Amaselula anendawo ezikoleni kodwa kufanele kulawuleke ukusebenza kwawo, kuloba uJabulani Sikhakhane
AYANDA amazwe afuna ukuvala ukusebenzisa amaselula nezinye izinhlobo zobuchwepheshe (njengama-tablet) ngesikhathi sesikole, ngaphandle uma abafundi bewasebenzisela okubhekene nezifundo.
NaseNingizimu Afrika sekunomkhankaso, oholwa abanye abazali, wokuthi kuvalwe amaselula ngesikhathi sesikole.
Umsuka walesi sinyathelo wubufakazi obukhomba ukuthi abafundi abasenzisa amaselula nama-tablet ngesikhathi sesikole, ikakhulu emakilasini, badala izinkinga futhi nezifundo zibeqa phezulu futhi baphazamise nabanye abafundi.
Lobu bufakazi buveza neqhaza elikhulu lamaselula ekwandeni kokuhlukunyezwa kwabafundi ngabanye; ngokubathumela imilayezo engahambisana nenhlamba noma izithombe eziveza izitho zomzimba zangasese.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/30/abafundi-bafika-enyuvesi-bengacijekile-ngendlela-efanele-kuloba-ujabulani-sikhakhane/
Luningi ucwaningo olukhomba ukuthi abafundi asebencike kakhulu kumaselula bagcina sebengenakuzithemba, abakwazi ukubhekana ngqo nezifundo noma abakufundiswayo ekilasini futhi abangahlangani noma baxoxe nezinye izingane esikoleni bahlale begqolozele amaselula.
Konke loku kudala izinkinga. Kwimfundo, kuvela ukuthi abafundi abasebenzisa amaselula ngokungafanele bayasala kubafundi abawasebenzisa ngendlela efanele. Ngaphandle kwemfundo, abafundi abangaxhumani nabanye bathuntubezeka ikhono elibalulekile empilweni; ikhono lokuxhumana nokusebenzisana nabanye abantu, okuyinto ebalulekile emsebenzini nakweminye imikhakha yempilo.
Konke loku akusho ukuthi amaselula nobunye ubuchwepheshe kufanele akhishwe kwezemfundo. Buningi ubufakazi obukhomba ukuthi kukhulu okungavunwa abafundi nothisha ngokusebenzisa ubuchwepheshe kwezemfundo.
Okokuqala, ubuchwepheshe bungavulela umfundi amathuba okuthola olunye ulwazi olungabawusizo olukhulu ezifundweni zakhe. Njengokuthola izincazelo ezibanzi ngezinye zezinto okukhulunywa ngazo ekilasini. Zingabayimikhakha ehlukene, phakathi kwayo okungabayincazelo esheshe ibambeke kumfundi kunesezincwadini zesikole noma ephuma kuthisha.
Okwesibili, ubuchwepheshe bungabawusizo olukhulu ekuxhumaniseni abafundi bezikole ezisezindaweni zabantu abahluphekayo nabanye abafundi abasezikoleni ezizimele, lapho imfundo isezingeni eliphezulu.
Loku kuxhumana kungenza kubelula kwabanye abafundi ukubuza abangakuqondi kahle ngesifundo esithile. Kubalulekile loku ngenxa yokwanda kwabafundi abanothisha oyedwa ezikoleni zikahulumeni, okwenza abafundi abangasheshi ukubamba isifundo basalele emuva ezifundweni zabo ngoba uthisha engenasosikhathi sokubhekana nabo.
Nokho inhlangano yezizwe i-United Nations Educational Scientific and Cultural Organisation (i-Unesco) ixwayisa ngokuthi ohulumeni kufanele baqaphele uma befuna ukufaka ubuchwepheshe kwezemfundo. Ithi ohulumeni kufanele bacabange ngobuchwepheshe njengethuluzi elingasiza ukusombulula izinkinga ezintathu kwezemfundo.
Eyokuqala, wukwandisa amathuba okuthola imfundo esezingeni eliphakeme kuzo zonke izingane ezweni.
Eyesibili, wukuphakamisa izingabu lemfundo. Eyesithathu, wukunyusa loku ukusebenza kwezinto. Lapha ikhomba ukuthi kukhona izinto ngezemfundo ezingenziwa wubuchwepheshe ukuze uthisha nabafundi babhekane ngqo neminye imikhakha yemfundo.
I-Unesco iphinde ixwayise ngokuthi akulula ukucwaninga kahle ngemiphumela yokusebenzisa ubuchwepheshe kwimfundo ngenxa yesivinini soshintsho lobuchwepheshe lapho kunemikhiqizo emisha unyaka nonyaka.
Ucwaningo lwe-Organisation for Economic Cooperation and Development (i-OECD), inhlangano yamazwe asimeme ngokomnotho, luveza ukuthi abafundi abasebenzisa isikhathi eside ngesikhathi sesikole besebenzisa amaselula nezinye izinhlobo zobuchwepheshe bavame ukusala ezifundweni zabo. Lapha kukhulunywa ngokusebenzisa ubuchwepheshe obungaphathelene nezifundo.
I-OECD ithola ukuthi u-58% wabafundi eFrance bayaphazamiseka ezibalweni uma besebenzisa ubuchwepheshe. Lesi sibalo sinyuka sifinyelele ku-80% e-Argentina, eBrazil, eCanada, eChile, eFinland, eLatvia, eMongolia, eNew Zealand nase-Uruguay.
Ucwaningo lwe-OECD luveza nokuthi u-59% wabafundi emazweni angamalungu ale nhlangano ubika ukuthi awukwazi ukunaka okufundwayo uma kukhona abafundi abalimele amaselula, ama-tablet noma ama-laptop.
Mkhulu umehluko odalwa wuhlobo lobuchwepheshe. I-OECD ibika ukuthi abafundi abasebenzisa amaselula ekilasini yibona okutholakala imiqondo yabo izula ingabhekene ngqo nokufundiswayo.
Kutholakala nokuthi ukuncika kakhulu kumaselula kwenza amaphaphu abafundi ahlale ephezulu (bangahlaliseki) uma iselula ingekho eduze kwabo. Lolu hlobo lwabafundi luvame ukungeneliseki ngesimo sempilo kanti lusheshe luzwele uma luzithola esimweni esinengcindezi.
Yingakho amanye amazwe esethathe izinyathelo zokuvala ukusebenzisa amaselula. I-Finland, imfundo yayo ebekwa phezulu emhlabeni ngokwezinga nemiphumela yayo, ishaye umthetho ngonyaka odlule ovimba ukusebenzisa amaselula, ngaphandle uma umfundi ethole imvume kuthisha.
Nalapha zimbili izizathu ezizovumeleka, ezibhekene nezifundo noma ezempilo yomfundi.
Isinyathelo seFinland silandela eseDenmark neNorway. Amazwe anothile wonke lawa futhi nemfundo yawo isezingeni eliphezulu. Kamuva nje, iFrance isihlongoze ukuthatha isinyathelo esifanayo.
I-OECD ithi ukuvala ukusebenzisa amaselula ngesikhathi sesikole kungabanemiphumela emihle. Nokho le miphumela incike kakhulu ekutheni isikole siyakwazi yini ukwenza abafundi bahambisane nokuvala ukusebenzisa amaselula. Kutholakala ukuthi ezikoleni lapho sekwavalwa khona ukusebenzisa amaselula, u-29% wabafundi usaqhubeka nokuwasebenzisa izikhawu eziningana ngokusuku kanti ingxenye ewu-21% iyakwazi ukuwasebenzisa ngosuku.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika usemkhankasweni wokwandisa ukusebenzisa ubuchwepheshe ezikoleni zawo. Ungqongqoshe womNyango wezeMfundo uNksz uSiviwe Gwarube wathi ngonyaka odlule ama-tablet abalulekile ngoba ayinsiza elekela abafundi ezifundweni futhi abalungiselela ikusasa lapho ukusebenza kwezinto kushintshashintsha ngesivinini.


