ISabelomali sakusasa kufanele siqinisekise ukuthi ukutakula amabhizinisi kahulumeni afana nePassenger Rail Agency of South Africa kuyaphela, kusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuhamba kahle ngokuphatha imali. Sekushoda iSabelomali esizokhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

I-INTERNATIONAL Monetary Fund (i-IMF) isigcizelele umyalezo okade amabhizinisi ewudlulisa wokuthi izinguquko ezinqala eNingizimu Afrika zingawukhulisa umnotho ngendlela ebonakalayo, inqobo nje uma izwe lizoqhubeka ngomgqigqo eliqale ngawo.  

I-IMF isanda kuthi umnotho ungakhula ngo-9% ngokuhamba kwesikhathi, ngokusho kombiko kwelinye lamaphephandaba yize kusavunyelwana ngokuthi ngo-2028 uzokhula ngo-1.8% kuphela.

Kumqoka ukunganyusi ithemba kakhulu. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) isagcizelela ukuthi okuzohlonyulwa wumnotho ngenxa yezinguquko kuzothatha isikhathi ukubonakala, umyalezo obalulekile ukuwudlulisa emphakathini, ikakhulu njengoba abantu bekhathazekile ngokuntuleka kwamathuba omsebenzi entsheni. 

Nokho kubalulekile ukugcizelela ukuthi uhlelo lwezinguquko ezinqala kungenzeka lukhulise umnotho ngendlela ezokwenza umehluko ekushodeni kwemisebenzi futhi kuphucule nezinga lempilo, ikakhulu uma sekuqala izinguquko komasipala. 

Izwe seliqalile ukuhlomula ngokuningi ngenxa yezinguquko, okubalwa ukuphela kokucinywa kukagesi nokuthi abadayisela amanye amazwe izimpahla sebeyakwazi ukuhambisa umthamo omkhulu ngenxa yokuphucuka kwezinto ezitimeleni nasemachwebeni. 

Enye impi esinqotshiwe eyokulwa nesikweletu, into okudingeke kwenziwe izinqumo ezinzima ukuze izuzwe. Okokuqala kusukela ngo-2008, isikweletu sikahulumeni ngeke sikhule.

Imiphumela wokuphucuka kwendlela esikleliswe ngayo ngababolekisa ngemali, ukuphuma ohlwini okufakwa kulo amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile ukulwa nokushushumbisa imali, yize nothuthuva lwepolitiki nezohwebo kunesandla nakho. 

Nokho inzalo ephansi izwe elikhokhiswa yona ngemali eliyiboleke ngama-bond ingaletha izithelo ezibonakalayo, hhayi nje ezindlekweni uhulumeni ozikhokhayo uma uboleka kodwa nakumabhizinisi kushibhile ukuboleka. I-BLSA iyakuthakasela ukuthi umengameli uCyril Ramaphosa wagxila kulokhu ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/13/umengameli-uveze-isithombe-esiyiqiniso-ngokwenzeka-ezweni-ibusiness-leadership-sa/ 

ISabelomali sakusasa sithemba ukuthi sizokwakhela phezu kwaloku. Kufanele siseke futhi siphuthumise izinguquko. Ngonyaka odlule kwabanenzuzo ewuR68.5 billion emalini yezindleko ezingenanzalo, kwathi izindleko zesikweletu zabangaphansi ngoR4.8bn kanti imali eyangeniswa wuhulumeni yaba ngaphezulu ngoR19.3bn kokwakulindelekile. Yizinto ezinkulu lezi emnothweni ongakhuli. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/23/isabelomali-yindabizekwayo-ezintweni-eziseqhulwini-kuleli-sonto/ 

Esifuna ukukubona kungqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana yisiqinisekiso sokuthi ukuphatha imali ngendlela efanele kuzoqhubeka, ukuthi lapho kwabuyekezwa khona indlela okusetshenziswa imali ngayo, nokwavela ukuthi kungase kongeke uR37.5bn kuzoqala kulethe ushintsho olubonakalayo eminyakeni emithathu ezayo kusukela ngo-2026 nokuthi izinhlelo ezingasebenzi zizovalwa njengokwesithembiso.  

Sifuna nokubona lo R7.5bn owathenjiswa abaqoqintela ungqongqoshe athi ungangenisa phakathi kukaR20bn noR50bn, okubalwa ukulwa nemboni kagwayi owumbombayi nezinye izimboni ezinezimpahla eziwumkokotelo. I-Business Against Crime South Africa ibisebenzisana nohulumeni kulokhu futhi kusengenye into eseqhulwini. 

Okunye okubalulekile, iSabelomali kufanele sicacise emabhizinisini kahulumeni okuthi ngeke esatakulwa. Umnotho awukwazi ukuloku uthwala amabhizinisi kahulumeni ahlulekayo. Indlela yokubuyekeza ukusebenza kwamabhizinisi kahulumeni nokuthi uhulumeni uyahlomula yini ngawo, okufaka ukubheka umphumela wawo emphakathini, lapho kufanele khona, yinto okufanele ngabe kade yenziwa bese kulandela izinqumo ezinzima. 

Inkinga yokuthutha amanzi nendle isenkulu namanje kanti uhulumeni usanda kuchaza ukuthi ijule kangakanani. U-R156bn ohlinzekelwe ingqalasizinda yamanzi yimali enkulu kodwa ucwaningo luveza ukuthi mncane uma kubhekwa imali edingekayo ukulungisa ukungasebenzi kwengqalasizinda yamanzi. Sikhuthaza uhulumeni ukuthi ukhulume iqiniso ngokushodayo nokuqhamuka nezindlela okufaka ukuthi imboni ezimele ilekelele ukuvala igebe. 

Mayelana nengqalasizinda, kukhona izinto ezenzekayo ezikhuthazayo. U-R15bn obolekwe kuma-bond owamenyezelwa kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali usuthuliwe kanti imali isiqalile ukungena emalini yengqalasizinda. ISabelomali singatshengisa lapho kubhekwe khona ngokuhlinzeka esele ezindaweni ezizobanomphumela omkhulu. Uhlelo lwemisebenzi yemiphakathi kade lathathwa njengolungasiza ukwakhela intsha amathuba omsebenzi kanti njengoba sekunento ephathekayo ngokutshala kwingqalasizinda, sekukhona ithuba ngempela lokuthi kwenzeke lokh, kudalwe imisebenzi namakhono entsheni. 

Amabhizinisi angathanda umNyango weziMali utshengise nokuthi siphelile isikhathi sokunyusa intela. Kuqalai umGcinimafa wake wakhuluma ngokwehlisa intela ekhokhiswa izinkampani isuke ku-27% kanti yize kungeke kwabayinto eyenziwa manje kodwa kungakuhle ngokuqhubeka kwesikhathi. 

Ukukwazi ukuncintisana ngokwentela yinto enhle kumabhizinisi nabathengi futhi kuyasiza nasekuheheni abatshalimali ngendlela efanayo nokubanogesi othembekile nezokuthutha izimpahla. Uma siqhubeka siyibamba ngale ndlela esiyibambe ngayo izogcina ikhona indlela yokwehlisa intela. ISabelomali kufanele sikhulume ngalowo mbono. 

Okokugcina, iBLSA izobhekisisa nokuthi yimalini eyabelwa ingqalasizinda yezempilo. Silindele into ecacile njengoba ngesonto elidlule kuphume isimemezelo esithi ukuqhubeka nomshwalense wezempilo kusazoma ngenxa yesinqumo esikhishwe yiNkantolo yomThethosisekelo. 

INingizimu Afrika isesimweni esingcono kunosekunesikhathi yagcina ukuba kusona. ISabelomali kufanele sikutshengise loku nokuthi sizosetshenziswa kanjani lesi sisekelo ukwakhela phezu kwaso. 
Ngalesi sikhathi ngonyaka odlule, kwazanywa kathathu ukuthula iSabelomali futhi saphunyuka kancane ekutheni inyuke intela ebanjwa ezimpahleni i-value added tax (i-VAT) ngo-2 percent points. Ngokubambelela ekwenzeni okufanele nezinguquko ezinqala, uhulumeni ungakha isisekelo sokuthi ngelinye ilanga yehliswe i-VAT nezinye izintela, okuyizinto ezingakhulisa umnotho. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page