Kufanele kujatshulwe kubuywe nganeno ngeSabelomali esisanda kuthulwa wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphatha imali ngesinono nokwandisa eyengqalasizinda kuyisisekelo esihle sokutshala imali, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALI sangesonto elidlule size nezinkomba eziletha ithemba kumabhizinisi nasekutshaleni imali kwingqalasizinda. Yize kungaxazululi zonke izinselelo esibhekene nazo kodwa kutshengisile ukuthi siyaqhubeka nokugada indlela esisebenzisa imali ngayo nokuphucula imali esiyisebenzisa kwingqalasizinda, okusiza ukuletha abatshalimali abazimele, iNingizimu Afrika ebadinga kakhulu.

Siyalunga kancane isimo sezimali. Uhulumeni ubonakala uzokwenza inzuzo emalini engenanzalo, okuzoba ngokwesithathu iminyaka ilandelana. Isikweletu sesizoqala sehle. Indlela okuqoqwa intela ngayo iyasebenza njengoba iSouth African Revenue Service (iSars) ingenisa imali engaphezu kwelindelekile.

Kubalulekile loku. Yikona okwenze iS&P yaphucula indlela esiklelise ngayo, kwehla izindleko zokuboleka futhi kwanika abatshalimali ithemba lokuthi iNingizimu Afrika ngeke ibhekane nenkinga yemali. Loku kusimama komnotho yisisekelo sayo yonke into.

Ngizithole ngicabanga ukuthi lokhu nezinye izinkomba ezikwiSabelomali – ukuqala ukwehla kwesikweletu, ukuqoqa intela nendima esikhathuliwe ekulawuleni imboni yezimali nokuphucuka kokusebenza kwamabhizinisi kahulumeni – ukuthi konke kutshengisa ukuthi ukubanohlonze kobuholi kuhulumeni kuthela izithelo.

Asikwazi ukukhohlwa yisimo esibhedayo ebesikusona eminyakeni engaphansi kweyishumi edlule ngesikhathi izikhungo ziwa phambi kwethu, isikweletu sidlebeleka kanti nendlela intela ebiqoqwa ngayo ibingasebenzi. Lesi sabelomali sitshengisa ukuqhubeka kwesinqumo sokukushintsha loko nokufukula abantu abafanele ukuthi baqhubeke nomsebenzi wokwenza kahle umsebenzi kahulumeni. Lona wumsebenzi wokuqikelela ukuthi abantu bayaphendula nokuncoma uhulumeni lapho kunomehluko khona, yize sazi ukuthi kusekuningi okunye okudinga ukwenziwa.

Uma sibheka konke loku, imali ezosetshenziswa kwingqalasizinda iphucukile, okusijabulisayo. Eminyakeni emithathu ezayo, kubhekwe ukuthi kusetshenziswe uR1 trillion ekutshaleni kwingqalasizinda kanti uR340 billion uhlinzekelwe lo nyaka ozoqala.

Ngaphezu kwalokho, umGcinimafa ulindele ukuthi inyuke okokuqala imali yengqalasizinda emva kweminyaka eminingi nokushintsha ukwehla kwemali etshalwayo isuke cishe ku-10% womthamo womnotho yabangaphansi kwango-5%.

Cishe u-40% wale mali uzoqhamuka emabhizinisini kahulumeni ikakhulu i-Eskom neTransnet njengoba ukuphucuka kwendlela osekusebenza ngayo kwenza itshaleke imali kwingqalasizinda kunokudinga ukutakulwa.

UmGcinimafa ugcizelele ukuthi into ebalulekile akusikho ukusebenzisa nje imali kodwa wukuqinisekisa ukuthi imali iya kwingqalasizinda ezokhulisa umnotho nanokuthi kufanele izinga lomsebenzi ligadwe ngendlela efanele.

Lokhu kugxila ezingeni lomsebenzi kunasemthamweni womsebenzi yiyonanto edingekayo. Sesibone kakhulu izibhedlela nemigwaqo okwakhiwe kodwa kwangaqedwa ngenxa yomsebenzi ongahlelwa ngendlela efanele. Okubalulekile wukuthi kungabe lo R1trn uzokwenza amachweba nezitimela okusebenza kahle, ingqalasizinda yamanzi eyanele nomasipala abasebenza ngendlela efanele, izinto ezidingwa ngamabhizinisi ukusebenza nokukhula.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/26/isikweletu-sikahulumeni-sizokwehla-ngor12-4-billion-ngo-2025-26/

Izinkomba ezisaqhamukile zinhle. Ucwaningo lwamalungu eBusiness Leadership South Africa (iBLSA) kwiBLSA Reform Tracker luthole ukuthi cishe abaningi (abasondela ku-2/3) banethemba ngomphumela wezinguquko kulo nyaka ozayo kanti kukhona ababalula ushintsho embonini kagesi njengento ezophucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyona. Leli themba liheha abatshalimali.

Uma abaqashi abakhulu nabatshalimali bebona uhulumeni ugcina izithembiso zakhe kwingqalasizinda, kuphela ukucima ugesi, kuvunyelwa imboni ezimele ibambe iqhaza ekulawuleni amachweba, bayazimisela ukufaka imali ekukhuliseni umsebenzi.

I-Infrastructure South Africa izobanengqungquthela yayo enkulu ekupheleni kwenyanga, okuzohlanganisa uhulumeni nemboni ezimele ukubona amathuba okutshala imali nezindlela zokusebenzisana.

Yize umuntu engazibuza umphumela walezi zingqungquthela ekuqhubekeni komsebenzi, zibalulekile. Ukubona uhulumeni nemboni ezimele ndawonye bezibophezela ezinhlelweni zengqalasizinda kusho ukuhambisana futhi kuletha umgqigqo.

Ingqungquthela kufanele ihlelwe ngendlela yokuthi ilethe izindlela zokusebenzisana ezibonakalayo futhi kungagcini ngokukhulunywa ngezinhlelo kodwa zenziwe. Uma ihlelwe kahle ingasiza ukuveza ukuthi yikuphi lapho imboni ezimele kufanele ifake khona imali futhi kuphuthumise nokubona lapho kufanele kubanjiswane khona nohulumeni.

Lokhu esizama ukukwenza ngokuphatha imali ngendlela okunyusa ithemba, umphumela wakho okuwukwanda kwemali etshalwa emnothweni, okuzokhulisa umnotho, kuncike kwingqalasizinda. Isifiso sokuthi imali elingana no-30% womthamo womnotho itshalwe kwingqalasizinda yinto esisekude nayo futhi kusukela nge-Covid-19, ingaphansi kuka-15%. Kodwa umehluko noma ngabe mncane kangakanani yiwona obalulekile kunezifiso ezinkulu.

Uma uhulumeni ungasebenzisa kahle lo R340bn owabelwe wona kulo nyaka, uma izinkampani zikahulumeni zingenza okuqondene nazo ngengqalasizinda, uma omasipala bengaphucula indlela abayinakekela ngayo futhi bahlinzeke izidingo, imali eqhamuka embonini ezimele izolandela. Lo nyaka ungaba ngozophendula amatafula.

Nokho kukhona okushodayo kwiSabelomali mayelana nokuvikela lezo zimboni okuyizona ezakha amathuba amakhulu omsebenzi futhi ezingenisa intela enkulu. ISabelomali asishongo lutho ngokuzokwenziwa ngokuwa kwezimboni ezibulawa yizimpahla ezishibhile ezivela kwamanye amazwe, esezicekele phansi imboni ekhiqiza izimoto nezinye izimboni.

UmGcinimafa ukhulume ngemizamo oyenza neSars yokulwa nogwayi owumkokotelo kodwa awukhiphanga mininingwane etheni ngendlela okuzokwenziwa ngayo loku. Akukho futhi okutheni okushiwo ukugcwalisa kokushiwo wumengameli eNkulumweni eBhekiswe esiZweni ngokuhlukanisa i-Eskom phakathi ukuze kubenenkampani ezimele yokusabalalisa ugesi. Lo mnyango ubungacacisa izinyathelo ezilandelayo ngendlela le nkampani ezoxhaswa ngayo.

Ukungasho lutho ngalezi zinto kubalulekile ngoba ukukwazi komnotho ukukhiqiza kuyahambisana nengqalasizinda. Ugesi nokuthutha izimpahla ngendlela ethembekile kwenza sikwazi ukuncintisana kwezokukhiqiza bese kuthi izinkampani zokukhiqiza ezisebenza kahle zingenisa intela, okuwumvuzo wokutshala imali kwingqalasizinda. ISabelomali sikhulumile ngokukodwa kwalokhu kodwa sangathi vu ngokunye.

Lilonke, lesi Sabelomali sibambe ngakho futhi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana nethimba lakhe kufanele banconywe ngomsebenzi abawenzayo wokuvuselela izikhungo emva kokugwamandwa kwamandla ombuso. Osekusele manje wukuthi kwenziwe.

Ukwabiwa kwemali akusho lutho ngaphandle kokuthi umsebenzi wenziwe kahle ukuze imali ingamosheki. Abamabhizinisi bakulungele ukubambisana lapho imali namakhono okuqhamuka embonini ezimele kungasiza khona ukuphuthumisa umsebenzi.

Ingqungquthela yengqalasizinda ngenye indlela yokwenza lokhu. I-BLSA izoqhubeka nokugada indlela umsebenzi oqhubeka ngayo ngeziko layo i-Reform Tracker nokuxoxisana ngqo nohulumeni ekugudluzeni izingqinamba eziphazamisa ukutshala kwingqalasizinda.

Uma u-2026 ungaba wunyaka oshintsha izinto lapho ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele kungasheshisa ukutshala imali, singasondela ekukhuleni komnotho okudingekayo ukulwa nokuntuleka komsebenzi. Siyajabula ngeSabelomali sibuye nganeno.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page