UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, ophethwe wuMnu uParks Tau, usukumele olwezimboni, kusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Akuyekwe ukucekela phansi izimboni kungaze konakale kakhulu, kuloba uBusi Mavuso

NOMA yiziphi izifiso iNingizimu Afrika enazo zokuvuselela izimboni zishabalala sibhekile. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele usihole ukushintsha izinto uma uthatha izimboni njengezibalulekile ekukhuleni komnotho weNingizimu Afrika. Uma uhluleka, kunesizukulwane saseNingizimu Afrika esizothwala kanzima.

Ezokukhiqiza zingenisa cishe u-12% emnothweni futhi ziseka imisebenzi yabantu abaqashwe ngokugcwele abangaphezu kwango-1.5 million nenqwaba ezimbonini eziyimixhantela. Nokho siyashabalala lesi sisekelo.

Eminyakeni emibili edlule, iBridgestone nezinkampani eziwu-13 ezikhiqiza izinsimbi zezimoto, zivalile. NeNissan isiyekile ukukhiqiza kuleli zwe, kusele kuphela uphiko lwayo lokukhangisa njengoba idayise ifemu yayo eRosslyn obesekuphele iminyaka engaphezu kwewu-50 yakha amaveni amancane. Ithengwe yinkampani yaseChina iChery.

Izinkinga azipheleli embonini yezimoto. Uma singenza isibonelo esisodwa nje, iBritish American Tobacco ivale ifemu yayo yokugcina ebisisele eNingizimu Afrika ngonyaka odlule.

Ngesonto elidlule iNissan imemezele ukuthi izotshala u$45 million (uR755m) ekukhuliseni umsebenzi eGibhithe, hhayi eNingizimu Afrika, eGibhithe. Leso sinqumo sisho lukhulu endleleni esincintisana ngayo emhlabeni uma kukhulunywa ngokukhiqiza.

UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele ubeyingxenye kahulumeni eyamukela abakhiqizi futhi ubasize baphumelele. Kubukeka sengathi umnyango kangqongqoshe uMnu uParks Tau usuphenduke lowo okungacaci kahle ngawo uma kukhulunywa ngomgomo.

Iziphakamiso ezenziwe ngokufanele kushintshwe ngemithetho esetshenziswayo ukuvulela abantu abamnyama amathuba emabhizinisini i-Broad-based Black Economic Empowerment (iBBBEE) yisona sibonelo esisha saloku.

Sekuphele iminyaka abakhiqizi bekhulisa izimboni eziyimixhantela abangathenga kuzo ezweni besebenzisana nezinkampani zabantu abamnyama ukutshengisa ukuzinikela kwabo ekuletheni ushintsho.

Lezi ziphakamiso zomNyango wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana ungase ubaphuce konke loko ngoba izinkampani eziningi akuzona ezabantu abamnyama ngokuphelele. Loku kuqubula imibizo emqoka:

  • Baphi abadayisi babantu abamnyama okufanele ngabe bebethuthukiswa yonke le minyaka?
  • Ziphi izinkampani zabantu abamnyama okufanele ngabe izikhungo ezifana neSmall Enteprise Financial Agency, iNational Empowerment Fund ne-Industrial Development Corporation ziyazikhiqiza?
  • Kwenzekeni ngohlelo lokukhiqiza osozimboni babantu abamnyama?
  • Iphi imiphumela ephathekayo esiqhamuke ohlelweni lweLocalisation Fund?

Ekucubunguleni imiphumela yomgomo weBBBEE, kufanele iphendulwe le mibuzo. Lokhu kuzosinika isisombululo esiphathekayo kunezinguquko nje esikhaleni ezibeka engozini amabhizinisi aqashe izinkumbi zabantu.

Izinsimbi ezithile ezisetshenziswa ezimotweni azikwazi nje ukuthi zingavele zishintshwe ngoba sekushintsha imithetho yeBBBEE. Ukuthuthukisa abadayisi abasha kuthatha iminyaka, kudingeka bahlolwe, bathole izimvume futhi babeyingxenye yalapho kukhiqizwa khona. Izinhlelo ezixhaswe wuhulumeni kufanele ngabe zikhiqiza izinkampani zabantu abamnyama ezikwazi ukuncintisana. Uma kungenzeki loko, kufanele sibuze ukuthi kubangwa yini?

Kulezi ziphakamiso ezenziwe, abakhiqizi bazophucwa onke amagunya abo okubaneBBBEE futhi kuzokwenzeka khona manje. Libalulekile leli gunya ukuze bathole imihlomulo ethile yentela nokuseka izinhlelo ezithile uhulumeni ozisungulile kule mboni.

Akekho owaziyo ukuthi kuzomelwana kanjani nalesi simo. Amabhodi abaqondisi, iningi lawo asezinkalweni ezihlukene emhlabeni abuka lesi simo futhi asiqhathanisa nokwenzeka kwamanye amazwe. Sifuna iNingizimu Afrika inqobe kulo mqhudelwano.

Ngifisa umNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana usishintshe lesi sinqumo emva kokuthi abantu bephawulile ngenyanga edlule. Loko kuzobayinkomba yokuthi uyakuqonda ukubaluleka kwamabhizinisi nabatshalimali.

Zikhona izinto lo mnyango osuphumelele ukuzenza. I-Automotive Masterplan ingenise abatshalimali njengoba abakhiqizi abanjengeToyota, iBMW neMercedes-Benz bekhulise imisebenzi eminyakeni edlule. Kodwa kufanele kwenziwe ngendlela eyodwa uma kukhulunywa ngemigomo ukuqinisekisa ukuthi abatshalimali bezwa ukhona umnyango obesekayo.

Njengoba kukhona izinselelo ezifana nezokuthutha ezibizayo, ugesi obizayo, ezokuphepha, izimpahla ezishibhile eziqhamuka e-Asia, izimpahla eziwumgunyathi nemithetho engacacile kahle, abakhiqizi banquma kufanele ukuya kwamanye amazwe. IGibhithe yenza basondele emazweni aseNyakatho ye-Afrika nawaseYurophu, umgomo ocacile nohulumeni abangazibekile phansi ngokufuna abatshalimali.

Uhulumeni udinga iqhinga elicacile ukutakula izimboni zethu ngokushesha. Loku kudinga umnyakazo ngokushesha.

Okokuqala, umNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele uhoxise lezi zinguquko oziphakamisile ngeBBBEE, uzibophezele ekusimamiseni umgomo. Ukuletha ushintsho nokuvulela abantu abamnyama amathuba kubalulekile kodwa umgomo awukwazi ukuvele ushintshe nje esikhaleni ezimbonini lapho kuthatha khona isikhathi ukuthuthukisa abadayisi.

Okwesibili, uTau kufanele asungule ithimba elizobika ngqo kumengameli nyanga zonke. Loku ngeke kuxazululwe yizingxoxo nenkampani ngayinye. Sidinga ukubheka ngeso elibanzi izinto eziyizingqinamba bese siqhamuka nesisombululo sikahulumeni wonke ukuzigudluza.

Okwesithathu, ikhabhinethi yonke kufanele iqonde ukuthi ezokukhiqiza ziqondene nawo wonke umuntu. Ugesi othembekile, izindleko zezokuthutha, ukusebenza kwamachweba, ubugebengu nezokuphepha. Zonke lezi zinto zithinta ukukwazi kwabakhiqizi ukuncintisana emhlabeni. Uma ifemu ivalwa, akuyona inkinga yomNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kuphela.

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ihlale ixhumana nabakhiqizi abaningi futhi singazibhala phansi, sizicacise zonke izingqinamba futhi sizethule ehhovisi likamengameli. Asikwazi ukuthula sibukele kuphela izimboni kubesengathi akonakele lutho ngesikhathi neminyango kahulumeni yengeza ezinselelweni zabakhiqizi, esikhundleni sokuzixazulula. Amabhizinisi azosho okufanele kushintshe.

Luphuthuma ngendlela emangalisayo lolu daba. Njalo uma kuphela inyanga kungenzeki lutho, zizokwanda izinqumo eziqhamuka eDetroit, eTokyo, eStuttgart naseShanghai ezizokhetha iGibhithe, iVietnam neMexico esikhundleni seNingizimu Afrika. Azokwanda amafemu azovala, imisebenzi ezophela futhi kuphele nangezimboni eziyimxhantela ebekuthengwa kuzo izimpahla.

Sinabakhiqizi abasekhona abafuna ukuphumelela. Umbuzo wukuthi ngabe uhulumeni uzosebenzisana nabo noma uzobayisithiyo. Kufanele umnyango kaTau useke abakhiqizi ngendlela efanele. Isisekelo sezimboni silele lapho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page