Lo nyaka ubeke isisekelo esihle sokukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
NGATHI ekuqaleni kwalo nyaka, lona kuzobawunyaka wokuhlanganisa izinguquko – izinguquko zikagesi ezisiza ukuqeda ukucishwa kwawo nezinguquko zezokuthutha ezilekelela ukuthi ezokuthutha zingawi. Kubenjalo ngempela.
Lo nyaka ubenezithelo ezinhle ngenxa yokubambisana kwamabhizinisi nohulumeni. Ikakhulu kwezokuthutha nogesi, imboni ezimele igqugquzelwe wukuthi itshale imali futhi kokunye ivele iphethe ingxenye enkulu yengqalasizinda entsha. Ngicabanga ukuthi yinto enkulu lena okufanele siyijabulele ngo-2025, yize kukuningi okunye.
I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikhona ukulekelela ukuthi indawo amabhizinisi asebenzela kuyona iwaseke. Kulo nyaka sigxile ekulandeleleni imizamo yethu yokuxazulula ukucima kukagesi, ukuseka ikomiti elengamele ukuxazulula inkinga kagesi iNational Electricity Crisis Committee nemizamo yethu yokulungisa inkinga yezokuthutha esinqinde amandla ethu okuthuthela izimpahla kwamanye amazwe.
Sithathe nezinyathelo zokuseka ezobulungisa, saxhasa ukwandisa amakhono abaphenyi ukusiza uPhiko lokuShushisa eZweni, abacathulisa onjiniyela komasipala nangengqalasizinda yamanzi. Siseke ne-Operation Vulindlela ngemizamo ehlukene ukuze kuphumelele izinguquko ezinqala, ikakhulu izinguquko ezithinta ama-visa avumela abantu abanamakhono angandile ukuthi bazosebenza eNingizimu Afrika nokusungula i-Trusted Employer Scheme.
Sizikhandlile nokuseka uhulumeni ukuthula imigomo yokuseka izinguquko ezinqala ngokusungula iBLSA Reform Tracker ukugada izinqubo zezinguquko ezingaphezu kweziwu-200.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/29/ukuphuma-kwi-grey-list-kunezifundo-esingazisebenzisa-kwezinye-izinguquko-kuloba-ubusi-mavuso/
Enye into ebeyinhle kubeyi-B20 esibenayo ngokubambisana neBusiness Unity South Africa (iBusa) ebihambisana neG20. Lilonke, iB20 neG20 kube yizinto ezikhangisa iNingizimu Afrika kahle futhi kwayithuba lokutshengisa inqubekelaphambili esibenayo ukuvuselela izinto. Ukuthi iG20 iphothulwe kunenqwaba yezinto okuvunyelenwe ukuthi zizokwenziwa ngokubambisana kwamazwe ahlukene wubufakazi bokuthi uhulumeni wenze umsebenzi oncomekayo.
Siyazi-ke ukuthi lezo zinto kufanele zenzeke esimweni sezombusazwe esinzima nokuthi iG20 ngonyaka ozayo izobe iseMelika kanti sizobona ukuthi loko kuzokwenzeka kanjani. Engingakusho nje wukuthi izingxoxo zethu namabhizinisi aseMelika ziqhubeka kahle.
Ezohwebo enye indawo esisebenzisane kakhulu kuyo nohulumeni. Ukuphazamisa kweMelika ezohwebo emhlabeni kulethe izinto ezintsha. Uhulumeni usuzikhandlile ukuthola amanye amazwe amasha ongahwebelana nawo, ukwenza loku ngokubambisana namabhizinisi ukubona amathuba nokuxoxisana. Siyazibona izithelo zaloku uma sibheka indlela imikhiqizo yethu edayiselwa amanye amazwe eqhuba ngayo.
Ezinye izinguquko ezinqala esizenzile kulo nyaka kubengezemithetho elawula ukubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele, nokwenze kwabalula ukukwenza ngisho nasezingeni lomasipala, kwavula neminyango yeziphakamiso ezintsha okungahle kuphucule indlela izidingo ezihlinzekwa ngayo.
I-BLSA ibambe iqhaza nasekuhlanganiseni eminye imithetho, kusukela kwethinta indlela abantu abakweletelwa ngayo kuye kwethinta izisebenzi. Loku kwenzeke ngezindlela ezihlukene, kusukela kwiNational Economic and Development and Labour Council (uhlaka oluhlanganisa amabhizinisi, izinyunyana, uhulumeni nezinye izinhlaka ezithinteka ekusimamiseni umnotho) kwaze kwafika nakolunye ucwaningo olwenziwe.
Yonke lena yimizamo yokuphucula imigomo enesandla ekuphuculeni indawo amabhizinisi asebenzela kuyona. Lezi zinto zingezinye zezibe zinhle kulo nyaka. Ukuphuma ohlwini iFinancial Action Task Force (iFATF) efaka kulona amazwe ewathatha njengangenayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi, phecelezi i-grey list, ukubuyekeza indlela esikleliswe ngayo uma kubhekwa indlela esiphethe umnotho ngayo, obekuqala ukwenzeka eminyakeni ewu-15 nokuthola inzuzo kwiSabelomali yizinto ezinhle kakhulu.
Iphucukile nendlela amabhizinisi kahulumeni aphethwe ngayo, ikakhulu i-Eskom. Kukona konke loku, noHulumeni woBumbano uqhubekile nokusebenza kanti ubonakala usesimweni esihle kunangonyaka odlule.
Nansi ne-International Monetary Fund isibuyekeze indlela elindele ukuthi umnotho ukhule ngayo njengoba isisukile ku-1,1%, yaya ku-1,3% kulo nyaka kanti ngonyaka ozayo, esikhundleni sango-1,2%, isilindele u-1,4%.
Loku akukabiyilo-2% kuya ku-3% okufanele ngabe sikhula ngawo kodwa akungatshazwa ukuthi lezi zinto ezizuziwe kule minyaka embalwa edlule seziqala ukuthela izithelo kubatshalimali.
Isitatimende esikhishwe yiKhabhinethi ngesonto elidlule sihambisana nezinto ezidingekayo ukuze kubenendawo amabhizinisi angasebenzela kuyona. Ukubambisana kwamabhizinisi nohulumeni okubenomvuzo ngempela ngo-2025 kubukeka kuzozanokuhle nango-2026.
Kuningi engingakusho ngesikulindele ngo-2026 kodwa ngizokuyekela ingosi yokuqala yango-2026. Okwamanje, yisikhathi sokuphumula umuntu ahlale nomndeni nabangani.
Yithuba futhi lokuzihlola nokubanomdlandla wokubhekana nonyaka ozayo. Nibenamaholidi amahle. Ngikubheke ngabomvu ukuhlangana namalungu ethu nabalingani bethu ngonyaka ozayo.


