Ziyethembisa izingxoxo ngezohwebo neMelika kodwa asikwazi ukulinda izixazululo zangaphandle, kuloba uBusi Mavuso
IMIZAMO yokulungisa ubudlelwano bethu bokuhwebelana neMelika iqinile njengoba ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau evakashele khona ngesonto elidlule futhi kunamalungiselelo okuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa aye khona kuleli sonto.
UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uthi uTau uhlangane nomele ezohwebo eMelika uMnu uJamieson Greer ngesonto elidlule emva kokuthi izikhulu zibonisene izinsuku ezintathu.
Yize loku kungasho ukuphela kwentela ewu-30% ekhokhiswa izimpahla eziqhamuka eNingizimu Afrika kodwa kuyathembisa ukubona umdlandla wokuthola isixazululo. Amathimba aseMelika naseNingizimu Afrika avumelene ngohlaka azolusebenzisa ezingxoxweni zangomuso ukuze kutholakale isisombululo ngodaba lwezohwebo.
Njengoba sengike ngabhala kule ngosi kudala, le ntela inomphumela omubi emnothweni wethu, ikakhulu embonini yezimoto, ezolimo, amakhemikhali nezinye. Kumanje sivele sibonile kuphela imisebenzi njengoba amafemu emise ukukhiqiza izimpahla njengoba engekho ama-oda aqhamuka eMelika.
Izikhulu zethu zisebenze kanzima ukuzama ukuthola isixazululo endabeni ebucayi ngokwezombusazwe nangomthetho njengoba kunenqwaba yezinto ezifunwa yiMelika nabanye esihwebelana nabo. INingizimu Afrika kudingeke iqhamuke neqhinga ezingxoxweni elitshengisa ukuthi leli zwe lingamanye abalulekile iMelika ehwebelana nawo kodwa ukungakhuli kahle komnotho wethu kusho ukuthi kuzogcina kuncipha ukubaluleka kwethu ngokuhamba kwesikhathi.
Ngeke isolwe iMelika uma isibheka amazwe afana no-Angola neNigeria uma kubhekwa indlela iminotho yawo ekhula ngayo uma kuqhathaniswa nowethu okhula ngaphansi kwango-1%.
Ezintweni ezifunwa yiMelika kubalwa ukugxambukela emigomweni yezwe lethu njengemithetho ethinta ukuthi izinkampani zakwamanye amazwe zingaba nobunikazi obungakanani ezinkampanini zethu. Asikho isixazululo esilula.
Ngesikhathi uRamaphosa eya esithangamini seNhlangano yeziZwe kuleli sonto, kuningi okunye okuzobekwenzeka njengoba abantu abahwebelanayo bezozama ukuthola izisombululo.
INingizimu Afrika izama ukuxoxisana nabaholi bamabhizinisi, abatshalimali nosopolitiki kodwa akucacile ukuthi izophumelela. Njengoba namanye amazwe esefundile, ukuxoxisana neMelika yinto ongeke uyazi ukuthi izothela ziphi izithelo.
Okwenzeka kwezombusazwe eMelika kungabanomphumela omkhulu kunoma ngabe yisiphi isiphakamiso iNingizimu Afrika ezosenza. Ngakho, yize singabanethemba lomphumela omuhle kulezi zingxoxo kodwa kufanele sihlale sicuphile futhi silindele ukuthi izigxoxo zingahle zingatheli zithelo ezinhle.
Abaholi bamabhizinisi nepolitiki kufanele balungiselele noma ngabe yini. Lapho kungeke kubenamehluko khona, kufanele sigxile ekwakheni ubudlelwano namanye amazwe. Isivumelwano okufanele siphucule ukuhwebelana e-Afrika i-African Continental Free Trade Agreement (i-AfCFTA) ibalulekile ekusheshiseni ukuthuthwa kwezimpahla ezwekazini lonke.
Izivumelwano zokusebenzisana ezifana nezisayinwe ne-India ne-United Kingdom ukunciphisa imidanti yokuhwebelana zibalulekile. Nezivumelwano kwiBrics ziyasiza ukuphucula amathuba okuhwebelana nokutshala imali nokunxusa ukuthi kubanjiswane kangcono emhlabeni.
Kukhona nezinto eziqhamuke kwiB20 esingazisebenzisa, ikakhulu ukusebenzisa i-AfCFTA nokusebenzisa ubuchwepheshe obungayicekeli phansi imvelo nobesimanje ukuvuselela umkhiqizo.
UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ulungiselela ithimba elizofaka izinkampani zaseNingizimu Afrika elizovakashela e-Indonesia, eVietnam naseMalaysia ngenyanga ezayo, okuyingxenye yemizamo yawo yokugqugquzela ukuhwebelana namanye amazwe.
Le mizamo yesekwa abamabhizinisi futhi itshengisa ukushintsha kwezinto emhlabeni njengoba onke amazwe ezama ukunciphisa ukuthembela emnothweni waseMelika. Kufanele nathi sisebenzise lonke ithuba ukuthola amakhasimende amasha.
Ngale kwezingxoxo zokuhwebelana, le mizamo iyingxenye yokulungisa izinkinga emnothweni wethu njengoba izibalo eziphume ekuqaleni kwale nyanga itshengisa ukuthi umnotho ukhule ngo-0.8% ngekota yesibili.
Akuyona into esiyisidingayo lena kodwa ukhona umehluko uma sikhumbula ukuthi ngekota yokuqala ukhule ngo-0.1%. Ukukhula komnotho ngale ndlela kungaphezu kobekulindelwe wosomnotho, nokwenza osomnotho manje bathi balindele ukuthi uma sekubhekwa unyaka wonke, umnotho uzokhula ngaphezudlwana kwango-1%. Ziningi izinto ezisizayo njengokuphucuka kwamanani okumbiwayo, ukwehla kwemalimboleko, okulekelelwa nawukuthi amandla erandi asayibambe ngakho.
Imizamo yokuxazulula inkinga kagesi kanjalo nezokuthutha ezweni isizoqala izwakale njengoba amabhizinisi esezokwazi ukutshala imali futhi abanikazi bawo sebenethemba lokuthi sebengakha amafemu okukhiqiza izimpahla ngaphandle kwenkinga kagesi futhi banethemba lokuthi izimpahla zabo zizofinyelela kwamanye amazwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/16/iningizimu-afrika-ifuna-ukuxoxa-notrump-ngentela-yezimpahla-ewu-30/
Nokho, uma sibheka izibalo zokutshala imali eziphume ngesikhathi kushicilelwa ezokukhula komnotho, zidumazile njengoba beziphansi ngendlela okwagcina ukubonakala ngayo ngo-2003, nokulingana no-13.5% womthamo womnotho.
Izinto bezibheda kakhulu ezinkampanini ezifana neTransnet ne-Eskom. Cabanga ukuthi kuhloswe ukuthi kungeniswe uR1 trilliion ngokutshala imali eminyakeni emithathu ezayo, kuyacaca ukuthi ngeke kwenzeke ngezinkampani zikahulumeni.
Kufanele kushintshe loko kanti imizamo yethu yokulungisa izinkinga zikagesi nezokuthutha imqoka kulokhu. Nokho kunomehluko phakathi kwezifiso nokwenzekayo.
Lezi zinyanga ezizayo zibalulekile ezweni ukutshengisa ukuthi sikwazi kangakanani ukushintsha uma isimo siphoqa. Noma ngabe siyakwazi ukuthola isixazululo ngodaba lwaseMelika, okubalulekile wukusheshisa ukushintsha umnotho wethu, ukusebenzisana namanye amazwe nokunyusa ithemba labatshalimali.
Ukusimama komnotho kancane ngekota yesibili kutshengisa ukuthi asikwazi ukulinda izisombululo eziqhamuka ngaphandle.
Amabhizinis nohulumeni kufanele basebenzisane ngokushesha ukuheha abatshalimali okuzokhulisa umnotho futhi kwakhe namathuba emisebenzi.


