UMnu uMabhoko Mabotja weMabhoko’s Farm yasePolokwane, eLimpopo

Izithombe: Zithunyelwe

Usizwe yisibindi owashiya umsebenzi wayolima. Namhlanje izinto ziyamchuma kwezolimo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UMLIMI waseGa-Mashashane, ePolokwane, eLimpopo, uchaze ezolimo njengomkhakha odinga ukubekezela nokusebenza kanzima ngaso sonke isikhathi ukuze uchume kuwo, umlimi ongene kule mboni ekhuthazwa wumngani wakhe wasekolishi.

UMnu uMabhoko Mabotja wumsunguli weMabhoko’s Farm, inkampani ekhiqiza amaveji futhi ifuye izinkomo, izimvu, izingulube nezimbuzi epulazini lomhlaba awushiyelwa wumkhulu wakhe.

UMabotja uthi ngaphambi kokungena kwezolimo nokufuya ngo-2016, ubethenga imfuyo njalo ngenyanga ngemali yomholo waseNetcare, eRoodepoort, eGoli, eGauteng, lapho ayesebenza khona engakabi wumlimi.

“Ontanga yami babethengana nezinto ezibizayo bengihleka ngokungenzi njengabo kodwa ngoba ngangazi ukuthi ngifunani empilweni. Akungihluphanga ababekwenza kimina.

“Uthando lwami lwezolimo lwafakwa wukujwayela kwami ukuvakashela epulazini lakubo kwamngani wami wasekolishi eliseNorth West. Ngaqala kancane ngithenga izimbuzi nezimvu ngomholo wami nyanga zonke,” kulanda yena.

UMabotja waqala ngezimbuzi kancane kancane

Manje usedayisa umkhiqizo wamaveji akhe eGosiame Wholesalers nakwezinye izitolo zasePolokwane. Udayisa izinkomo nezimvu ezindalini zemfuyo. Udayisa izimbuzi kubalimi abasafufusa bese edayisa inyama yezingulube ngakubo.

Uthi bekungelula ukukhulisa iMabhoko’s Farm ebe esebenza, kangangokuthi imfuyo ibifa ngapha nangapha inganakwe muntu, waze wanquma ukusula emsebenzini ukuze agxile ebhizinisini ngokugcwele.

“Ngenkathi ngishiya emsebenzini ngathola imali yami yokusula, ngayithatha ngathenga enye imfuyo eningi,” kusho uMabotja.

Nalapho futhi kuphinde kwanzima sekubheduke iCOVID-19 eholele kwi-lockdown, waphinde washayeka futhi ebhizinisini, nokuphoqe ukuthi aqhamuke nenye indlela yokungasali endleleni.

“Nganquma ukuvula isitolo eTurfloop lapho engidayisa khona amaveji. Manje njengoba nemithetho ye-lockdown isixegisiwe nje, ngikwazile ukubuyisa imali eyangilahlekela kusavalwe izwe,” kusho yena.

Ngemva kokuqala ngemfuyo, iMabhoko’s Farm isichume yaze yengeza amaveji

Uthi eminyakeni edlule uke wantshontshelwa izimbuzi eziwu-40 zayodayiswa kwelinye ipulazi eBela-Bela, eLimpopo, kodwa ngenhlanhla wavula icala zabuya zonke.

“Ngikholwa wukuthi uhulumeni kumele ulwe nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo ngoba baningi abalahlekelwa yimfuyo kungabi ndaba zalutho,” kusho yena.

Phezu kwazo zonke lezi zinkinga, uthi akaziboni eshiya phansi ukulima nokufuya. Ukhuthaza abafuna ukungena kule mboni ukuthi babe nesibindi futhi bangesabi ukulandela ubizo lwabo noma into abayithandayo.

Facebook: Mabhoko S Farm

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page