I-Traxtion ezosebenzisa imizila yeTransnet ukwandisa izitimela ezikhona iyisibonelo esihle sokuthi kungatshalwa imali engakanani uma kunezinguquko ezibuyisa ithemba eTransnet. Isithombe: Sithunyelwe

Ukutshala imali kuletha isasasa. Manje sekufanele lowo mgqigqo ukhulise umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

IZIBALO zomnotho eziphume ngesonto elidlule ziqinisekise ukuthi kukhona okuhle okwenzekayo emnothweni waseNingizimu Afrika. 

Ukukhula komnotho ngo-2,1% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule kumangaze osomnotho futhi sekwenze abanye babuyekeza indlela abebebikezele ukuthi umnotho uzokhula ngayo uma sekuphele lo nyaka, njengoba abaningi bebevumelana ngo-1,2%. Sekufanele kubengaphezu kwaloko manje. 

Nokho kusengaphansi kwendlela okufanele umnotho ukhule ngayo ukudala amathuba emisebenzi, yize kukuhle okwenzekayo.  

Okunye okukhuthazile wukuthi lezi zibalo zitshengise nokuthi kunomehluko uma kubhekwa imali etshalwe emnothweni ngekota yesithathu. Nemali etshalwa wuhulumeni ibingconywana, njengoba imvamisa kuyekube yimali engatheni. 

Loko kwenze ukuthi imali etshaliwe inyuke okokuqala kusukela ngo-2023. Angicacise ukuthi amazinga okutshala imali awu-13,7% womnotho asephansi kakhulu kodwa kubekuhle ukubona umehluko omncane. 

Okwenzekile ngokukhula komnotho ngenye yezinto ezimnandi emnothweni emva kwezinye izindaba ezinhle eziqhamuke kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-term Budget Policy Statement (i-MTBPS) nokuthi iS&P ibuyekeze indlela esiklelise ngayo. 

Loku sekuqala ukubanomphumela endleleni amabhizinisi abanethemba ngayo emnothweni, njengoba ngesonto elidlule sibone ithemba lamabhizinisi likhuphuke ngamaphuzu ayisihlanu ocwaningweni olwenziwa yiRMB BER ngekota yesine emva kokwehla amakota amabili elandelana. Ithemba linyuke ezimbonini ezihlukene, okuyinto enhle. 

Ithemba kwabakhiqizayo linyuke kakhulu emva kokwehla amakota amathathu elandelana kanti lifinyelele ezingeni eliphezulu kakhulu kusukela ngo-2022. Loku kumqoka ngoba ezokukhiqiza zisebenzisa izisebenzi eziningi. Uma abakhiqizi benethemba lokuthi bangandisa umkhiqizo, bayaqasha. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/22/izinguquko-ezinqala-ziyisisekelo-esihle-kodwa-kusashoda-abatshalimali-kuloba-ubusi-mavuso/

Ithemba likhuphuke kakhulu nakwabezitolo njengoba izibalo zokudayisiwe zizinhle, nokutshengisa ukuthi abathengi abanqeni nemali njengoba kubhekwe ku-2026. 

Nezolimo zibonisa okuhle njengoba ithemba kwi-Agbiz/IDC Confidence Index ngekota yesithathu linyuke ngamaphuzu ayisihlanu. Ithemba lilodwa aliyidali imisebenzi futhi aliwukhulisi umnotho kodwa liyisendlalelo esihle uma kuzothathwa izinqumo zokutshala imali. 

Umbuzo wango-2026 wukuthi ngabe okuhle okwenzekayo kuzoqhubeka isikhathi eside ngokwanele yini ukuthi amabhizinisi atshale imali, kungagcini nje ngokuthi abenethemba?

Yize ukhona lo mgqigqo, enye inkampani ebuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo iminotho yawo nanendlela akhokha ngayo izikweletu, iMoody’s, ngoLwesihlanu imemezele ukuthi ayishintshile indlela eklelise iNingizimu Afrika ngayo njengoba ithe akukho okutheni okushintshile endleleni elindele ukuthi umnotho weNingizimu Afrika ukhule ngayo.

I-Moody’s ithe yize iwubona umehluko endleleni imali ephethwe ngayo kodwa kusenezinselelo eziningi ezifana nokungabinamali kwamabhizinisi kahulumeni nokuthi indlela okulindeleke ukuthi umnotho ukhule ngayo, ayitheni, ingqalasizinda iyaqhubeka nokuguga kanti nemisebenzi iyaqhubeka nokugqoza. 

Ithe izobuyekeza indlela esiklelise ngayo uma siqhubeka nokuphucula indlela umnotho okhula ngayo ngenxa yezinguquko ezinqala embonini kagesi neyezokuthutha nokunyuka kwamazinga okutshala imali. Ngokunjalo futhi, uma sihlehlela emuva ngezinguquko ezinqala kungenzeka iyehlise indlela esiklelise ngayo. 

Nokho imakethe ikhuluma ngephakethe layo futhi itshengisa ithemba elikhulu ngokwenzeka eNingizimu Afrika. Kufanele ngiwubongele umNyango weziMali ngama-bond ka$3.5 billion (uR59.5bn) owadayise kwamanye amazwe ngesonto elidlule nathengwe ubuthaphuthaphu. 

Loku kusiza umNyango weziMali uboleke imali ngaphandle kokukhokha izindleko eziphezulu, into engakaze yenzeke. Ama-bond eyawadayisa eminyakeni ewu-12 edlule ayenenzalo ewu-6,25% uma kuqhathaniswa no-7,1% ngonyaka odlule. 

Loku kusekwa kukahulumeni ngabatshalimali emhlabeni yiko kanye okuwumphumela wokuphatha imali ngendlela efanele, uhulumeni osukwenzile. 

Izinguquko iMoody’s ethi yizona ezingenza ikhuphule indlela esiklelise ngayo yizo kanye lezi izinhlangano zamabhizinisi eziphokophele ukuzizuza ngokubambisana nohulumeni. 

Kumqoka ukuthi sigcine siziphothulile izinguquko embonini kagesi, ikakhulu ukuhlukanisa ukuthi inkampani ezongamela ukuthenga ugesi izimele nokuqhubeka kwalo msebenzi ukuze kuncintiswane ngempela kule mboni ukuze abathenga ugesi babenabantu abaningi abangakhetha kubona futhi bakwazi ukudayisela amakhasimende ahlukene, okuzogcina kwehlise amanani.  

Kufanele futhi siwuqhube nomsebenzi embonini yezokuthutha, ikakhulu ukuvumela imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza ezitimeleni nasemachwebeni, okuzokwenza ukuthi kutshalwe imali futhi kuncintiswane, into edingeka kakhulu. 

Isimemezelo esenziwe ngesonto elidlule sokuthi kuzothengwa amaguzu amasha awu-46 ngoR3.4bn yinkampani ezimele iTraxtion yisibonelo esihle sokuthi kungatshalwa imali engakanani uma kuqhubeka izinguquko.

I-Traxtion ilungiselela ukusebenzisa imizila yeTransnet okuzokwandisa izitimela ezikhona, okuzoqhubeka kwandise ithemba nakwamanye amabhizinisi ukuthi atshale imali ukwandisa isibalo sezokuthutha. 

Kutshengisa izinkampani zezimayini ukuthi zizokwazi ukuthutha imikhiqizo yazo ifinyelele emachwebeni ngendlela ethembekile, okuzosho ukuthi zingakwazi ukukhulisa umsebenzi. 

Kukhombisa abantu abadayisela amanye amazwe imikhiqizo yezolimo ukuthi bangasayina ezinye izivumelwano ngokukhululeka. Kukhuthaza abakhiqizi ukuthi bandise imikhiqizo yabo bangabinexhala lokuthi bazonqindwa ezokuthutha. Njalo uma kutshalwa imali kwingqalasizinda kunciphisa ingozi engabakhona uma imboni ezimele icabanga ukutshala imali. 

Lo mphumela onemixhantela eminingi yisona sizathu esenza ukuthi izinguquko ezimbonini zikagesi nezokuthutha zibaluleke. Lezi zimboni azigcini ngokukhulisa izinto kuzona kuphela kodwa zenza umnotho wonke ukwazi ukukhula. Yiloku esidinga kwenzeke ngo-2026. 

Ngakho yize sizwakala isinqumo seMoody’s kodwa buyanda ubufakazi bokuthi uyanyuka umgqigqo. Imiphumela emihle esiyibona emnothweni, ekutshaleni imali nethemba kwamabhizinisi isiqalile kodwa sekufanele siqinisekise ukuthi iholela ezinguqukweni ezizokhulisa umnotho. 

I-Eskom kufanele iqhubeke nokuhlukanisa inkampani futhi yemukele abanye abantu ezoncintisana nabo. I-Transnet nayo kufanele iphothule izivumelwano esiziqalile zokusebenzisana nemboni ezimele futhi isheshise ukwamukela ezinye ezintsha. 

Abatshalimali bami ngomumo ukuseseka njengoba kubonakele ngama-bond. Ukunyuka kwethemba namazinga okutshala imali aseqala ukukutshengisa loku. Uma sizoloku siyibambe kanjalo, ikusasa lethu lihle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page