Kuhle ukuthi ungqongqoshe womNyango wokuBusa, ukuBambisana nobuHoli beNdabuko usukumela indaba yokulungisa omasipala, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kufanele sikunqande ukucekeleka phansi kwezinto komasipala, kuloba uBusi Mavuso

NGIMANGELE ngesonto elidlule ngesikhathi umqondisi-jikelele emNyangweni wamaNzi nokuThutha iNdle uMnu uSean Phillips ekhuluma “ngendlela izinto eziqhubeka nokubheda ngakhona” mayelana nokuhlinzeka amanzi komasipala abaningi.  

Uthe umkhandlu waseGoli awunayo ngisho imali yokuthutha izisebenzi ukuthi ziyolungisa lapho kusuke kuvuza amanzi khona. Idolobha laseGoli lilahlekelwa amanzi awu-35% ngenxa yezindawo ezivuzayo, okubhebhezela inkinga yalo yezimali. EThekwini kubheda kakhulu kunaloku njengoba khona kuwuhhafu wamanzi olahlekayo. 

Ayikho enye into edala lokhu ngaphandle kokuhluleka ukuphatha. Amanzi kufanele ngabe ayakwazi ukuzinakekela eNingizimu Afrika njengoba imali etholakala ngokuwadayisa kufanele ngabe inakekela ingqalasizinda. Kunaloko le mali isetshenziselwa ezinye izinto, kungasali lutho kweyokunakekela izimpahla. 

Imiphumela yaloku izwela kumabhizinisi. Ukucekeleka phansi kwengqalasizinda kubeka engcupheni ukusebenza kwamabhizinisi. Amafemu akhiqiza amanzi asengcupheni yokuvala, amahhotela nezindawo zokudlela kubanenkinga yamanzi, amanani amabhilidi aqashwa ngamabhizinisi ayehla uma abawaqashayo bethwala kanzima ngendaba yamanzi, abalimi abakwazi ukuchelela izitshalo zabo kahle, izinxanxathela zezitolo azikwazi ukusebenza kahle ngoba ziyaphazamiseka. Ngale kwalezi zinto, ukungasebenzi kahle komasipala kunyusa intela omasipala abayikhokhisa izakhamuzi.

Embikweni womcwaningimabhuku-jikelele obubheka omasipala ngo-2023-24 bawu-41 kuphela omasipala kwabawu-257 abathola imibiko emihle njengoba umbiko uthe “izinto komasipala ziyaqhubeka nokubheda”.

Inkinga isendleleni izinto ezenzeka ngayo. Nansi into engikhathazayo ngonyaka wokhetho: okwenziwa wosopolitiki ngeke kuvune ukuphatha kahle, kunaloko abantu bazofuna ukutapa ngesikhathi besanamandla. 

Ososayensi bepolitiki baye bathi  abaphethe bayazitapela uma sekubhekwe ekupheleni kokuphatha kwabo uma benovalo lokuthi ngeke baphumelele okhethweni olulandelayo, okuhlehlisela emuva ukwenza umsebenzi. 

Ukunakekela ingqalasizinda kuletha imiphumela esiza isikhathi eside ngoba uma izidingo zihlinzekwa kahle, abantu bayaqhubeka nokuvota kepha uma kungeke kusenzeka lokho okulandelayo wukugxila ekuzitapeleni ngaphambi kokuphuma emandleni. Loku kusheshisa ukubheda kwezinto, ikakhulu ngalesi sikhathi amabhizinisi edinga ukuthi kusimame izinto kakhulu. 

Ikhona indawo eyodwa ekhombisa ukuthi yini engenzeka. I-Cape Town inesibalo sabantu esicishe silingane nesaseGoli ibino-R12.1 billion ebiwuhlinzekele ukutshala imali ekubeni eGoli bekuwu-R7.1bn. Yiwona kuphela umkhandlu omkhulu othole umbiko omuhle. UPhiko lwaManzi nokuThutha iNdle eCape Town lisebenzise u-94.1% wesabelomali sawo, okungaphezu kokwenziwe yiGoli neTheku behlanganisiwe. 

Ukusebenzisa imali ngaleyo ndlela kuhlinzeka izidingo ngendlela egculisayo umphakathi. Umehluko ukhombisa ukuthi inkinga ibangwa yizinqumo ezenziwayo. 

Sinezikhungo ezakhelwe ukuqinisekisa ukuthi imali iphathwa ngendlela. Abaphethe bangaphendula bona siqu sabo ngokungasebenzisi imali ngendlela. Ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko uMnu uVelenkosini Hlabisa ugxile ekuphuculeni indlela omasipala abasebenza ngayo futhi useke waxoxisana nabaholi bamabhizinisi ngokusebenzisana. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyabeseka omasipala, ikakhulu ekuthuthukiseni nasekunakekeleni ingqalasizinda. I-Operation Vulindlela inemigomo yokugada ukuthi imali engenayo okufanele isetshenziselwe ukunakekekela ingqalasizinda iyakwenza lokho. I-Special Investigating Unit ingaphenya lapho isola inkohlakalo khona.  

Lezi zindlela zokungenelela zisiza ukuphucula indlela abantu abaphendula ngayo. Abaningi, bathatha izinyathelo emva kokuphothula uphenyo bese kuyashushiswa. 

Okwamanje, njengoba kunengcindezi yokhetho esheshisa ukwehla kwezinto, sidinga ukuqapha ngeso lokhozi ukugwema umonakalo kunokushushisa umonakalo usuwenzekile. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/03/17/omasipala-baseningizimu-afrika-abayilandeleli-imali-ewur62-billion-emosiweomasipala-baseningizimu-afrika-abayilandeleli-imali-ewur62-billion-emosiwe/ 

Izisebenzi zikahulumeni kufanele ziqonde ukuthi zinomsebenzi wokusebenzisa imali kahle. Leyo ngozi ayishintshi uma kungena abanye abantu kuhulumeni. Sidinga abagcinimafa nabacwaningimabhuku ezifundazweni, amaphoyisa nezikhungo eziphenyayo ukuthi baqaphele ngalesi sikhathi. Bayithemba labaningi ukuqinisekisa ukuthi izinto ziphathwa ngendlela efanele, okuzoholela ekutheni ompompi basebenze futhi nogesi ubekhona. 

Izintatheli zineqhaza elibalulekile ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uhlale wazi ngokwenzekayo. Ngithemba ukuthi izintatheli zethu eziphenyayo zizopequlula yonke into ngenkohlakalo. Izakhamuzi yizona ezinomsebenzi omkhulu wokugada. Ivoti labo yiyona ndlela abagada ngayo.  

Amabhizinisi aneqhaza elimqoka nawo. Kufanele siseke izikhungo ezisebenza ukuphucula omasipala. Ukubambisana ngezinhlangano ezifana neBLSA kungasiza kwenzeke lezo zinto izinkampani ezingeke zikwazi ukuzenza zizodwa. Kufanele amabhizinisi axoxisane nabaholi bomasipala ukuqinisekisa ukuthi ukunakekela ingqalasizinda kubekwa eqhulwini. Izwi lethu singamabhizinisi libalulekile kulezi zinqumo. 

Asikwazi ukusonga izandla nje izinto zonakala. Ukungasebenzi kompompi nogesi akuphazamisi nje amakhaya kodwa kuvala amabhizinisi, kuqede imisebenzi futhi kucekele phansi isisekelo somnotho esisidingayo. 

Kudingeka sonke siqaphe ngeso lokhozi, izinhlangano ezingenzi inzuzo, abaphenyi, abezindaba, izakhamizi namabhizinisi. Yiloko okudingekayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page