UMnu uNsikayezwe Sithole, isikhulu esiphezulu seNsikayezwe Management Consultancy futhi obambe njengesikhulu esiphezulu seBoxing South Africa

Isithombe: Sithunyelwe

Owaqala uhambo lwakho ngendlela ‘edelelekile’ usewumeluleki wezinkampani ezinkulu nomasipala. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKUSHO lutho ukuthi umuntu uqale kuphi futhi kanjani kodwa okumqoka wukuthi angakhohlwa wukuthi uphokophele kuphi ngoba ziningi izindlela zokufeza iphupho.

Lena ngenye yezinto ezibusa uMnu uNsikayezwe Sithole, osanda kuqokwa njengesikhulu esiphezulu esibambile seBoxing South Africa (iBSA).

USithole, oyi-accountant ngokokuqeqeshwa, uyisikhulu esiphezulu seNsikayezwe Management Consultancy, inkampani elekelela izinkampani zikahulumeni nezizimele ziphathe ngendlela efanele, ziqhamuke namaqhinga ezizowasebenzisa nezindlela ezintsha zokwenza umsebenzi.

Ubuye ahlale kwinqwaba yamabhodi ezinkampani, njengeBSA, nasemakodini okucwaninga amabhuku komasipala abahlukene. Akagcini lapho njengoba efundisa emanyuvesi amabili, lapho efundisa khona izifundo zebhizinisi.

Wenza zonke lezi zinto nje uSithole, ukuqala kwakhe ukuqeqeshwa uma eqeda umatikuletsheni wafunda eMfolozi FET College, lapho enza khona i-National Diploma in Financial Management. Namuhla usezuze le mpumelelo nje, uthi nakuba amaFET (Further Education) College ebukelwa phansi kodwa yena iyodwa into eyayimbusa ngenkathi efunda khona. “Ngisanda kubhala nje ngithi kubantu ‘yiba nesineke ngombono wakho’. Asifani futhi asiqhamuki ezindaweni ezifanayo. Mina ngangazi ukuthi ngiyaphi, yize ngangifunda eFET.

“Uma ufunda eFET kumele uhambe uyoqeqeshwa njengethwasa izinyanga eziwu-18 wenza i-in-service training ngaphambi kokuphothula izifundo zakho. Loko kwasho ukuthi mina ngiqala ukusebenza ngimncane njengoba ngangineminyaka ewu-19 futhi ngaleso sikhathi izinyanga eziwu-12 zokuqala wawungaholelwa. Ngangisizwa wumama ngemali yokugibela kodwa emva kwaloko ngaqashwa ngayi-trainee accountant ngoba ngase ngingaqasheka ngenxa yendlela okuqeqeshwa ngayo eFET,” kukhumbula yena.

USithole, oneminyaka ewu-36, udabuka eMnambithi, KwaZulu-Natali, nokuyilapho efunde khona nesikole. Ukhule efisa ukuba wumabhalane ngenxa yokuthi wayethi uma efunda amanoveli, omabhalane babeyinto enkulu. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wezwa ngabantu okuthiwa ama-chartered accountant, wayesegajwa wuthando lokuba yiyona.

Nokho wagcina efundile ukuthi ubanzi lo mkhakha futhi awudingi ukuba yiCA ukuze ube yi-accountant. Uqhube izifundo zakhe e-Unisa wenza i-BCom, egxile kwi-Internal Auditing. Ukuze abe yi-accountant ngokugcwele wenze i-Post Graduate Qualification in Professional Accountancy kwiSouth African Institute of Professional Accountants.

Uthi yonke le misebenzi ehlukene ayenzayo ihambisana nento ambuleleka yona ngo-2009 eqala ukusindiswa. Mlalele echaza.

Ekuboneni ukuthi umsebenzi wakhe uzogxila ekulekeleleni abantu, wabona isidingo sokuthuthukisa ulwazi lwakhe, nokungakho aqhuba izifundo zakhe. Une-Master’s in Business Administration ne-Post Graduate Diploma in Business Management and Administration zaseStellenbosch University. 

Njengomuntu osebenza nosomabhizinisi, uSithole uhlale ebakhuthaza ukuthi babe nesineke. “Umuntu owusomabhizinisi kumele aqonde ukuthi awuvele uvuke ekuseni ngakusasa sekumnandi konke. Yinto okumele ube nesineke nayo le yokuzisebenza ngoba ukhumbule ukuthi uthi uqala usuke (usukhethe) ukuthi awuzukuba nawo umholo ngenyanga. Yingakho ngiyaye ngithi yenza into oyithandayo ukuze noma izinto zingakalungi kodwa ungayeki, uloku uqhubekile. Awuvele kuse usuphumelele ngaphandle-ke uma uganga.”

Uthi uhulumeni kumele alekelele ngokuxhasa osomabhizinisi ngemali, ukuhlinzeka ngengqalasizinda nangemigomo efanele. Uthi okunye okumqoka wukuthi uhulumeni kumele ugqugquzele ukuthi kwesekwe osomabhizinisi ngokuthi kuthengwe kubo.

Kusukela eqala ukusebenza uSithole wasebenza kumasipala njengoba namanje esemakomidini lapho elekelela khona, ikakhulukazi lawo okucwaninga amabhuku. Muzwe echaza ngokufanele kulungiswe komasipala.

Uthi kufuneka ukuthi kuqashwe abantu ngokwazi umsebenzi, hhayi nje ukuthi ungowaliphi iqembu lepolitiki.

Ephawula ngombiko wemali, uthi akwanele ukuthola umbiko ongenagcobho kodwa intuthuko ibe ingabonakali.

Njengoba uSithole evume ukubamba izinyanga ezintathu eyisikhulu esiphezulu seBSA, uthi kuyisifiso sakhe ukuthi umdlalo wenqindi uphinde ube nedumela ngendlela owawaziwa ngayo ngezikhathi zoDingaan “The Rose of Soweto” Thobela noJacob “Baby Jake” Matlala.

Nokho le nhlangano engamele isibhakela, njengezinye izinhlangano ezengamele ezemidlalo eNingizimu Afrika, inezinselelo eziningi futhi osekuyiminyaka zikhona. Yini le ayithembile uSithole?

“Ngiyilo muntu othi ‘nginike noma yini osekungathi iyawa ngibone ukuthi ngeke yini ngiyivuse,’” kuphetha yena.

Okunye ngaye:

  • Uphumula ngokubuka amafilimu aseNollywood nokuvakashela ulwandle;
  • Ukhonze isigwaqane nenhloko;
  • Uwumlandeli weKaizer Chiefs;
  • Uthanda umculo wokholo;
  • Ukhonze izincwadi ezikhuluma ngobuholi njengezikaMyles Munroe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page