetshenziswa embonini kagesi. Loku kucacisa ukudideka okuqhamuke ngoDisemba ngesikhathi ungqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla (uDkt uKgosientsho Ramokgopa) eshicilela umhlahlandlela ozolandelwa ukuhlukanisa pi-Eskom owathi ingqalasizinda kagesi izoqhubeka ibe ngeye-Eskom esikhundleni sokuya enkampanini entsha.
Ithimba eliqondene ngqo naloku elizosungulwa wumengameli nelizobangaphansi kwekomidi elasungulelwa ukubhekana nenkinga kagesi yiyona ndlela efanele yokubhekana nazo zonke izinto eziqhamukayo ukuqikelela ukuthi uhlelo alubhimbi.
I-BLSA izimele ukuseka lolo hlelo lapho ingakwazi khona. Imiphumela kuzobayimboni kagesi esebenza kahle futhi eheha abatshalimali abadingeka ngokushesha ukukhulisa i-grid nomsebenzi wokukhiqiza ugesi ngomuso.
Loku kutshengisa ukubaluleka kokuxoxisana. Emva kokuzwakalisa ukukhathazeka kwethu ngoJanuwari, ungqongqoshe uRamakgopa wahlangana nami lungakapheli nosuku. Umqondisi-jikelele emnyangweni wakhe wafika ngesonto elilandelayo, saxoxa into ezwakalayo. Ngiyabonga kuRamakgopa nomengameli ngokusukumela izikhalo zethu nokucacisa ngokushesha. Ukudideka okwaqubuka ngoDisemba kuphazamise ithemba labatshalimali. Isimemezelo sangoLwesine sikuqedile loku.
INkulumo eBhekiswe esiZweni ibalule nezifiso ezinkulu mayelana nengqalasizinda yamanzi nezobulungisa ukulwa nobugebengu obuhleliwe. Yizinto ezibalulekile lezi okufanele siziseke futhi sibheke ukuthi ziyenziwa yini.
Nokho kungabayiphutha ukungakhulumi ngezinto ezingabalwanga. Into enkulu esalile yiqhinga lokulwa nokuwa kwezimboni esibhekene nako. Sidinga isisombululo esicacile ngokwehla kwemboni yezokukhiqiza okwakuthathe iminyaka ukuyakha futhi esemqoka ekudaleni imisebenzi.
Inkulu inkinga esibhekene nayo. Embonini yezimoto, abakhiqizi bamasondo iBridgestone yavala ifemu yayo eGqeberha ngo-2020 kwathi iGoodyear yona imemezele ukuthi ivala ifemu yayo eseKariega ngonyaka odlule. Abakhiqizi bezinye izinto njengamabhande (avikela abagibeli), abama-airbag, nezinye izinto ezimqoka ezimotweni nabo sebewunciphisile umkhiqizo wabo noma bavala. Zingu-13 izinkampani ezivalile kule minyaka emibili edlule ngokusho kwe-National Association of Automotive Component and Allied Manufacturers. (iNaacam) futhi kulindeleke ukuthi sinyuke lesi sibalo.
INissan idayisa ifemu yayo yaseRosslyn. IVolkswagen isisixwayise ngokuthi ingahle iphele imisebenzi efemini yayo eseKariega.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/16/amabhizinisi-asafufusa-azosizwa-ngor2-5-billion/
Ngale kwemboni yezimoto, iBritish American Tobacco South Africa imemezele ukuthi izovala ifemu yayo eHeidelberg ekupheleni kwalo nyaka ngenxa yokuwa kwemboni kagwayi osemthethweni okudalwe wugwayi owumbombayi. Into efanayo kuzona zonke lezi zimboni yimikhiqizo evela kwamanye amazwe eshibhile encintisana nezimpahla ezikhiqizwe lapha ezweni ezenza kubenzima kubakhiqizi basezweni. Izimoto zaseChina zizodwa seziwu-22% wezimoto ezithengwa kwamanye amazwe kodwa inkulumo kamengameli ayishongo lutho ngokuthi kuzolungiswa kanjani loku.
Uhulumeni kufanele usukumele loku. Akuphothulwe umgomo wezimoto ozokwenza abakhiqizi bezimoto bakwazi ukushintshela ezimotweni zikagesi nezikwazi ukuhamba ngophethroli nangogesi ezizodayiselwa amanye amazwe. Kufanele kubenezindlela zokunqanda ukuthi abantu bafuhlele izimoto ezishibhile lapha ezweni, okuthiwa zidayiswa ngemali engaphansi kokufanele ngabe zidayiswa yona.
Akubuyekezwe intela ekhokhiswa lezi zimpahla ukuvikela umkhiqizo wezwe kodwa futhi kungasho ukuphela kwesinkwa kumabhizinisi ahlanganisela abanye abantu izimoto.
Akuqiniswe isandla somthetho kwabadayisa ugwayi owumbombayi, okuwisa amabhizinisi asemthethweni. Asikwazi ukulinda ukuthi kuvalwe amanye amabhizinisi ngaphambi kokusukumela le ndaba. Lolo suku luzofika uma uhulumeni ungasebenzisana nemboni ngokushesha.
Umengameli uyithintile kancane eyokwandisa isibalo sabantu abayingxenye yezingxoxo zokuhwebelana namanye amazwe nabamele iNingizimu Afrika kwamanye amazwe ukulawula umgomo womnotho. Kumqoka loku kodwa asiyicacise inselelo esibhekene nayo. INingizimu Afrika iyadlelana namazwe amaningi lapho inamanxusa khona kanti loku kukhulu kakhulu uma kubhekwa ukuthi siyizwe elingakanani kodwa inkinga yindlela okusetshenziswa ngayo.
Izikhundla eziningi zamanxusa zisetshenziselwa ukubonga amaqabane noma ukufukamela lawo awuhlupho esikhundleni sokuthathwa njengezimqoka nezidinga abantu abanamakhono kwezomnotho nezohwebo. Kunamazwe amqoka okuphele isikhathi eside engenamanxusa. Ukubayinxusa leNingizimu Afrika kwelinye izwe kufanele kunikwe isithunzi okusifanele.
Kuyadingeka ukuthi lo msebenzi wenziwe ngcono. Amanxusa ethu kufanele kubengabantu abazokwazi ukubheka okudingwa wumnotho wezwe, babone amathuba futhi bahlanganise izivumelwano ezihambisana nezidingo zezimboni zezwe. Loku kudinga ukubambisana namabhizinisi.
I-BLSA ikulungele ukusiza ukuhlanganisa amazwe amqoka, kuxhunyaniswe abantu abakhiqizela amanye amazwe izimpahla nabangase bathenge futhi bafake isandla ezingxoxweni zokuhwebelana. Sibonile emazweni afana neVietnam neSouth Korea ukuthi ukubambisana kwamabhizinisi nohulumeni kwezohwebo kuthela izithelo.
Ubudlelwano namanye amazwe abukaze bubaluleke ngale ndlela obubaluleke ngayo manje. Njengoba iMelika iphazamise ubudlelwano bokuhwebelana, iNingizimu Afrika kufanele ithole amanye amazwe engahwebelana nawo futhi ibeke imigomo eyayo.
Sonke isivumelwano sokuhwebelana kufanele sibhekwe ukuthi ngabe siyazeseka yini izinhloso esinazo ngezimboni zethu, siyayakha yini imisebenzi enohlonze futhi siyasisiza yini ukwandisa izimpahla esizidayisela amanye amazwe. Indlela esikhiqiza ngayo izimpahla, kufanele sikwazi ukuncintisana namanye amazwe emhlabeni.
Sibonile ukuthi kwenzekeni embonini kagesi uma uhulumeni ubambisene namabhizinisi. Singakwenza loku nasembonini yezokukhiqiza, eyezimoto nokulwa nezimpahla eziwumgunyathi.
- UNks uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA


