Yinto engathi shu uhlelo olusha oluhlongozwa ngomasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane
AKUKHO mehluko otheni ozokwenziwa wuhlelo olusha lomNyango weziMali lokuzama ukufukula ukusebenza komasipala emadolobheni amakhulu ayisishiyagalombili aseNingizimu Afrika.
Lolu hlelo lubhekele izingxenye zomasipala eziphethe ukutholakala kukagesi, amanzi nokuthutha udoti.
Kuphakanyiswa ukuthi lo mnyango unike laba omasipala imali yokuvuselela izinkampani eziqondene nalezi zingxenye zomasipala. Sekuvamile ukuthi omasipala basungule izinkampani njengezibheke ugesi namanzi.
Isizathu esikhulu sokuthi lolu hlelo lungenzi mehluko otheni wukuthi impumelelo yalo incike kakhulu ekuqedeni noma ekwehliseni izinga lokudla imali udede komasipala.
Okwesibili wukuthi sekuneminyaka uhulumeni ezweni lonke wenza imizamo yokuvuselela ukusebenza komasipala ngendlela. Yonke ayikaze ibenemiphumela ebonakalayo noma yesikhathi eside. Owokugcina umzamo wamenyezelwa ngo-2023 okwakungowokusiza omasipala asebeneminyaka bekweleta i-Eskom izizumbulu.
Kwasungulwa uhlelo lapho izikweletu zalaba omasipala zizosulwa uma benze izinguquko ezithile endleleni abasebenza ngayo. Enye yalezo zinguquko kwakuwukunyusa izinga lokuqoqa mali ngokudayisa ugesi namanzi, libengaphezulu kwango-80%.
Enye wukusebenzisana ne-Eskom ukufaka amamitha lapho izakhamuzi zithenga ugesi ngaphambi kokuwuthole, lokhu okuthiwa wugesi wekhadi.
Selubhuntshile lolu hlelo. Sikhuluma nje i-Eskom ibike ngesonto elidlule ukuthi yenyuke ngo-27% imali le nkampani eyikweletwa womasipala, yafinyelela kuR94.6 billion ngonyaka wezezimali ophele ngoMashi, isuka ku-R74.4bn ngo-2024.
Akuthusi ukuhluleka kwalolu hlelo. Isizathu wukuthi beludinga osopolitiki nezikhulu zomasipala abaphethe umsebenzi wabo ngobuqotho nokuthembeka, okuyizisekelo ezinkulu zokuthi babengabantu abathenjwa yizakhamuzi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/10/kuqokwe-usihlalo-omusha-e-eskom-uslindile-khanyile-uyabika/
Manje umNyango weziMali uthi zine izinguquko ezidingekayo ukuze uhlelo lwayo olusha lubenemiphumela emihle. Eyokuqala wukuthi kudingeka ukuthi osopolitiki basebenzele intuthuko yezindawo ezingaphansi komasipala. Eyesibili wukuthi kufanele kucace ukuthi wobani abaphethe umsebenzi bese ukusebenza kwabo nemiphumela yakho kulandelwe njalo.
Eyesithathu wukuthi omasipala baqashe izisebenzi eziqeqeshelwe uhlobo lomsebenzi eziqashelwa wona (njengezimenenja nonjiniyela). Eyesine wukuthi lezi zinkampani zomasipala kufanele zibesesimweni esihle ngokwezimali.
Uma zonke lezi zinguquko zingenziwa ngempumelelo kunganqanda ukudliwa kwemali komasipala. Kungafana nokususa isithebe amadoda esazitika – kungasuka impi esibayeni.
Osopolitiki – kuzo zonke izigaba zikahulumeni ezweni – abanasikhathi sokusebenzela intuthuko yezwe futhi akunazinkomba zokuthi loku kuzoshintsha maduze nje.
Uguquko ngokuthi wubani ophethe umsebenzi nokuthi ukusebenza kwakhe kubhekwe njalo nakho kungumlando omude wezinkinga. Sekukaningi kukhonjwa ukuthi osopolitiki bagxambukela ekusebenzeni kwezikhulu zomasipala. Benza nje osopolitiki ngoba befuna ukuthi amathenda akhishwa womasipala anikwe izihlobo nabangani babo noma osomabhizinisi abazobahlomulisa. Lesi senzo sishiya kungacacile ukuthi wubani ophethe umsebenzi.
Nasekuqasheni izisebenzi eziqeqeshelwe umsebenzi, inkinga yibo osopolitiki. Abafuni umuntu onekhono nama omsebenzi ngoba kuvame ukuthi kubewumuntu ofuna ukuthi umsebenzi wenziwe ngendlela elandela imigomo kahulumeni.
Nalapha sekuneminyaka umNyango weziMali ukhuthaza omasipala ukuthi baqashe abaphathi bomasipala nabezimali abafundele umsebenzi nabanamakhono.
Sekungaphezu kweminyaka ewu-20 waqala lo mkhankaso kodwa awunamiphumela etheni. Kukaningi izigungu zomasipala zixosha imenenja ngezizathu ezingacacile, okuthi uma sekuphenywa kutholakale ukuthi imenenja ibingavumi ukusayina izinkontileka ezingahambisani nemigomo elawula ukusebenza komasipala.
Izinguquko ezihlongozwa wumNyango wezeziMali manje zingathatha iminyaka emithathu ngaphambi kokuthi imiphumela yazo ibonakale, ngokusho komnyango. Ibambisene kulo msebenzi neminye iminyango kahulumeni – owokuBusa ngokuBambisana, okaGesi, owaManzi nokuThutha iNdle, owokuHlalisa abaNtu nowamaHlathi, ukuDoba neMvelo.
Ithi umsuka walezi zinguquko wukwehla kwezinga endleleni okuhlinzekwa ngayo izidingo ezitholwa yizakhamuzi zomasipala. Kuqokwe amadolobha amakhulu ngoba kuhlala kuwo ingxenye ewu-40%, okungabantu abangu-24 million ezweni.
Okwesibili wukuthi la madolobha ayizizinda ezinkulu zomkhiqizo wezomnotho ezweni. Ngaphezu kwango-66% womkhiqizo womnotho wezwe wenziwa ezindaweni ezingaphansi kwalaba omasipala.
Ugesi, amanzi nokuthutha udoti akugcini nje ngokubaluleka kwinhlalakahle yezakhamuzi kodwa kubalulekile nasekusebenzeni komnotho.
I-Clover yaze yaphoqeka ukuthi ivale ifemu yayo yokwenza ushizi eLichtenburg, eNorth West, ngo-2021 ngoba ikhononda ngokuhluleka kukamasipala ukuhlinzeka le femu ngamanzi nogesi ngaso sonke isikhathi.
Le nkampani, eyathutha lo msebenzi yawuyisa efemini yayo eseQueensburgh, eThekwini, KwaZulu-Natali, yakhononda nangesimo semigwaqo eNorth West.
I-Astral, inkampani ekhiqiza izinkukhu zomshini, nayo yaphoqeka ukuthi izithengele imishini yokuhlanza amanzi ngenxa yokuhluleka kukamasipala waseStanderton ukwenza lo msebenzi. Ihlaya wukuthi leli dolobha liseduze nomfula omkhulu iGwa, phecelezi iVaal River.
Kafushane nje, akukho okutheni olungalindelwa kulolu hlelo olusha oluhlongozwa wumNyango ngoba osopolitiki nezikhulu zomasipala basazitika ngezimali zomasipala. Kanti futhi baningi abasalindele ukuthola leli thuba.


