Uhulumeni uwadedelelani amandla awo emsebenzini wokuphehla ugesi ohlanzekile?, kuloba uZakhele Madela
KULELI sonto sibheka izihloko ezimbili ezibeyingqophamlando esigabeni sokugcina salo nyaka embonini yamandla kagesi.
Ungqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa umemezele izinhlelo ezine zokukhiqiza ugesi welanga, phecelezi i-solar photovoltaic (i-solar PV), ngaphansi kohlelo lokukhiqiza ugesi ohlanzekile i-Renewable Energy Independent Power Producer Procurement Programme (i-REIPPP bid window 7).
Izinkampani eziyisikhombisa eziholwa ngamanye amazwe zikhethwe ukuthi yizona ezifanelekile ukufaka izicelo zokwakha ingqalasizinda neziteshi zokuphakela ugesi eziwu$1 billion (uR19bn) zohlelo lokukhiqiza ugesi okwenziwa yimboni ezimele.
Okokuqala, ngoMsombuluko uRamokgopa umemezele ukuqokwa kwezinkampani ezine ezengeziwe ezizokhiqiza ugesi ngokuzimela ngemva kokuphothula izingxoxo zokuthi imali zizoyenza yini nokuthi izwe lizozuza yini.
Uhlelo i-REIPPPP lwangena eNingizimu Afrika ngo-2011 nango-2012. Lwaqala lunesigaba sokuqala, esesibili lwaqhubeka kanjalo, kanjalo. Sikhuluma nje lezi zinhlelo sezisesigabeni sesikhombisa, phecelezi i-bid window 7). Uhlelo lwesikhombisa lwaphuma ngonyaka odlule ukuthi kwakhiwe iziphehlimandla zikagesi ukusiza ukuthenga amandla afinyelela ku-5 000MW amandla kagesi avuselelekayo, ahlanganisa u-1 800MW wogesi welanga i-solar PV nowu-3 200MW womoya osogwini.
NgoDisemba wangonyaka odlule uRamokgopa wamemezela ukuqokwa kwabafaka izicelo zamathenda okukhiqiza ugesi welanga abayisishiyagalombili, owawuzoba wu-1 760MW. Kulandela ukwabiwa kabusha kobuchwepheshe ukusuka ekukhiqizeni ugesi ngomoya osogwini kuya kwi-solar PV njengoba kuhlinzekelwe esicelweni sesiphakamiso somsebenzi ozokwenziwa, umNyango umemezele ngoJulayi ukuqokwa kwabanye abakhiqizi abakhethiwe abayisithupha ngaphansi kwaleli windi lokufaka isicelo ukuze bahlinzeke ngo-1 290MW womthamo wokukhiqiza ugesi ohlanzekile welanga.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/10/ibhodi-ememezele-inzuzo-yase-eskom-ifike-umsebenzi-omningi-usuwenziwe-kuloba-uzakhele-madela/
URamokgopa uqinisekisile ukuthi izicelo zokukhiqiza ugesi ohlanzekile bezihlolwa yikomiti elizimele, okuyilona ebeliqinisekisa ukuthi kukhona okuzozuzwa yizwe. Loku kwenze ukuthi kuphume amathenda amane ukukhiqiza umthamo kagesi welanga owu-890MW.
Izinkampani ezintathu ezizokhiqiza ugesi ohlanzekile yiRed Rocket South Africa, yiRondebosch Solar Park, iSpringhaas Solar Facility 1 neSpringhaas Solar Facility 6, zonke eziseFree State. Eyesine yiCorona Solar PV eseNorth West, ezobe inenkampani i-Engie ozobayinhloko yokukhiqiza. Lezi zinkampani zizotshala uR16bn ngokukhiqiza ugesi ohlanzekile.
Ngalesi simemezelo, inani eliphelele elithengwe ngokwe-REIPPPP Bid Window 7 manje selikhuphuke lafinyelela ku-3 940MW. Umthamo wogesi ohlanzekile usabalele ezinhlweni eziwu-18 zokukhiqiza ugesi ohlanzekile, eziseLimpopo, eFree State, eNorth West naseMpumalanga.
Izinhlelo zihambisana nokuthi kubenengxenye ewu-49% ephethwe ngabantu baseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi abantu abamnyama abasali ngaphandle emnothweni wokukhiqiza ugesi. Abaningi sebenabo ubunikazi babantu abamnyama okuwu-40%. Lezi zibopho zizokwenziwa ngokusemthethweni ngokusebenzisa izivumelwano ezizosayinwa wumnyango nezinkampani ezine.
Ngokombono wokusimamisa umnotho, ukukhiqiza ugesi ohlanzekile kuzodala imisebenzi ewu-4 134 yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngesikhathi sokwakha nesokusebenza.
Izinkampani zibuye zazibophezela ukuthi izinsiza eziwu-41% kuzobe ngezikhiqizwa kuleli zwe, okulingana noR4.4bn ngesikhathi sokwakha noR2bn ngesikhathi sokusebenza.
Kuzobanezinhlelo zokusimamisa umnotho izinkampani ezizotshala kuzo uR163 million, okufaka nokusimamisa amakhono ezinye izinkampani ezweni ezizosebenzisana nazo, imifundaze yabantu abamnyama, izinhlelo zokucija amakhono abantu abakhubazekile nezokulungisa ihlalakahle yomphakathi ngesikhathi sokwakha neseminyaka ewu-20 yokusebenza kohlelo.
Okwesibili uRamokgopa umemezele izinkampani eziyisikhombisa zakwamanye amazwe ezizokwakha umgudu wamandla kagesi neziteshi zokuphakela ugesi obiza u$1bn (okuwuR19bn) zohlelo lokuqala lwangasese.
I-Adani, iState Grid neCobra ngezinye izinkampani ezikhethiwe bese kubakhona namafemu asezwenii asezigabeni ezilandelayo. Ungqongqoshe uthi amafemu endawo azobandakanyeka kwingqalasizinda yokudlulisa ngokuhamba kwesikhathi.
Isimemezelo sibeka izinhlelo zokwandisa ingqalasizinda yokudlulisa ugesi kuleli zwe ukuze kuxhunywe ukuphehla ugesi omusha, okuhlanganisa nogesi ovuselelekayo nengqalasizinda yokuhambisa ugesi ekhona njengamanje.
“Ukudlulisa izimpahla kusaloku kuwumthwalo kuleli zwe kodwa ukungena kwemboni ezimele kubalulekile ukuze kwande okudingekayo,” kusho u-Ramokgopa, ephawula ngokushesha kwezinhlelo kusukela esimemezelweni sokuqala sohlelo ngoJulayi kuya ekukhululweni kwabafake izicelo ngaphambi kwesikhathi ngoDisemba.
Abafake izicelo abayisikhombisa ababeqeshiwe ngaphambilini yi-Adani Power Middle East, yiMomentous Energy Consortium, eholwa yi-Adani Power yase-India, I-AREF Cobra Transmission, eholwa yiGrupo Cobra yaseSpain, Ingqalasizinda yeConsortium Pulse, eholwa yiCeleo Redes yaseSpain, i-EITP Consortium, eholwa yi-Okavango Projects, iState Grid Consortium, eholwa yiState Grid International Development yaseChina, iTransmission Africa Consortium, eholwa yi-China Southern Power Grid International ne-The Hyperion Consortium, eholwa yi-EDF EN South Africa, inkampani yeFrance neNingizimu Afrika.
URamokgopa uthe: “Abafuna amathenda bagunyaziwe ukuthi badlulele esigabeni esilandelayo, esibandakanya iziphakamiso ezinemininingwane nokuhlelela ngaphansi kwesicelo esiwuhlaka seziphakamiso. Ukukhetha kokugcina kuzoncika emphumeleni waloku kuhlola.”
URamokgopa uthe ukunweba ingqalasizinda yokudlulisa ugesi kuyaphuthuma. Ubuyekeze izinhlelo zokukhiqiza ugesi ohlanzekile nokuwusabalalisa eziyisishiyagalombili.
Le miklamo igxile eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa naseNyakatho Kapa, enamandla avuselelekayo kodwa ama-grid abambekile. Enye ewu-1 610MW evela ezinhlelweni eziwu -15 ezisakhiwa kanti kulindeleke ukuthi zaziwe ngonyaka wezimali wango-2026 no-2027.
Sesiphetha, kuzokhumbuleka ukuthi ukungena kwezinkampani ezizimelele ekukhiqizeni nasekuhlinzekeni ugesi akuyona into okufanele singafundisani ngayo ukuthi ingabanemiphumela emihle nemibi.
Abantu abaningi bangasuke bacabange ukuthi kuhle ngoba kutshalwa izimali ezweni lethu kodwa ngakolunye uhlangothi kufanele kungalibaleki ukuthi ikusasa lezwe lethu lisezandleni zabantu ababa izizinda zokukhiqiza nokuhlinzeka ngamandla.
Umbuzo ongaphenduleki uthi kungani uhulumeni wethu uvumela ukuphucwa amandla okuthi ugesi, into ebaluleke kangaka, ungabisesandleni sawo?


