Uhulumeni unqindekile ukubhekana nezinkinga zezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane
UCWANINGO loqweqwe lukasomnotho waseNyuvesi yase-Stellenbosch ngekusasa lezomnotho nentuthuko yeNingizimu Afrika lukhomba ukuthi abaholi bezwe kufanele bacabangisise ukuthi yiziphi izinkinga abangakwazi ukwenza umehluko kuzona ngokushesha, yiziphi ezingathatha isikhathi.
Ucwaningo lukaMnu uServaas van der Berg lususelwa embuzweni wokuthi yikuphi iNingizimu Afrika engakwazi ukukwenza eminyakeni ewu-15 ezayo phakathi kokwehlisa ububha nokungalingani ngokwezimali.
Lubalulekile lolu cwaningo ngoba luveza obala ukuthi uhulumeni wezwe ngeke ukwazi ukubhekana nezinkinga zezwe ngasikhathi sinye.
Esinye sezizathu zaloku wukuthi uhulumeni awunawo amandla okubhekana nezinkinga ezikhungethe izwe. Phakathi kwama-kwamandla asezandleni zohulumeni kungabalwa amandla okuqoqa intela, ukulawula ukusebenza komnotho nokuxhasa.
Asenze isibonelo ngentela. Uhulumeni awukwazi ukuvele unyuse izinga lentela ngejubane elingamelana nezidingo zezwe. Loku kwabonakala ngesikhathi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ezama ukunyuka i-VAT ngo-percentage points ngo-2024 isuka kuka-15%, iya ku-17%.
Lesi siphakamiso sasusa umsindo, osugcine ngokuthi iNkantolo eNkulu yaseKapa inqume ukuthi awunalo igunya ngokomThethosisekelo wezwe lokunyusa i-VAT.
Ukungabinezindlela ezanele kusho ukuthi uhulumeni kufanele wazi ukuthi yiziphi izinkinga ongakwazi ukwenza umehluko kuzona ngokushesha, yiziphi ezithatha isikhathi.
U-Van der Berg uthi uhulumeni kufanele ukhethe ukuthi iyiphi indlela ongenza ngayo umehluko ngokucacile. Nangezinguquko kufanele kwenzeke kanje.
Kubalulekile loku. Kodwa kuzobayinkinga njengoba ukuphatha izwe ngaleyo ndlela kudinga ukuthi izakhamuzi, ikakhulu ezisile ngentuthuko futhi nezintula amathuba omsebenzi, zimukele ukuthi ukufukulwa kwazo kungathatha isikhathi.
Ngamanye amazwi izakhamuzi kufanele zithembe abaphathi bezwe. Nokho miningi imibiko ekhomba ukuthi izakhamuzi sezilahle ithemba ngabaphathi bezwe. Ucwaningo lweHuman Sciences Research Council, eyalwenzela i-Independent Electoral Commission, luveza ukuthi bawu-36% kuphela abantu abasenethemba ngokuphathwa kwezwe, okuyisibalo esuka ku-65% ngasekuqaleni kweminyaka yama-2000.
Ucwaningo lukaVan der Berg luthola ukuthi ukukhula komnotho kwehlisa izinga lobubha, okunyusa amandla kahulumeni ngokwezimali. Kuzokhumbuleka ukuthi intela eqoqwa wuhulumeni incike ezingeni lokukhula komnotho. Ngokunjalo, namandla kahulumeni okuboleka imali ezimakethe zemali kuncike ekukhuleni komnotho wezwe.
Izinguquko kwimfundo zingabanegalelo ekunyuseni imiholo, into ebalulekile kakhulu ezweni njengoba amazinga emiholo eyimbangela enkulu yegebe lezimali.
Ngenxa yokuncishwa kwabantu abamnyama amathuba emfundo esezingeni eliphezulu ngaphansi kobandlululo namathuba emisebenzi edinga amakhono, ngo-1994 kwakunegebe elikhulu lamaholo phakathi kwabantu nabelungu.
U-Van der Berg uthi kuthatha isikhathi ukuvala igebe elinje. Isizathu wukuthi livaleka ngokuthi izisebenzi ezinamakhono nezihola kakhulu zithathe umhlalaphansi. Abantu abazalwa phakathi kweminyaka ka-1965 no-1980 bathathwa njengeqoqo noma isizukulwane esisodwa ngoba kuthiwa banezinto ezifanayo ngabo ngenxa yesimo abakhula ngaphansi kwaso.
Ugcizelela ukuthi ukunyuka kwezinga lokukhula komnotho kubalulekile, kodwa ngeke kukodwa kwenze umehluko kuzo zonke izinkinga ezikhungethe izwe.
U-Van der Berg uphakamise ukuthi intuthuko yezwe, ikakhulu ukufukula abantu abasemazingeni aphansi empilo, akufanele kukalwe kuphela ngezikali ezisebenzisa imali etholwa wumuntu kodwa kufanele kusetshenziswe nezinye izikali ezihambisana namakhono abantu nokuhlonipheka endleleni abaphila ngayo.
Lesi sikali singabheka ukuphepha kwezakhamuzi nokuhlala ezindaweni ezinengqalasizinda esezingeni elifanele.
Isikali sesithunzi somuntu singasebenzisa izinga lezindlu, ukutholakala kwamanzi asezingeni elifanele ngaso sonke isikhathi, izikole ezisezingeni eliphezulu nokubanezinto zokuhamba eziphephile.
Uthi zonke lezi zinto zingenzeka ngokusebenzisa amandla ezimali kahulumeni. Ngamanye amanye amazwi, ngeke zidinge ukuthi uhulumeni unyuse kakhulu amandla awo ezimali ngalezi zidingo.
Noma uVan der Berg engakhulumi ngaloku, kuyazeka ukuthi sekuyiminyaka inkinga enkulu ebhekene nohulumeni kuwukukhwabanisa imali nokungasetshenziswa kwayo ngendlela.
Ukuba izabelomali zeminyaka eyishumi edlule bezisetshenziswa ngendlela efanele nokucophelala, ngabe mkhulu umehluko empilweni yezakhamuzi, ikakhulu ezihluphekayo neziswele umsebenzi.
U-Van der Bergh uthi lesi sikali asihlongozayo asisho ukuthi uhulumeni kufanele ungabe usasebenzela ukunyusa izinga lempilo ngokwesikali sezimali.
Uphetha ngokuthi uhulumeni ungakwazi ukwehlisa izinga lobubha eminyakeni ewu-15 ezayo kodwa kuzobawumqansa ukuvala igebe lokungalingana ngamandla emali. Ukuncishiswa kwaleli gebe kuncike kakhulu ekutheni zonke izakhamuzi zibenamakhono, isinyathelo esilandelwa ukunyuka kwemiholo.


