Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNomfundo ‘uMoh’ Ngcobo, umculi we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Phakade Lami

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni uma ngingenzelwanga umphako.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale ngo-2018 sengenza unyaka wokuqala e-UKZN. Ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi iyasetshenzelwa. Ngiyakhumbula sengifunda amabanga aphezulu ukuthi kwakuba nezinto ezenziwayo ezazidinga imali, ezinye zazo engangikwazi ukuba yingxenye yazo ngenxa yesimo engikhule ngaphansi kwaso.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Ngo-2017 ngiqeda umatikuletsheni ngabamba itoho ePick n Pay. Umholo wami wokuqala kwakuwuR4 000.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathatha ingxenye yawo ngayinika umama ukuthi abone ukuthi wenzani ngayo, ngase ngithatha enye ngathenga amabhodwe nezinye izinto ezincane engangizozidinga uma sengiya enyuvesi.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuzithengela umakhalekhukhwini, ikakhulukazi ngoba isikhathi esiningi bengihlale ngisebenzisa engiwuphiwayo, nokuba wusizo ekhaya uma kukhona okudingekayo.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthi uma ngisezitolo ngigcine ngithenga izinto engingazidingi, ukuthanda ukungcebeleka nokuba nenhliziyo enhle kuze kweqe. Kodwa-ke ngifundile kulawomaphutha.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Yebo, kwakuwu-2019 uma ngingaphosisi. Ngafaka uR250 kuleli likaWhatsApp, wacwila kanjalo. Angiphindanga (ngazifaka) ezintweni (ezinjalo).

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi ngaphambi kokuyisebenzisa kumele uqale uzibuze ukuthi uyidinga ngempela yini le nto ofuna ukuyenza ngayo? Loko mina kungisiza kakhulu ekutheni ngingagcini ngisebenzisa imali ezintweni ezingenasidingo

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Into yokuqala engingayenza wukwakha umuzi omuhle wasekhaya bese ngibona okunye.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abagweme ukusebenzisa imali ezintweni ezingenasidingo, bayeke nokwenza into ngoba befuna ukuthandwa ngabanye abantu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page