Ngale kokuxoxisana namazwe esihweba nawo, enye into emqoka wukuphucula ezokuthutha njengoba kwenzeka emachwebeni yize izinhlangano ezifana neBhange lomHlaba zingakuboni loku, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Sidinga izinto ezizosisiza ngisho singasabhekene nenselelo yentela ebanjwa ezimpahleni, kuloba uBusi Mavuso

UMNOTHO womhlaba uyasimama uma izinto zicace kahle. Uma kungasenzeki amabhizinisi kufanele ashintshe indlela enza ngayo noma kuphele ngawo. 

INingizimu Afrika izama ukwenza izinto ezimbili. Okokuqala wukuthi kuphinde kubelula ukwazi ukuthi yini ezokwenzeka ngokuxoxisana neMelika ngesikhathi futhi kuzanywa ukuthi kutholakale abantu okuzobanjiswana nabo kwamanye amazwe ukwakha isisekelo sengqalasizinda ezokwenza iNingizimu Afrika ikwazi ukuncintisana ekuhwebeni phesheya. 

Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukuchaze kahle loku ngesikhathi ekhuluma kwi-United Nations General Assembly. Ekhuluma lapho bekuhlangenwe khona mayelana nokuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika neMelika, ucacise izifiso zobudlelwano bethu neMelika, ukugcina nokukhulisa ubudlelwano bokuhwebelana, ukwenza izinkampani ziqhubeke nokuncintisana nokuqinisekisa ukuthi izisebenzi nabathengi emazweni womabili bayahlomula kulobu budlelwano. 

Izinyathelo azimemezele zibalulekile. I-South Africa-US Trade and Investment Forum izokwenzeka kanyekanye nengqungquthela egqugquzela ukutshala imali ngonyaka ozao. I-US Chamber of Commerce izothatha izintambo zokubawusihlalo weB20 kwiNingizimu Afrika, okuzobangenye indlela la mazwe ayisebenzisayo ukuphucula ubudlelwano bokuhwebelana. Zonke lezi zinto zingasisiza sonke ukuthi sihlomule. 

Nokho uRamaphosa kudingeke abhekane neqiniso elibuhlungu. Umgomo wokuhwebelana ongacacile kahle ucekela phansi umnotho emhlabeni, okunemiphumela emibi ekuthuthukiseni izinto. IMelika yilona zwe elikhulu lesibili kwesihwebelana nawo, ilandela iChina. Kepha ukungacaci kwezinto ngemigomo yentela ekhokhiswa izimpahla kuphoqa amazwe afana nawethu ukuthi abheke izimakethe ezintsha ukunciphisa le ngozi.  

Njengoba umengameli eshilo kwiCouncil on Foreign Relations, iNingizimu Afrika imatasa nokuphucula ubudlelwano namazwe ehwebelana nawo emhlabeni. Isimo siyaphoqa, umnotho uyakudinga lokhu. Siyathemba uzwakele umyalezo kaRamaphosa kubalingani bakhe eMelika. 

Thina esisemabhizinisini asikwazi ukulinda izixazululo zepolitiki. Okwenzekayo kuyazwela kakhulu. Sibonile izinkampani zimemezela ukuthi ziyadiliza njengoba zinciphise umkhiqizo ngesikhathi kuma ama-oda. Kufanele sigxile emathubeni esingawavula kwamanye amazwe nokwethula izinguquko ezinqala. 

Yiloku okwenza kufanele sigxile entweni emqoka kakhulu uma sikhuluma ngokuhweba ezweni lethu, okungezokuthutha. Imibiko yeBhange lomHlaba neS&P ephume ngesonto elidlule eklelisa amachweba, ibale amachweba aseNingizimu Afrika namanye alawo abheda kakhulu emhlabeni. 

Kubuhlungu loku kodwa le mibiko ayilubhekanga ushintsho oseluvele lwenzeka. Loku kuklelisa kusuka olwazini olungabheki ukuthi amachweba ethu anemidanti engakanani. Izibalo ezikhona manje zitshengisa izinto zihamba ngomumo ngezimpahla ezithutha ngama-container ngo-2025/26. 

Ichweba laseThekwini elikleliswe ekugcineni emachwebeni awu-403 embikweni weBhange lomHlaba, selisebenza ezingeni lamanye amachweba emhlabeni. Isikhathi esithathwayo kusukela i-container yehliswa emkhunjini kuze kufike lapho ifika khona enkampanini sesinciphile sisuka ezinsukwini eziwu-21, saya kwezimbili kusukela ngo-2023. Akusiko nje ukuphucuka loko kodwa wushintsho olukhulu kakhulu ezindlekweni zokuhweba. 

Ngale kwamachweba, kukhona nokunye okuhle ngezokuthutha. Izimpahla ezithuthwa ngezitimela zinyuke ngo-15%. Olayini emingceleni banciphe ngo-83% kanti isibalo sezimoto ezidlula njalo ngosuku zikhuphuke ngo-13%. Konke lokhu kusho ukuthi izindleko zokuhweba ziyancipha ezinkampanini zaseNingizimu Afrika. Yizinto lezi esezizuziwe ngenxa yokusebenzisana phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni kusetshenziswa ikomidi elengamele ukulungisa inkinga yezokuthutha. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/08/kuyaphucuka-ukusebenza-kwetransnet-ne-eskom/

Imizamo kamengameli inganciphisa intela ekhokhiswa izimpahla ezidayiswa eMelika. Ngisho kungathiwa akwenzeki, siyazama ukunciphisa loku ngobudlelwano obusha namanye amazwe nangokuphucula ezokuthutha. 

Nokho kukhona nokunye esingakwenza ezweni lethu ukuphucula indlela esincintisana ngayo futhi senze ezohwebo zisungule imisebenzi. Ukusebenza kweTransnet kuphucukile, yize umcwaningimabhuku-jikelele ebike ukuthi u-60% wezinto obekufanele zenziwe ukuvuselela izinto ngonyaka wezimali odlule azenzekanga. Izitimela ziphucukile kodwa kusenezinto ezisele. Kulo nyaka silindele ukuthi umthamo othuthwayo ubengaphansi ngo-5%. 

Ngo-Agasti kubenenqubekekaphambili ngenkathi izinkampani eziwu-11 zezitimela, okubalwa neTransnet Freight Rail, ziqokwa ukuthi zihambele imizila ethile, okuzokwandisa ukuncintisana. Ngithemba ukuthi zonke izinkontileka zizophothulwa masinyane  ukuze lezi zitimela ziqale ukusebenza. 

Sidinga ukubona kwenzeka okufanayo emachwebeni. Ukuvumela izinkampani ezizimele zifake isandla kwingqalasizinda yamachweba kuzophucula izinto futhi kwandise ukuncintisana. 

Intela ebanjwa ezimpahleni yiMelika isimosile kodwa esikwenzayo ukuphucula ezokuthutha nokuxoxisana namanye amazwe kuzosisiza futhi kungakhathaleki ukuthi ezombusazwe zisiphatheleni ngomuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page