UZinhle Madela wumculi we-Afro-pop, isishoshovu samasiko esiNtu nomphathi wenkampani yobuciko iHeArt Prints

Usemncane wawuphiwa imali?

Ngangiyithola impela kanti yileyo ndlela engaba nabangani abaningi ngayo. Umama wayewumhlengikazi kanti uR2 enganginikwa wona ngisesesikoleni samabanga aphansi wawuyimali enkulu. Ngangikwazi ukuthenga izinto ezimbili ngesikhathi sekhefu, ngiphinde ngithenge futhi uma sekuphume isikole. Isiqeda, ama-chips, isixavathi, imvuthu, iyobo, i-ice block nokunye okuningi. Konke kwakubiza u-50c ngaleso sikhathi.

Usungule isikole esifundisa ngokumodela ofuna ukukhuthaza abantu ukuthi bathande imizimba yabo. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

ABAFUNDI abaningi abasezikhungweni zemfundo ephakeme bahlale bematasa nezifundo zabo futhi balungiselela nezivivinyo. Kodwa kukhona umfundi ohlukile kontanga yakhe. Usheba izifundo nokukhulisa ibhizinisi, okuyisikole esifundisa ukumodela.

UXolile ‘uZion’ Vilakazi wumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani yezobuciko Usiba Media. Useke wahaya izinkondlo zakhe eNingizimu Afrika naseSwatini. Unencwadi ethi Intaba YaseSiyoni Yokuqala

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo. Ngangiphiwa imali ngoba ngangingakuthandi ukudla. Umama wayengipha uR5 noma uR2 uma ngiqeda ukudla. Ubaba wayevame ukungipha imali eningi, ikakhulukazi ngenkathi sengenza uGrade 7. Wayenginika imali ethi ayibe la kuR1 000. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngelinye ilanga umama wanginika imali ngaqala ngayo ibhizinisi, ngithengisa ugwayi, ngaphinde ngenza imali ngokulanda izingane enkulisa, abazali balezo zingane babengikhokhela uR5 (ngesonto).

Abantu kumele bangacabangeli inamhlanje kuphela uma sebeya empeshenini ngoba kulula ukuthi imali isheshe iphele. USLINDILE KHANYILE uyabika

ABANTU abaningi abasuke sebethatha umhlalaphansi eNingizimu Afrika bakhetha uhlobo lwempesheni oluthembele kakhulu ekutheni kwenzakalani ezimakethe zemali ngoba basuke becabangela imanje kunokubheka okuzobasiza ngomuso futhi kuqinisekise ukuthi banempesheni ezobanakekela impilo yabo yonke.

Ukhuliswe yinto engathathwa njengemqoka ekuphatheni amabhizinisi olawula enye yezinkampani zabesifazane ezinkulu eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISELULEKO asinikwa wuthisha wasenyuvesi esamkhuthaza ukuthi angazishintshi into ayiyona okungukuba wumuntu olungile futhi ozothile yisona asisebenzisa ukuthi akhule emkhakheni wokwelapha abantu ngomphefumulo nangengqondo, i-psychology.

Uvala igebe embonini yezimali ogxile enkampanini elekelela osomabhizinisi abaphila ngamathenda kahulumeni ukuthi bangawi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWAKUMKHATHAZA ukuzwa inzalo emba eqolo abantu abayikhokhiswa ngomashonisa. Okunye obekumphatha kabi wukuwa kwamabhizinisi abantu abamnyama abathembele kakhulu ekutholeni umsebenzi kuhulumeni ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi noma ngenxa yokuthi uma sebekhokhelwe imali eningi igcina iphelele komashonisa.

Kunezigidi zokuvuselela umnotho kodwa umphakathi kumele ukuqonde ukuthi ukucekelwa phansi kwengqalasizinda kwenza izwe ligidagide ndawonye. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzohlinzeka ngoR38.5 billion amabhizinisi nezakhamuzi ngezindlela ezihlukene ngenxa yezibhelu zokutapa ezibheduke KwaZulu-Natali nakwezinye izindawo zeGauteng emasontweni amathathu edlule.

Inkolelo yokuthi abantu kufanele badle zikhathi zonke futhi badle okuhambisana nesikhathi esithile kwenze wasungula ibhizinisi lokudla. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

“NSUKU ZONKE abantu kumele badle, kungaba yisekuseni, yisemini noma ebusuku. Zonke izinsuku nangazo zonke izimpelasonto, umuntu egubha into ethile kungaba wusuku lokuzalwa noma okuthile akuzuzile, konke lokho kudinga ukudla, ikhekhe nesiphuzo esizohambisana nakho.”

Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.

Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika

“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”

Uhlangane nezimonyo ngendlela, wazifundisa ngazo, lwakhula uthando oseluzale ibhizinisi lemikhiqiziso esidayiswa nakwamanye amazwe. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UMUNTU nomuntu ube nephupho kodwa ubizo lwakhe ngeke alubalekele. Kube njalo nakumphaquli wobuso futhi onebhizinisi lezimonyo waseMlaza, eThekwini. Wafundela omunye umkhakha ukufeza iphupho lakhe kepha namuhla usengene shi emkhakheni ohlukile kunalowo awufundela esikoleni.

Kuleli sonto usaziwayo wuGubhela, ogama lakhe langempela wuNduduzo Mkhize. Uwumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomhleli wemicimbi yobiciko ngaphansi kwenkampani yakhe iGubhela Brands. Ngo-2019 uhlabane ngendondo ye-Best Poet kumaSATMA Awards.

Usemncane wawuphiwa imali?

Lutho! Ngangingayiphathi ngisho nasesikoleni; kangangokuthi ngisho nabangani engagcina ngijwayelana nabo esikoleni ababenjengami, mina nabo sasingenayo imali njengezinye izingane esikoleni.

Izibhelu nokutapa kushabalalise amabhizinisi abadayisi basemgwaqweni asekhulise, afundisa izizukulwana. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMUNYE wabadayisi basemgwaqweni onetafula esangweni lokuphuma eSiyaya, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, useneminyaka ecela ku-35 ondla umndeni wakhe ngalo njengoba edayisa amaveji kulona.

Usizi losomabhizinisi abancane, indlala, ububha nokuntuleka kwemisebenzi kusazothi bhe eNingizimu Afrika. USLINDILE KHANYILE noSIMANGALISO NTSHANGASE bayabika

KUSENZIMA nokuchaza kahle ngobukhulu bomonakalo owenzeke kugqekezwa isakhiwo sebhizinisi labo lokuhlanza amanzi bese bewakhiqiza esewuhlobo lwe-still ne-alkaline kuMnu uMondli Xaba waseRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natali.

Owaqala ezithungela izingubo ngoba engenayo imali yokuzithengela umswenko usethunga imisiko edle ngokukhanga nokuhluka. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBUHLUNGU bokungakwazi ukuthenga ingubo entsha yokuya emcimbini yinto abanye abantu besifazane abake babuzwe. Kokunye basuke bengenamali yokuthenga kanti kwenye inkathi wukuthi izimpahla ezikhona aziwufanele umcimbi abamenywe kuyona.

INYANGA yentsha siyisonga ngomuntu omusha osanda kusungula ibhizinisi lamakhekhe elihlukile njengoba lihambisana nezipho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ULULEKWE wuyise ukuthi akangapholisi maseko ngokuqala ibhizinisi ngoba usezibonile ukuthi unothando lwalo. Le ntokazi isilandelile lesi seluleko njengoba isinenkampani ethi yona nakuba ineminyaka ewu-17.

Ukuthola abaSamariya abalungileyo ezinkundleni zokuxhumana kumsizile wavuselela ibhizinisi lakhe umlimi osafufusa owacishe waphonsa ithawula evuka imfuyo yakhe ilele izigingqane. Uxoxe noZANELE MTHETHWA

WACISHE wadikibala waphelelwa wumdlandla webhizinisi umlimi osemncane osezakhele udumo ngokudayisa izinkukhu. UNksz uSne Ngubane usephenduke iqhawekazi nesibonelo entsheni yangakubo eKuthukuzeni, eManguzi.

Kukho konke akwenzayo ugqugquzelwa wukuletha uguquko ezinhlakeni zomnotho njengoba ethi umthetho weBEE uyabatotosa labo okumele badedele amatomu omnotho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngeBEE, ubuholi nokunye

ESEPHOTHULE umatikuletsheni wathola itoho lokuba wumabhalane nelokuba wuthisha ukuze ezoqongelela imali yokuya enyuvesi. Kubangani bakhe abase bevele besenyuvesi kukhona ababemxoxela ngendlela i-Accounting elikhuni ngayo futhi babethi akekho ophothula iziqu zakhona ngesikhathi esibekiwe okuyiminyaka emithathu.

Engosini lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali, namhlanje sinomlingisi uFundiswa Zwane, oseke walingisa kwi-Generations, Imbewu: The Seed neminye. Unebhizinisi leziqholo iCamagu by Fundi Zwane

Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Yebo. Ngisemncane abazali bami babenomusa ngendlela ababengeseka ngayo kwezezimali. Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange? Ngavula i-akhawunti yami yokuqala ngenkathi sengizohamba ekhaya ngiphikelele enyuvesi. Uma ucabanga … Read More

Bahlanganiswe wubungani, nokuthe uma kufika umqondo webhizinisi banquma ukulisebenza ndawonye. Manje basezinhlelweni zokuvula amagatsha ezweni lonke. Omunye wabo uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBUNGANI babo nothando lwezinto ezifanayo yikona okwenze ukuthi izinsizwa zaseThekwini zisungule ibhizinisi lokuwasha nokunakekela amateku nezicathulo elikhula ngamandla.

Lolu qweqwe lukasomabhizinisi lufakazela isisho esithi ubudoda abukhulelwa. Nakuba esemncane kodwa uwumakadebona emkhakheni wamabhizinisini. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

KUNEZINTO ezimbalwa eziqapheleka ngesikhulu esiphezulu senkampani egxile kumshwalense nezemfundo. Okokuqala wukuthi ibhizinisi lisegazini kuye. Okwesibili wukuthi unothando lwento ayenzayo. Okwesithathu, nokumqoka, wukuthi uyivulandlela endleleni yokuphatha ibhizinisi, phecelezi i-innovator. Okokugcina wukuthi uyakholelwa emandleni abantu abamnyama ebhizinisini.

Kuleli sonto sinethulela ingosi entsha lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali. Namhlanje sinoNkosinathi ‘Dr Love’ Mshengu woKhozi FM. UMshengu uphinde abe wumphathi wenkampani yezokwakha Umshiza Holdings

Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Ngenxa yokuthi umama ubesebenza emajalidini ehlala kude nami, kwangiphoqa ukuthi ngisheshe ngizifunele amatoto. Ngaleyo ndlela umama wayebhekana nezidingo zesikole, engingabala kuzona umfaniswano wesikole nokunye. Ngagcina … Read More

Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

LANGA limbe esafunda isikole samabanga aphezulu eduze kwalapho ayefunda khona kwakwakhiwa inxanxathela yezitolo entsha eduze omfula.

Uwumakadebona emabhizinisini njengoba esesungule amabhizinisi emikhakheni ehlukene. Manje usesabalalele kwezokuvakasha. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO ngohambo lwakhe

ESAQASHIWE wayesebenzela isikhondlakhondla esikhiqiza izimpahla ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ngabathengi, i-Unilever. Kodwa nangaleso sikhathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyophuma ayozimela ngoba uthando lokuzisebenza lwaqala esemncane.

Ukubalekela ukubhuquza ekhaya ngenkathi esafuna umsebenzi kwamenza wachitha isizungu ngokubhaka. Umndeni nabangani bameluleka ukuthi aqale ibhizinisi lokubhaka. Manje lisimama wena owabona inhlama ikhukhumala. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UQALE ukubhaka ngoba echitha isizungu emva kokungawutholi umsebenzi eseqede ukuqeqeshwa. Wayenzela umndeni nabangani bakhe nobekuthi uma bemncoma bavele bamkhuthaze ukuthi akawadayise amakhekhe ngoba ehla esiphundu.

Ukubona unina ehluphekela ukuthola incwadi yolimi lwebele angayifunda kwamkhuthaza ukuthi kungabi yiBhayibheli nezincwadi zesikole kuphela okubhalwe ngolimi lwakhe. Uxoxe noLUCAS LEDWABA ngohambo lwakhe

UMLOBI, umsunguli wephephandaba nesishabasheki sezilimi zomdabu sikholwa wukuthi nakuba ubandlululo lwaluyinto embi kodwa lwalunakho okubili okuthathu okuhle.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page