Ukuphatha imali yezwe kahle kuyasiza. Sesidinga kuphuthunyiswe izinguquko, kuloba uBusi Mavuso
IBHANGE lomBuso lenze isinqumo esifanele ngesonto elidlule ngokunyusa imalimboleko ngo-25 basis points ngenxa yokunyuka kwamanani ezimpahla emhlabeni. Umphathi uMnu uLesetja Kganyago neKomiti eleNgamele uMgomo weMali abangabazanga.
Njengoba ukwehla kwamandla emali kunyukele ku-4% futhi iBhange lomBuso lithi kungahle kubewu-4,4% kulo nyaka, okungaphezu Kwango-3% elizinqumele wona, lesi sinqumo besibalulekile. Ukusimamisa amanani ezimpahla kubalulekile ukuze amabhizinisi akwazi ukuhlela kahle futhi atshale imali. Kuvikela abathengi, ikakhulu abahlwempu amanani ezimpahla azwela kakhulu kubona.
Osomnotho sebelindele ukuthi imalimboleko iqhubeke nokunyuka kulo nyaka. Kungababuhlungu loko ngasekuqaleni kodwa kubalulekile ekusimamiseni izinto ngokuhamba kwesikhathi.
FUNDA NALAPHA: Ukunyuka kwemalimboleko kuzompintsha abantu
Into engiyiqaphelayo wukuthi njengoba izimpi zaseMiddle East nase-Ukraine zisinika inselelo endleleni izinto ezenziwa ngayo emhlabeni, yindlela izinto ezihluke ngayo uma kuqhathaniswa nezinye izikhathi lapho okuke kwanezinkinga emhlabeni.
Izinto azizimbi kangako eNingizimu Afrika, isimo sezimali singcono kunebisiyikhona eminyakeni eyishumi edlule, izinguquko ezinqala seziqala ukuthela izithelo. Eminyakeni eyisithupha edlule ngesikhathi kuhlasela i-Covid-19, isikweletu sezwe sasisimbi impela futhi izwe lalibhekene nengozi ngempela. Akusenjalo namhlanje.
Loku kuphucuka kwezinto kubonakale ngesonto elidlule ngesinqumo seS&P eqinisekisile ukuthi ilindele izinto ezinhle emnothweni nasendleleni esikhokha izikweletu ngayo.
Ingashintsha ibeyinhle kakhulu indlela esikleliswe ngayo uma ungqongqoshe womNyango weziMali ezozibamba ziqine kuze kufike ukumemezela iSabelomali saPhakathi noNyaka weziMali ngo-Okthoba. Ungqongqoshe usetshengise ukubaqotho endleleni enza ngayo. Izinkampani eziqapha iminotho zisibhekile nabatshalimali basibhekile.
Yize kunothuthuva emhlabeni, irandi limile kanti akukubi kangako nangemali okubolekiswa ngayo ngama-bond nangamasheya. Siyahlomula ekunyukeni kwamanani okumbiwayo okufaka igolide ne-platinum, okulekelelayo kakhulu.
Ukuzimela kweBhange lomBuso ngaphandle kokugxambukela kosopolitiki ngenye yezimpawu ezinhle esizikhombisa abatshalimali. INingizimu Afrika ikhombisa ukuthi iyindawo ongayethemba kulesi simo somnotho.
Yileyo imiphumela yeminyaka kunezinguquko futhi kuphathwa ngobuqotho izikhungo.
Indlela engibona ngayo wukuthi kunesifundo esibalulekile okufanele sisithole kokwenzakayo. Kuyohlale kukhona izinto ezenzekayo emhlabeni esingakwazi ukuzilawula. Izwe libonakala ngokuthi liyakwazi yini ukubhukula kulezo zimo nokuthi liyakwazi ukubona ukuthi leyo nselelo iletha ithuba lokusheshisa umsebenzi elisuke seliwuqalile.
Uhulumeni namabhizinisi, bazibophezele ohlelweni lwezinguquko eminyakeni eyisishiyagalombili edlule futhi sesiyazibona izithelo zalowo msebenzi. Lokho kufanele kusikhuthaze ukuthi siqhubeke kunokuthi kusiqede amandla.
Enye yezinto esingakwazi ukuyilawula, kanti yilo kanye leli vangeli engiloku ngilishumayela uma iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ixoxa nohulumeni, wukuthi akufanele sidembesele ekuqhubekeni nezinguquko.
Okokuqala, ezokuthutha. I-Transnet namachweba kufanele bavumele abanye abatshalimali, izinguquko emizileni yezitimela namachweba sekufanele ziyeke nje ukubawumgomo kodwa kubeyinto eyenzeka ngempela.
Okwesibili, ugesi. Sidinga imboni kagesi ekwazi ukuncintisana, kubekhona inkampani ezimele esabalalisa ugesi, ukubambezeleka kwale nkampani yinto okungafanele iqhubeke isikhathi eside.
Okwesithathu, uhulumeni osebenza kahle. Ukuhlinzeka imisebenzi kuhulumeni nokuthi abantu baphendule ngezinqumo abazenzayo osekuphucule isimo sezimali zikahulumeni kufanele sikubone kuwo wonke uhulumeni.
Zizoloku ziqhamukile izinselelo emhlabeni futhi kufanele sibhekane nazo. Okwamanje, loko kusho ukuthola amazwe athembekile esizothenga uwoyela kuwona nokuthi sithole amanye mazwe esizohwebelana kahle nawo. Lokhu okwenzekayo kusitshengisa ukuthi izinguquko ziyasiza uma sekunenkinga.
I-BLSA izoqhubeka nokunxusa uhulumeni ukuthi uphathe izimali ngendlela efanele nokuthi wenze kubenomnotho odingwa yizwe. Umvuzo wokwenza loko akuyona nje into engatheni, kuyabonakala emandleni erandi, ama-bond nakwithemba labatshalimali. Sesikwenzile vele loko, asingabe sisalidedela lelo thuba.
Sihalalisela uNks uMpumi Madisa ekuqokweni kwakhe abeyiphini likasihlalo weBLSA. Eyisikhulu esiphezulu seBidvest Group, unamava amakhulu azosisiza emsebenzini wethu.
Ukuqokwa kwakhe kuphelelisa ibhodi entsha eholwa wuMnu u-Adrian Gore owusihlalo kanti izikhulu zeBLSA zikubheke ngabomvu ukusebenzisana nabo ukuqhuba umsebenzi wale nhlangano.
Ngonyaka odlule iBLSA yethula iBLSA Reform Tracker, iziko lobuchwepheshe elibheka ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala ezithinta kakhulu indawo amabhizinisi asebenzela kuyona nokukhula komnotho.
Enye yezinhloso zaleli ziko wukuseka imizamo kahulumeni, ukubona lapho kunezinselelo khona nokuthi yiziphi izinyathelo okufanele zithathwe.
Leli ziko lisiza abaholi bamabhizinisi ukuthi benze izinqumo eziphusile ngolwazi oluthembekile. Sikholwa wukuthi libalulekile emizamweni yezwe yokukhulisa umnotho.


