Amanani e-Eskom atshengisa ukuthi siyidinga kangakanani imboni kagesi encintisanayo, kuloba uBusi Mavuso
AYIKHO into etshengisa ukuthi kuphuthuma kangakanani ukuthula izinguquko embonini kagesi ukudlula indlela amanani e-Eskom anqunywa ngayo. Yonke into ngendlela okwenziwa ngayo ihluke kakhulu endleleni okufanele ngabe amanani anqunywa ngayo embonini okuncintiswana kuyona.
Le ndlela esetshenziswayo icace ngesonto elidlule ngesikhathi kuvela ukuthi umlawuli wemboni kagesi iNational Energy Regulator of South Africa (iNersa) uyavumelana nomyalelo wenkantolo othi i-Eskom ingangenisa uR54 billion ngokunyusa amanani eminyakeni embalwa ezayo.
Imbangela yaloku yiphutha elenziwe yiNersa ngoJanuwari ngesikhath inquma amanani e-Eskom. Le nkampani ephehla ugesi ibivele izonyusa amanani kagesi cishe ngo-13% kulo nyaka kanti manje isizowanyusa ngokungaphezu kokufanele.
La manani anyuswa ngokusebenzisa indlela ebheka iminyaka embalwa, okufaka ukuklama amanani eminyaka emithathu. Okunye okwenzekayo ngale ndlela wukuthi kusetshenziswa into ebizwa nge-regulatory clearing account, okusho ukuthi kuyahlehlwa kubhekwe ukuthi izindleko azibanga nkulu yini kunobekubhekwe yiNersa noma uma imali engenile inkulu kunobekulindelekile. Loku kwenza i-Eskom ikwazi ukukhokhisa amakhasimende angomuso izindleko ezindala.
Cabanga uma kungathiwa nezinye izinkampani zikwazi ukwenza kanje. Lesi yisikhathi lapho izinkampani ezinkulu zishicilela khona imiphumela yokuthi zisebenze kanjani ngohhafu wokuqala wonyaka wezimali.
Eziningi esezibikile ziyatshengisa ukuthi kunzima kangakanani ukungenisa imali kulesi simo somnotho esinzima. Izinkampani ziyatabalasa ukunyusa imali eziyingenisayo ngoba wonke umuntu uthwele kanzima, kusukela kubathengi kuye emabhizinisini.
Nokho yize kunjena kodwa izinkampani eziningi ziyaveza ukuthi yini eziyenzile ukulawula izindleko ngokuthola ezinye izindlela ezifanele zokwenza izinto ukuqikelela ukuthi amabhizinisi azo ayakwazi ukusebenza.
Awucabange uma kungathiwa esikhundleni sokugada izindleko uma lezi zinkampani zingavele zithi amakhasimende azo awakhokhele izindleko ezindala ngokunyusa amanani. Singazibona izinkampani zigada izindleko zazo? Singazibona izinkampani zenza izinqumo ezinzima ngokuthi yimiphi iminyango ezizoyivala ngoba ingasebenzi ngendlela noma zinciphise amabhonasi noma zithole ezinye izindlela ezifanele zokwenza umsebenzi? Lutho.
I-Nersa ibheka le ngozi ngokubheka ukuthi izindleko “zenzeke ngendlela efanele” yini e-Eskom ngaphambi kokuvuma ukuthi zikhokhelwe. Yinto enhle leyo uma kukhulunywa nje kodwa iNersa ayinalwazi oluphelele ukukwazi ukwenza lesi sinqumo kahle njengoba nami ngingeke ngikwazi ukukutshela ukuthi zingakanani izindleko ezingagwenywa ngenye inkampani uma kukhona encintisana nabo ngempela.
Yinto futhi engathi shu empeleni ngoba izindleko esezivele zikhokhelwe, umehluko wukuthi kufanele zikhokhelwe ngathengi noma wuhulumeni, okusho abakhokhintela.
Le ndlela yokubheka emuva yenza sengathi amanani awasho lutho endleleni abathengi abasebenzisa izinto ngayo, okusho ukuthi noma ngabe amanani ayimalini kodwa abathengi bazoqhubeka bakhokhe. Ngakho-ke ukukhokhisa abathengi izindleko zangonyaka odlule yinto engakhokhelwa ngamakhasimende namhlanje.
Kodwa leyo nto siyayibona ishintsha. Yize kungancintiswana kangako embonini kagesi kodwa abathengi sebeyakwazi ukukhetha ezinye izindlela, njengokufaka ugesi ophehlwa ngelanga. Izinkampani ezinkulu zakha izindawo zazo zokuphehla ugesi, ngakho njengoba amanani kagesi enyuka ukusetshenziswa kukagesi ophehlwa yi-Eskom kuzoqhubeka nokuncipha.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/25/isazodonsa-kanzima-i-eskom-nokuzozwela-kumakhasimende-kagesi-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Iyodwa kuphela indlela yokulungisa lo msangano – wukuphuthumisa ukuthi kuncintiswane embonini kagesi. Sesivele sibheke lapho njengoba abanezimvume sebekwazi ukwakha izindawo zabo zokuphehla ugesi futhi bawudayisele amakhasimende.
Uphiko lwe-Eskom olusabalalisa ugesi seluzohlukaniswa lubeyinkampani ezimele engakwazi ukuthenga ugesi kunoma wubani oshibhile. Nokho kunemithetho okusadingeka iphothulwe futhi ingqalasizinda kufanele ikwazi ukuxhumanisa abakhiqizi abaningi kunabakhona. Kufanele sigxile kakhulu ekwenzeni loko. Yiyona ndlela esezofinyelela ngayo esigabeni samanani afanele, okumqoka ekukhuliseni umnotho wethu.
Intukuthelo kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngenxa yokubambezeleka kokuqala kophenyo lweKhomishini kaMadlanga ekusebenzeni kwamaphoyisa nasekugxambukeleni kwendlela amacala aphenywa ngayo yinto ecasula inqwaba eNingizimu Afrika.
Kufanele ngabe ikhomishini iyaqhubeka nomsebenzi njengoba inqunyelwe izinyanga ezintathu ukuthi ihlanganise umbiko wokuqala. Okugxilwe kukho yizinsolo zikakhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali u-General uNhlanhla Mkhwanazi ngokuthi kunosopolitiki abagxambukela ezinhlelweni zokuphenya amacala okubulala ahambisana nepolitiki esifundazweni.
Lezi zinsolo zithinta ukusebenza ngokuzimela kwamaphoyisa nokuba wuhlaka abantu abangaluthemba ukuthi lubheke ezobulungisa. Kumqoka ukuthi ziphenywe lezi zinsolo ukuthi abantu baphinde bakwazi ukuthemba amaphoyisa.
Lezi zinsolo seziholele ekutheni izikhulu ezimbili emNyangweni wezobuLungisa, okubalwa kuzona nomqondisi-jikelele u-Advocate Doc Mashabane, zitshelwe ukuthi zingahle zimiswe.
Kuhle ukubona kuthathwa izinyathelo ngokushesha emva komyalelo kamengameli. Yikho kanye esifuna ukukubona kuhulumeni wonke. Uma izisebenzi zikahulumeni zingawenzi umsebenzi kufanele zithathelwe izinyathelo futhi ziphendule ngezinqumo zabo.
Ukumisa abantu kufanele kulandelwe yizinyathelo zokuqondisa ubugwegwe ngokushesha futhi baxoshwe uma kufanele kodwa kuyisiqalo. Sengibhale kaningi kule ngosi ngokumisa abanye abantu kwezinye izinhlaka zikahulumeni ezinyangeni ezimbalwa ezidlule. Sekuqala ukubawumkhuba.
Uma le ndlela yokwenza abantu baphendule iqhubeka, izoqala ishintshe indlela abantu abenza ngayo izinto kuhulumeni.
Kufanele sikushayele ihlombe okwenziwe wumengameli, okokuqala ngokuthi kusungulwe iKhomishini kaMadlanga, okwesibili ngokuthi afune abantu baphendule uma kungenzeki lutho.


