Izinhlelo zokungacimi ugesi, eziholwa wungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, zenze ukuthi ithimba laseNingizimu Afrika ebeliye kwiWorld Economic Forum libuye nezibopho zabatshalimali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Impumelelo yezinguquko zeNingizimu Afrika iletha ithuba njengoba izinto zimapeketwane emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

I-WORLD Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule inike iNingizimu Afrika isigcawu esikhulu sokutshengisa ukuthi izinguquko ezenzayo zithela izithelo ezibonakalayo. 

UNgqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uhole ithimba ebelinabanye ongqongqoshe nabaphathi bamabhizinisi eDavos, eSwitzerland, lapho iNingizimu Afrika ibinemicimbi ehlukene etshengisa inqubekelaphambili esesiyenzile kubatshalimali. 

Umyalezo ubuhluke kakhulu kowangonyaka odlule. Njengoba ngonyaka odlule sasikhuluma ngethemba nezethembiso ngenxa yezibopho eziqhamuka emigomweni, kulo nyaka besikhuluma ngezinto esizizuzile ezibonakalayo. 

Sibala ukuphuma ohlwini lwamazwe okufakwa kulo amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list ukubuyekeza indlela esikleliswe ngayo yiS&P Global, ukusimama kukagesi ngenxa yokuphela kokucishwa kwawo kanjalo nenqubekaphambili kwezokuthutha okufaka nesinqumo seTransnet sokuvumela imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza ekulawuleni ichweba laseThekwini neminye imizila yezitimela. 

Njengoba eshilo uGodongwana, ithimba alibuyanga nezethembiso kodwa nempumelelo ephathekayo. Loku kuthembeka kubalulekile. Uma abatshalimali bakwamanye amazwe bebheka izinto eziyingozi ngezwe, ukufeza izithembiso ngenye yezinto eyenza balibheke izwe njengalelo abangafaka imali kulona ngempela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/28/iningizimu-afrika-ihambe-kahle-eworld-economic-forum/ 

Ukwehla kokucinywa kukagesi ngo-98% phakathi kwango-2023 nango-2025 kuhlangene nokuphucuka endleleni esiphatha ngayo imali njengoba kubenenzuzo iminyaka ilandelana uma kubhekwa le mali kahulumeni engakhokhiswa inzalo wubufakazi bokuthi iNingizimu Afrika ingenza izinguquko ezinqala. 

Imicimbi yaseDavos inike iNingizimu Afrika ithuba lokuxoxa ngqo nabatshalimali ababuyekeza indlela abatshale imali ngayoeNingizimu Afrika emva kwazo zonke lezi zinto esezenzekile.

I-WEF imemezele ukuthi uhlelo lwale ngqungquthela, olwaziwa nge-Spring Edition, luzobaseNingizimu Afrika ngo-Ephreli wangonyaka ozayo. Loku kutshengisa ukuthi umhlaba uyaqhubeka nokuthemba ukuthi iNingizimu Afrika iyakwazi ukuhlela imicimbi esezingeni lomhlaba neqhaza lethu ekuthuthukiseni ukubambisana kwe-Afrika namanye amazwe kwezomnotho. 

Le ngqungquthela izoletha ithuba lokuthuthukisa izinhlelo ezithulwe kwiG20 ngonyaka odlule, ikakhulu i-Africa Engagement Framework, ehlanganisa ukusebenzisana kweminotho emikhulu ukuseka ukufakwa kwe-Afrika kwezezimali emhlabeni.

Kodwa iDavos kulo nyaka izokhunjulwa ngokuthi amazwe omhlaba asukumile elwa nothuthuva oludalwe wumbuso kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump. Ukusabisa kwakhe iDenmark, ukugcwaneka, edelela iNato, inHlangano yeZizwe, ukuhoxa ezivumelwaneni zokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu nezinqumo zokunyusa intela okuphoqe amazwe ukuthi abuyekeze abehlale ekucabanga ngokwendlela izinto okufanele zibengayo kwezomnotho emhlabeni. 

Undunankulu waseCanada uMnu Mark Carney uchaze kahle enkulumweni yakhe uma ethi kufanele “amazwe anomnotho ophakathi nendawo” asebenzisane kakhulu kunakuqala ukwenza izinto ngendlela ehambisana “nezimiso ezithile”, ukuzibophezela ekuzimeleni kwamazwe namalungelo abantu, kubekukhunjulwa ukuthi sinezidingo ezingafani futhi inqubekelaphambili iza kancane kancane.

KwiNingizimu Afrika lolu thuthuva luyingozi kodwa futhi yithuba. Ingozi icacile: intela yenza izinto zibelukhuni, kuphazamiseka ubudlelwane bokuhwebelana obukhona futhi kwenza nokusebenza kwezinhlangano ezihlanganisa amazwe zingasebenzi kahle futhi kuphazamisa ukukhula komnotho ngokudayiselana namanye amazwe. 

Nokho ithuba likhona uma singakusebenzisa kahle ukuvuseleka kwesithunzi sethu sakhe ubudlelwano obuzobheka izidingo zeNingizimu Afrika, hhayi nje ukuvele sivule noma ngabe yiziphi izivumelwano esivele sinikwe zona ngamazwe amakhulu. 

Sikuzwa kahle loku okushiwo wuCarney ngoba yikho kanye loku osekuphele iminyaka iNingizimu Afrika ikuphokophela.  

Loku kusho ukuthi kufanele sicabangisise futhi sibhekisise abantu esikhetha ukusebenzisana nabo bakwamanye amazwe. Kungabe kuzovula amathuba emisebenzi eNingizimu Afrika? Ngabe kwandisea esikwazi ukukwenza ezimbonini zethu? Ngabe kwandisa imikhiqizo esikwazi ukuyidayisela amanye amazwe? Isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi inkampani yezimoto yaseChina iChery isivume ukuthenga indawo yokukhiqiza yakwaNissani eRosslyn ngasePitoli kutshengisa uhlobo lwabatshalimali bakwamanye amazwe okufanele sibabheke. 

I-Chery ivikela izinkulungwane zemisebenzi embonini yokukhiqiza futhi yenza sikwazi ukuqhubeka nokukhiqiza izimoto okulekelela ezinye izimboni. Le nkampani ihlela ukusebenzisa le ndawo ukukhiqiza izimoto ezizosetshenziswa ezweni nezizodayiselwa amanye amazwe e-Afrika okungandisa imisebenzi. 

Loku kuhluke kakhulu kunezinselelo ezikhona embonini yokukhiqiza eNingizimu Afrika engisanda kubhala ngazo. Ngesonto elidlule ngikhulume ngokuvala kwefemu yeBritish American Tobacco ngenxa yemikhiqizo ewombombayi ephazamisa ukusebenza kwezinkampani ezisebenza ngokusemthethweni. 

Imboni yezimoto ibhekene nengcindezi ngenxa yezimoto ezishibhile eziqhamuka kwamanye amazwe. Umehluko ucacile: iChery itshala ekukhuliseni ezokukhiqiza eNingizimu Afrika, ihlenga imisebenzi futhi kwandisa umkhiqizo. Loku kuhlukile kunezinkampani zakwamanye amazwe ezisebenzisa iNingizimu Afrika ukudayisa imikhiqizo esuke isiphelele, ekhiqizwa kwamanye amazwe. 

Lo mehluko yiwona okufanele ulawule indlela esisebenzisana ngayo namanye amazwe. Akuzona zonke izivumelwano zokuhwebelana namanye amazwe ezivuna thina.

Kufanele sizibuyekeze izivumelwano, kungaba neMelika, iYurophu, iChina nanoma ngabe yiliphi elinye izwe, sibheka imisebenzi, izimboni nanokwandisa umkhiqizo odayiselwa amanye amazwe. Asikwazi ukukhetha phakathi kweMpumalanga neNtshonalanga, kufanele sikhethe lowo othuthukisa iNingizimu Afrika futhi ebe ehlonipha ukuzimela kwethu njengezwe nemiinye imithetho ekhona emhlabeni.  

Umsebenzi uhulumeni awenzile ngonyaka odlule ukusungula ubudlelwano obusha okufaka ukudayisa imikhiqizo yezolimo emazweni amasha e-Asia naseMiddle East uyisisekelo. Abamabhizinisi nabo kufanele babone amathuba kanti ukusebenzisana nohulumeni ukuhlela lobu budlelwano kufanele kuhlomulise wonke umuntu.  

Kodwa ukusebenzisana kahle namanye amazwe kukodwa ngeke kwakhe imisebenzi. Kufanele siqhubeke nezinguquko esezisivuselele isithunzi sethu. 

Ngomhlaka-5 wangoFebhuwari sizoshicilela umbiko omusha ngokuqhamuke kwi-BLSA Reform Tracker Quarterly Review, ebheka ukuthi umsebenzi wokuthula izinguquko ezinqala uqhubeka kanjani. 

Loku kusiza ukuqikelela ukuthi umgqigqo uyaqhubeka ngomsebenzi okufanele wenziwe ngokomthetho nokuhlinzeka izidingo. Okwenzeke eDavos kufakazela inqubekelaphambili esiyenzile kodwa ukuqhubeka nomgqigqo kudinga ukubambisana phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page